ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 25


Isahluko 25

UNefi uthokoza ngalokho okusobala—Iziphrofetho zika-Isaya ziyoqondwa ngezinsuku zokugcina—AmaJuda ayobuyela eBabiloni, ambethele uMesiya, futhi ahlakazwe futhi abhaxabulwe—Ayobuyiselwa uma esekholwa kuMesiya—Uyoza okokuqala eminyakeni engamakhulu ayisithupha emva kokuba uLehi ahamba eJerusalema—AmaNefi agcina umthetho kaMose futhi akholwa kuKristu, oNgcwele ka-Israyeli. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje mina, Nefi, sengikhuluma ngalokho okumayelana namazwi engiwabhalile, akhulunywa ngomlomo ka-Isaya. Ngokuba bheka, u-Isaya wakhuluma eziningi izinto ezazinzima kwabaningi babantu bami ukuthi baziqonde; ngokuba babengazi mayelana nendlela yokuphrofetha phakathi kwamaJuda.

2 Ngokuba mina, Nefi, angibafundisanga izinto eziningi mayelana nenkambiso yamaJuda; ngokuba imisebenzi yawo kwakuyimisebenzi yobumnyama, futhi izenzo zawo kwakuyizenzo zezinengiso.

3 Ngalokho-ke, ngibhalela abantu bami, nabo bonke labo abayozamukela emva kwalokhu lezi zinto engizibhalayo, ukuze bazazi izahlulelo zikaNkulunkulu, ukuthi ziza kuzo zonke izizwe, ngokwezwi alikhulumile.

4 Ngalokho-ke, lalelani, O bantu bami, eningabendlu ka-Israyeli, futhi nikezani indlebe emazwini ami; ngokuba ngenxa yokuthi amazwi ka-Isaya awekho sobala kini, nokho asobala kubo bonke labo abagcwaliswe ngomoya wokuphrofetha. Kepha ngininika isiphrofetho, ngokukamoya okimi; ngalokho-ke ngizophrofetha ngokusobala obekulokhu kunami kusukela ngesikhathi ngiphuma eJerusalema nobaba; ngokuba bheka, umphefumulo wami uthokoza ngalokho okusobala kubantu bami, ukuze bafunde.

5 Yebo, futhi umphefumulo wami uyathokoza ngamazwi ka-Isaya, ngokuba ngaphuma eJerusalema, futhi amehlo ami azibonile izinto zamaJuda, futhi ngiyazi ukuthi amaJuda ayaziqonda izinto zabaphrofethi, futhi abekho abanye abantu abaqonda izinto ezakhulunywa kuwo amaJuda njengawo, ngaphandle kokuthi bafundiswa ngendlela yezinto zawo amaJuda.

6 Kepha bheka, mina, Nefi, angibafundisanga abantwana bami ngenkambiso yamaJuda; kepha bheka, mina, ngokwami, ngihlalile eJerusalema, ngalokho-ke ngiyazi mayelana nezifunda ezizungezile; futhi ngikhulumile kubo abantwana bami mayelana nezahlulelo zikaNkulunkulu, esezenzekile phakathi kwamaJuda, kubo abantwana bami, njengakho konke lokho u-Isaya akukhulumile, futhi angikubhali lokho.

7 Kepha bheka, ngiqhubeka nesami isiphrofetho, njengalokho okusobala kimi; kuso engaziyo ukuthi akukho muntu ongaduka; nokho, ngezinsuku iziphrofetho zika-Isaya eziyogcwaliseka ngazo abantu bayokwazi ngokwesiqiniseko, ngezikhathi lezo eziyokwenzeka ngazo.

8 Ngalokho-ke, ziyigugu kubantwana babantu, futhi lowo ocabanga ukuthi azisilo, ngizokhuluma kubo kabanzi, futhi amazwi ngiwaqondise kubantu bami uqobo; ngokuba ngiyazi ukuthi ziyokuba ngeziyigugu elikhulu kubo ngezinsuku zokugcina; ngokuba ngalolo suku bayoziqonda; ngalokho-ke, ngenxa yobuhle bazo ngizibhalile.

9 Futhi njengoba esisodwa isizukulwane sibhujisiwe phakathi kwamaJuda ngenxa yobubi, ngisho ngokunjalo nabo babhujisiwe izizukulwane ngesizukulwane njengobubi babo; futhi akekho namunye wabo owabhujiswa ngaphandle kokuthi babetsheliwe phambilini ngabaphrofethi beNkosi.

