ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 25


Isahluko 25

UNefi uthokoza ngalokho okusobala—Iziphrofetho zika-Isaya ziyoqondwa ngezinsuku zokugcina—AmaJuda ayobuyela eBabiloni, ambethele uMesiya, futhi ahlakazwe futhi abhaxabulwe—Ayobuyiselwa uma esekholwa kuMesiya—Uyoza okokuqala eminyakeni engamakhulu ayisithupha emva kokuba uLehi ahamba eJerusalema—AmaNefi agcina umthetho kaMose futhi akholwa kuKristu, oNgcwele ka-Israyeli. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje mina, Nefi, sengikhuluma ngalokho okumayelana namazwi engiwabhalile, akhulunywa ngomlomo ka-Isaya. Ngokuba bheka, u-Isaya wakhuluma eziningi izinto aezazinzima kwabaningi babantu bami ukuthi baziqonde; ngokuba babengazi mayelana nendlela yokuphrofetha phakathi kwamaJuda.

2 Ngokuba mina, Nefi, angibafundisanga izinto eziningi mayelana nenkambiso yamaJuda; ngokuba aimisebenzi yawo kwakuyimisebenzi yobumnyama, futhi izenzo zawo kwakuyizenzo zezinengiso.

3 Ngalokho-ke, ngibhalela abantu bami, nabo bonke labo abayozamukela emva kwalokhu lezi zinto engizibhalayo, ukuze bazazi izahlulelo zikaNkulunkulu, ukuthi ziza kuzo zonke izizwe, ngokwezwi alikhulumile.

4 Ngalokho-ke, lalelani, O bantu bami, eningabendlu ka-Israyeli, futhi nikezani indlebe emazwini ami; ngokuba ngenxa yokuthi amazwi ka-Isaya awekho sobala kini, nokho asobala kubo bonke labo abagcwaliswe angomoya bwokuphrofetha. Kepha ngininika isiphrofetho, ngokukamoya okimi; ngalokho-ke ngizophrofetha cngokusobala obekulokhu kunami kusukela ngesikhathi ngiphuma eJerusalema nobaba; ngokuba bheka, umphefumulo wami uthokoza ngalokho okusobala kubantu bami, ukuze bafunde.

5 Yebo, futhi umphefumulo wami uyathokoza ngamazwi aka-Isaya, ngokuba ngaphuma eJerusalema, futhi amehlo ami azibonile izinto bzamaJuda, futhi ngiyazi ukuthi amaJuda ayaziqonda izinto zabaphrofethi, futhi abekho abanye abantu abaqonda izinto ezakhulunywa kuwo amaJuda njengawo, ngaphandle kokuthi bafundiswa ngendlela yezinto zawo amaJuda.

6 Kepha bheka, mina, Nefi, angibafundisanga abantwana bami ngenkambiso yamaJuda; kepha bheka, mina, ngokwami, ngihlalile eJerusalema, ngalokho-ke ngiyazi mayelana nezifunda ezizungezile; futhi ngikhulumile kubo abantwana bami mayelana nezahlulelo zikaNkulunkulu, aesezenzekile phakathi kwamaJuda, kubo abantwana bami, njengakho konke lokho u-Isaya akukhulumile, futhi angikubhali lokho.

7 Kepha bheka, ngiqhubeka nesami isiphrofetho, njengalokho aokusobala kimi; kuso engaziyo ukuthi akukho muntu ongaduka; nokho, ngezinsuku iziphrofetho zika-Isaya eziyogcwaliseka ngazo abantu bayokwazi ngokwesiqiniseko, ngezikhathi lezo eziyokwenzeka ngazo.

8 Ngalokho-ke, aziyigugu kubantwana babantu, futhi lowo ocabanga ukuthi azisilo, ngizokhuluma kubo kabanzi, futhi amazwi ngiwaqondise bkubantu bami uqobo; ngokuba ngiyazi ukuthi ziyokuba ngeziyigugu elikhulu kubo cngezinsuku zokugcina; ngokuba ngalolo suku bayoziqonda; ngalokho-ke, ngenxa yobuhle bazo ngizibhalile.

9 Futhi njengoba esisodwa isizukulwane asibhujisiwe phakathi kwamaJuda ngenxa yobubi, ngisho ngokunjalo nabo babhujisiwe izizukulwane ngesizukulwane njengobubi babo; futhi akekho namunye wabo owabhujiswa ngaphandle kokuthi bbabetsheliwe phambilini ngabaphrofethi beNkosi.

10 Ngalokho-ke, kwakushiwo kubo mayelana nalokho kubhujiswa okwakumele kwenzeke phakathi kwabo, masinyane nje emva kokuthi ubaba esehambile eJerusalema; nokho, bazenza lukhuni izinhliziyo zabo; futhi ngokwesiphrofetho sami ababhujiswa, ngaphandle kwalabo babathathiwe bathunjelwa eBabiloni.

