ImiBhalo eNgcwele
Alima 25


Isahluko 25

Uchuku lwamaLamani luyanda—Inzalo yabaphristi baNowa iyafa njengoba u-Abinadi aphrofetha—Amaningi amaLamani ayaphenduka futhi ahlangana nabantu baka-Anti-Nefi-Lehi—Bakholwa kuKristu futhi bagcina umthetho kaMose. Cishe ngonyaka wama 90 kuya kowama 77 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Bheka, manje kwenzeka ukuthi lawo maLamani athukuthela kakhulu ngoba ayebulele abafowabo; ngakho-ke afungela impindiselo kumaNefi; futhi awazange esenza mizamo nanini yokuthi abulale abantu baka-aAnti-Nefi-Lehi ngaleso sikhathi.

2 Kodwa athatha amabutho awo futhi ahamba awelela emingceleni yezwe lakwa Zarahemla, futhi ahlasela abantu ababesezweni lakwa-Amoniha futhi abababulala.

3 Futhi emva kwalokho, aba nezimpi eziningi namaNefi, kuzo aqhutshwa futhi abulawa.

4 Futhi phakathi kwamaLamani ayebulewe kwakukhona cishe yonke ainzalo ka-Amuloni kanye nabafowabo, ababengabaphristi bakaNowa, futhi babulawa ngezandla zamaNefi;

5 Futhi abasalayo, sebebalekele ehlane elisempumalanga, futhi sebezithathele amandla kanye negunya phezu kwamaLamani, benza ukuthi abaningi bamaLamani abafe ngomlilo ngenxa yenkolo yabo—

6 Ngokuba abaningi abawo, emva kokuthi esebe nokulahlekelwa okukhulu kanye neziningi kakhulu izinhlupheko, aqala ukuphehlelwa ekukhumbuleni bamazwi u-Aroni kanye nabafowabo ababewashumayele kubo ezweni lawo; ngakho-ke aqala ukungawakholwa camasiko oyise, futhi akholwa eNkosini, futhi nokuthi yanikeza amandla amakhulu kumaNefi; futhi ngaleyondlela kwabakhona abaningi bawo abaphenduka ehlane.

7 Futhi kwenzeka ukuthi labo babusi ababeyinsalela yabantwana bakwa-aAmuloni benza ukuthi bbabulawe, yebo, bonke labo ababekholelwa kulezi zinto.

8 Manje lokhu kufela ukholo kwenza ukuthi abaningi babafowabo baphehlelwe entukuthelweni; futhi kwaqala ukuthi kube khona umbango ehlane; futhi amaLamani aqala aukuzingela inzalo ka-Amuloni kanye nabafowabo futhi aqala ukuyibulala; futhi babalekela ehlane elisempumalanga.

9 Futhi bheka basazingelwa nangalolusuku ngamaLamani. Ngaleyondlela amazwi ka-Abinadi agcwaliseka, awasho mayelana nenzalo yabaphristi abenza ukuthi ezwe ukufa ngomlilo.

10 Ngokuba wathi kubo. Lokho aeniyokwenza kimi kuyokuba wuhlobo lwezinto eziyokwenzeka.

11 Manje u-Abinadi wayengowokuqala owezwa aukufa ngomlilo ngenxa yokukholwa kwakhe kuNkulunkulu; manje yilokhu ayekuqondile, ukuthi abaningi bayokuzwa ukufa ngomlilo, njengoba naye akuzwa.

12 Futhi washo kubaphristi bakaNowa ukuthi inzalo yabo iyokwenza abaningi ukuthi babulawe, ngendlela efanayo njengoba kwenziwa nakuye, futhi nokuthi bayohlakazeka ngaphandle futhi babulawe, ngisho njengezimvu ezingenamelusi zixoshwa futhi zibulawa yizilwane zasendle; manje bhekani, lamazwi agcwaliseka, ngokuba baxoshwa ngamaLamani, futhi bazingelwa, futhi bashaywa.

13 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi amaLamani ebona ukuthi ayengeke akwazi ukunqoba amaNefi abuyela futhi ezweni lawo; futhi amaningi awo eza azohlala ezweni lakwa-Ishmayeli kanye nasezweni lakwaNefi, futhi nempela azihlanganisa nabantu baNkulunkulu, ababengabantu bakwa-aAnti-Nefi-Lehi.

14 Futhi nawo ngokunjalo nempela aazingcwaba izikhali zawo zempi, njengoba nabafowabo babenzile, futhi aqala ukuthi abe ngabantu abalungile; futhi ahamba ezindleleni zeNkosi, futhi aqaphela ukuthi agcine imiyalelo kanye nemithetho yayo.

15 Yebo, futhi nempela bawugcina umthetho kaMose; ngokuba kwakufanele ukuthi bawugcine umthetho kaMose okwangaleso sikhathi, ngokuba kwakungakagcwaliseki konke. Kodwa nakuba wawukhona aumthetho kaMose, babheka phambili ekuzeni kukaKristu, bebona ukuthi umthetho kaMose bwakuyisibonakaliso sokuza kwakhe, futhi bekholwa ukuthi kufanele bagcine lezo czimiso zangaphandle kuze kube yisikhathi ayokwembulwa ngaso kubo.

16 Manje babengacabangi ukuthi aukusindiswa kwakuza bngomthetho kaMose; kodwa umthetho kaMose nempela wenza ukuthi ukholo lwabo kuKristu luqine; futhi ngaleyondlela nempela baligcina cithemba ngokholo, elaliholela ekusindisweni kwaphakade, bethembele kuwo umoya wokuphrofetha, owakhuluma ngalezo zinto ezazizokwenzeka.

17 Manje bhekani, u-Amoni, no-Aroni, no-Omineri, noHimini, kanye nabafowabo bajabula kakhulu, ngempumelelo ababanayo phakathi kwamaLamani, bebona ukuthi iNkosi yayibanikezile njengokwemi akhuleko yabo, futhi nokuthi phezu kwalokho yaliqinisekisa izwi layo kubo ngayo yonke indlela.