10 Ngalokho-ke, kwakushiwo kubo mayelana nalokho kubhujiswa okwakumele kwenzeke phakathi kwabo, masinyane nje emva kokuthi ubaba esehambile eJerusalema; nokho, bazenza lukhuni izinhliziyo zabo; futhi ngokwesiphrofetho sami babhujiswa, ngaphandle kwalabo abathathiwe bathunjelwa eBabiloni.

11 Manje lokhu ngikukhuluma ngenxa yomoya okimi. Futhi naphezu kokuthi bethathiwe bayophinda babuye futhi, futhi bazuze izwe laseJerusalema; ngalokho-ke, bayobuyiselwa futhi ezweni eliyifa labo.

12 Kepha, bheka, bayokuba nezimpi, kanye namahemuhemu ezimpi; futhi uma usuku lufika lokuthi oZelwe Yedwa kaBaba, yebo, ngisho uBaba wezulu kanye nomhlaba, eyoziveza kubo esenyameni, bheka, bayomenqaba, ngenxa yobubi babo, kanye nobulukhuni bezinhliziyo zabo, kanye nokuqina kwezintamo zabo.

13 Bheka, bayombethela; futhi emva kokuthi esebekwe ethuneni isikhathi esiyizinsuku ezintathu uyovuka kwabafileyo, enokuphilisa emaphikweni akhe; futhi bonke labo abayokholwa egameni lakhe bayosindiswa embusweni kaNkulunkulu. Ngalokho-ke, umphefumulo wami uyathokoza ekuphrofetheni mayelana naye, ngokuba ngilubonile usuku lwakhe, futhi inhliziyo yami iyalibabaza igama lakhe elingcwele.

14 Futhi bheka kuyokwenzeka ukuthi emva kokuthi uMesiya esevukile kwabafileyo, futhi esezivezile ebantwini bakhe, ngobuningi balabo abayokholwa egameni lakhe, bheka, iJerusalema iyobhujiswa futhi; ngokuba maye kulabo abalwa noNkulunkulu kanye nabantu bebandla lakhe.

15 Ngalokho-ke, amaJuda ayohlakazwa phakathi kwazo zonke izizwe; yebo, futhi ngokunjalo neBabiloni iyobhujiswa; ngalokho-ke, amaJuda ayohlakazwa ngezinye izizwe.

16 Futhi emva kokuthi sebehlakaziwe, futhi iNkosi uNkulunkulu isibashayile ngezinye izizwe ngesikhathi esingangese zizukulwane eziningi, yebo, ngisho kwehle izizukulwane ngezizukulwane kuze kube ngukuthi bayavunyiswa ukuthi bakholwe kuKristu, iNdodana kaNkulunkulu, kanye nenhlawulo, leyo engapheliyo yabantu bonke—futhi uma lolo suku luyofika lokuthi bakholwe kuKristu, futhi bakhonze uBaba egameni lakhe, ngezinhliziyo ezimsulwa kanye nezandla ezihlanzekile, futhi bangabe besalindela futhi omunye uMesiya, ngaleso sikhathi, usuku luyofika ukuthi kufanelekile ukuthi bazikholwe lezi zinto.

17 Futhi iNkosi iyosibeka isandla sayo futhi okwesibili ukubuyisa abantu bayo ekulahlekeni kwabo kanye nasesimweni sokuwa. Ngalokho-ke, iyoqhubeka nokwenza umsebenzi omuhle nomangalisayo phakathi kwabantwana babantu.

18 Ngalokho-ke, iyokwambula amazwi ayo kubo, ayobahlulela ngosuku lokugcina, ngokuba bayonikwa wona ngenhloso yokubakholwisa ngoMesiya weqiniso, owayenqatshwe yibo; kanye nasekubakholwiseni ukuthi abasafanele ukuthi balindele omunye uMesiya osazofika, ngokuba akuseyikuba bikho omunye osayofika, ngaphandle kokuthi lowo kube nguMesiya wamanga oyokhohlisa abantu; ngokuba munye kuphela uMesiya abakhuluma ngaye abaphrofethi, futhi lowo Mesiya nguye oyokwenqatshwa ngamaJuda.

19 Ngokuba ngokwamazwi abaphrofethi, uMesiya uza eminyakeni engamakhulu ayisithupha kusukela ngesikhathi ubaba ahamba eJerusalema; futhi ngokwamazwi abaphrofethi, futhi ngokunjalo nangezwi lengelosi kaNkulunkulu, igama lakhe liyokuba nguJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu.

