ImiBhalo eNgcwele
Alima 29


Isahluko 29

U-Alima ufisa ukumemezela ukuphenduka ngomfutho wezingelosi—INkosi inika izizwe zonke abafundisi—U-Alima uthokoza ngomsebenzi weNkosi kanye nempumelelo ka-Amoni kanye nabafowabo. Cishe ngonyaka wama 76 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 O Ukuba bengiyingelosi, futhi ngithole isifiso senhliziyo yami, sokuthi ngihambe ngikhulume ngecilongo likaNkulunkulu, ngezwi lokunyakazisa umhlaba, futhi ngimemezele ukuphenduka kubo bonke abantu.

2 Yebo, bengizomemezela kuyo yonke imiphefumulo, ngezwi okungathi elokuduma, ukuphenduka kanye nesu lokukhululwa, ukuthi mabaphenduke futhi abeze kuNkulunkulu wethu, ukuze kungabe kusababikho usizi phezu kobuso bonke bomhlaba.

3 Kodwa bheka, ngingumuntu, futhi ngiyona ngokufisa kwami; ngokuba kumele ngeneliseke ngezinto iNkosi engabele zona.

4 Angifanele ezifisweni zami ngishintshe isimemezelo esingenakuguqulwa sikaNkulunkulu wokulunga, ngokuba ngiyazi ukuthi wabela abantu angokufisa kwabo, noma ngabe kuholela ekufeni noma ngabe kuholela ekuphileni; yebo, ngiyazi ukuthi uyababela abantu, yebo, umemezela kubo izimemezelo ezingenakuguqulwa, ngokwe bzifiso zabo, noma ngabe ngezokusindiswa noma ngezokonakaliswa.

5 Yebo, futhi ngiyazi ukuthi okuhle nokubi kuze phambi kwabo bonke abantu; lowo ongakwazi ukwehlukanisa okuhle kokubi akanacala; kodwa lowo aokwaziyo okuhle nokubi, kuye kunikwa ngokwezifiso zakhe, noma ufisa okuhle noma okubi, ukuphila noma ukufa, injabulo noma ukudliwa bngunembeza.

6 Manje, ngokubona ukuthi ngiyazazi lezi zinto, kungani ngifisa okungaphezulu kunokuba ngenze umsebenzi engibizelwe kuwo na?

7 Kungani ngifisa ukuthi ngibe yingelosi, ukuze ngikhulume kuyo yonke imikhawulo yomhlaba na?

8 Ngokuba bheka, iNkosi inika azonke izizwe, ngokobuzwe bazo kanye bnangolimi lwazo, ukuthi zilifundise izwi lakhe, yebo, ngokuhlakanipha, konke lokho cakubona kufanelekile ukuthi zibe nakho; ngakho-ke siyabona ukuthi iNkosi iyala ngokuhlakanipha, ngalokho okulungile futhi okuyiqiniso.

9 Ngiyakwazi lokho iNkosi engiyale ngakho, futhi ngiyathokoza ngakho. aAngithokozi ngokwami, kodwa ngithokoza kulokho iNkosi engiyale ngakho; yebo, futhi lokhu kungukuthokoza kwami, ukuthi mhlawumbe ngibe ngosetshenziswa nguNkulunkulu ukuthi ngilethe umphefumulo othize ekuphendukeni; futhi lokhu kuyinjabulo yami.

10 Futhi bhekani, uma ngibona abaningi babafowethu bedabukile ngeqiniso ngokona, futhi beza eNkosini uNkulunkulu wabo, uma kunjalo umoya wami ugcwala injabulo; bese ngikhumbula alokho iNkosi engenzele khona, yebo, ngisho nokuthi iwuzwile umkhuleko wami; yebo, bese ngikhumbula ingalo yayo enesihawu engelulele yona.

11 Yebo, futhi phezu kwalokho ngikhumbula ukuthunjwa kobaba bami, ngokuba ngempela ngiyazi ukuthi aiNkosi nempela yabakhulula yabakhipha ebugqilini, futhi ngalokhu yalimisa ibandla layo; yebo, iNkosi uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, kanye noNkulunkulu kaJakobe, nempela yabakhulula baphuma ebugqilini.

12 Yebo, yilokhu ngakukhumbula njalo ukuthunjwa kobaba bami; futhi nalowo Nkulunkulu kanye aowabakhulula baphuma ezandleni zamaGibithe nempela wabakhulula baphuma ebugqilini.

13 Yebo, futhi yena kanye lowo Nkulunkulu nempela walimisa ibandla lakhe phakathi kwabo; yebo, futhi yena kanye lowo Nkulunkulu wangibiza ngobizo olungcwele, ukuthi ngishumayele izwi kulaba bantu bakhe, futhi unginikeze impumelelo enkulu, kuyo ainjabulo yami igcwele.

14 Kodwa angijabuli ngempumelelo yami kuphela, kodwa injabulo yami igcwele kakhulu ngenxa ayempumelelo yabafowethu, ababekade besezweni likaNefi.

15 Bhekani, basebenze kakhulu, futhi baletha izithelo eziningi; futhi iyoba nkulu kangakanani inzuzo yabo!

16 Manje, uma ngicabanga ngempumelelo yalaba bafowethu umphefumulo wami uyathatheka, ngisho kuze kube sengathi uhlukaniswa nomzimba wawo, injabulo yami inkulu kakhulu.

17 Manje uNkulunkulu sengathi angabanika, laba bafowethu, ukuthi bahlale phansi embusweni kaNkulunkulu; yebo, futhi ngokunjalo nabo bonke labo abayizithelo zokusebenza kwabo ukuze bangabe besaphumela ngaphandle nanini, kodwa ukuthi bamdumise ingunaphakade. Futhi sengathi uNkulunkulu angenza ukuthi kwenzeke njengokwamazwi ami, ngisho nanjengoba ngikhulumile. Amen.