20 Manje, bafowethu, ngikhulume ngokusobala ukuze ningaphambuki. Futhi njengoba iNkosi uNkulunkulu iphila eyakhipha u-Israyeli ezweni laseGibithe, futhi yanikeza uMose amandla okuthi aphilise izizwe emva kokuthi sezilunywe yizinyoka ezinobuthi, uma bengabhekisa amehlo abo kuleyo nyoka ayiphakamisayo phambi kwabo, futhi phezu kwalokho wamnika amandla okuthi ashaye idwala futhi amanzi ampompoze; yebo, bheka ngithi kini, njengoba lezi zinto ziyiqiniso, futhi njengoba iNkosi uNkulunkulu iphila, alikho elinye igama elinikiwe ngaphansi kwezulu ngaphandle kwalo leli likaJesu Kristu, engikhulume ngaye, umuntu angasindiswa ngalo.

21 Ngalokho-ke, ngalesi sizathu iNkosi uNkulunkulu yethembisile kimi ukuthi lezi zinto engizibhalayo ziyogcinwa futhi zilondolozwe, futhi zehliselwe ezansi kuyo inzalo yami, izizukulwane ngezizukulwane, ukuze isethembiso sigcwaliseke kuJosefa, sokuthi inzalo yakhe ayiyikushabalala nanini inqobo nje uma umhlaba usamile.

22 Ngalokho-ke, lezi zinto ziyohamba izizukulwane ngezizukulwane inqobo nje uma umhlaba usamile; futhi ziyohamba njengokwentando nangokwesifiso sikaNkulunkulu; futhi izizwe eziyokuba nazo ziyokwahlulelwa ngazo njengokwalawo mazwi abhaliwe.

23 Ngokuba sisebenza ngokukhuthala ukubhala, ukuthi sikholwise abantwana bethu, futhi ngokunjalo nabafowethu, ukuthi bakholwe kuKristu, futhi ukuthi babuyisane noNkulunkulu; ngokuba siyazi ukuthi kungomusa ukuthi sisindiswe, emva kwakho konke esingakwenza.

24 Futhi, naphezu kokuthi sikholwa kuKristu, siyawugcina umthetho kaMose, futhi sibheke phambili ngokwethembeka kuKristu, kuze kube umthetho uyagcwaliseka.

25 Ngokuba, ngalesi sizathu umthetho wanikwa; ngalokho-ke umthetho usufile kithi, futhi senziwe saphila kuKristu ngenxa yokholo lwethu; nokho sigcina umthetho ngenxa yemiyalo.

26 Futhi sikhuluma ngoKristu, sithokoza kuKristu, sishumayela ngoKristu, siphrofetha ngoKristu, futhi sibhala ngokweziphrofetho zethu, ukuze abantwana bethu bazi ukuthi yikuphi lapho bengabheka khona ukuze bathole ukuthethelelwa kwezono zabo.

27 Ngalokho-ke, sikhuluma mayelana nomthetho ukuze abantwana bethu bazi ngokufa komthetho; futhi, ngokwazi ngokufa komthetho, bangalindela lokho kuphila okukuKristu, futhi bazi ukuthi umthetho wawunikezwe ngasizathu sini. Futhi emva kokuthi umthetho usugcwalisekile kuKristu, ukuthi akusafanele bazenze lukhuni izinhliziyo zabo ngokumelene naye uma umthetho sekufanele uphele.

28 Manje bhekani, bantu bami, ningabantu abangontamo lukhuni; ngalokho-ke, ngikhulume ngokusobala kini, ukuze ningabi nokungaqondi. Futhi amazwi engiwakhulumile ayokuma njengobufakazi ngokumelene nani; ngokuba enele ukufundisa namuphi umuntu indlela eqondile; ngokuba indlela eqondile ngukukholwa kuKristu kanye nokungamphiki; ngokuba ngokumphika niphika futhi abaphrofethi kanye nomthetho.

29 Manje bhekani, ngithi kini indlela eqondile ngukukholwa kuKristu, futhi ningamphiki; futhi uKristu ungoNgcwele ka-Israyeli; ngalokho-ke kufanele nikhothame phambi kwakhe, futhi nimkhonze ngawo wonke amandla enu, ngengqondo, nangokuqina, kanye nangomphefumulo wenu wonke; futhi uma nikwenza lokhu aniyikulahlwa nakancane.

30 Futhi, kangangoba kuyodingeka, kufanele nigcine izenzo kanye nezimiso zikaNkulunkulu kuze kube umthetho uyagcwaliseka owawunikwe uMose.