11 Manje lokhu ngikukhuluma ngenxa yomoya okimi. Futhi naphezu kokuthi bethathiwe bayophinda babuye futhi, futhi bazuze izwe laseJerusalema; ngalokho-ke, abayobuyiselwa futhi ezweni eliyifa labo.

12 Kepha, bheka, bayokuba nezimpi, kanye namahemuhemu ezimpi; futhi uma usuku lufika lokuthi aoZelwe Yedwa kaBaba, yebo, ngisho uBaba wezulu kanye nomhlaba, eyoziveza kubo esenyameni, bheka, bayomenqaba, ngenxa yobubi babo, kanye nobulukhuni bezinhliziyo zabo, kanye nokuqina kwezintamo zabo.

13 Bheka, abayombethela; futhi emva kokuthi esebekwe bethuneni isikhathi cesiyizinsuku ezintathu duyovuka kwabafileyo, enokuphilisa emaphikweni akhe; futhi bonke labo abayokholwa egameni lakhe bayosindiswa embusweni kaNkulunkulu. Ngalokho-ke, umphefumulo wami uyathokoza ekuphrofetheni mayelana naye, ngokuba engilubonile usuku lwakhe, futhi inhliziyo yami iyalibabaza igama lakhe elingcwele.

14 Futhi bheka kuyokwenzeka ukuthi emva kokuthi auMesiya esevukile kwabafileyo, futhi esezivezile ebantwini bakhe, ngobuningi balabo abayokholwa egameni lakhe, bheka, iJerusalema biyobhujiswa futhi; ngokuba maye kulabo abalwa noNkulunkulu kanye nabantu bebandla lakhe.

15 Ngalokho-ke, aamaJuda bayohlakazwa phakathi kwazo zonke izizwe; yebo, futhi ngokunjalo cneBabiloni iyobhujiswa; ngalokho-ke, amaJuda ayohlakazwa ngezinye izizwe.

16 Futhi emva kokuthi sebehlakaziwe, futhi iNkosi uNkulunkulu isibashayile ngezinye izizwe ngesikhathi esingangese zizukulwane eziningi, yebo, ngisho kwehle izizukulwane ngezizukulwane kuze kube ngukuthi bayavunyiswa ukuthi abakholwe kuKristu, iNdodana kaNkulunkulu, kanye nenhlawulo, leyo engapheliyo yabantu bonke—futhi uma lolo suku luyofika lokuthi bakholwe kuKristu, futhi bakhonze uBaba egameni lakhe, ngezinhliziyo ezimsulwa kanye nezandla ezihlanzekile, futhi bangabe besalindela futhi omunye uMesiya, ngaleso sikhathi, usuku luyofika ukuthi kufanelekile ukuthi bazikholwe lezi zinto.

17 Futhi iNkosi iyosibeka isandla sayo futhi okwesibili aukubuyisa abantu bayo ekulahlekeni kwabo kanye nasesimweni sokuwa. Ngalokho-ke, iyoqhubeka nokwenza bumsebenzi omuhle nomangalisayo phakathi kwabantwana babantu.

18 Ngalokho-ke, iyokwambula aamazwi ayo kubo, bayobahlulela ngosuku lokugcina, ngokuba bayonikwa wona ngenhloso cyokubakholwisa ngoMesiya weqiniso, owayenqatshwe yibo; kanye nasekubakholwiseni ukuthi abasafanele ukuthi balindele omunye uMesiya osazofika, ngokuba akuseyikuba bikho omunye osayofika, ngaphandle kokuthi lowo kube dnguMesiya wamanga oyokhohlisa abantu; ngokuba munye kuphela uMesiya abakhuluma ngaye abaphrofethi, futhi lowo Mesiya nguye oyokwenqatshwa ngamaJuda.

19 Ngokuba ngokwamazwi abaphrofethi, auMesiya uza beminyakeni engamakhulu ayisithupha kusukela ngesikhathi ubaba ahamba eJerusalema; futhi ngokwamazwi abaphrofethi, futhi ngokunjalo nangezwi clengelosi kaNkulunkulu, igama lakhe liyokuba nguJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu.

20 Manje, bafowethu, ngikhulume ngokusobala ukuze ningaphambuki. Futhi njengoba iNkosi uNkulunkulu iphila aeyakhipha u-Israyeli ezweni laseGibithe, futhi yanikeza uMose amandla okuthi baphilise izizwe emva kokuthi sezilunywe yizinyoka ezinobuthi, uma bengabhekisa amehlo abo kuleyo cnyoka ayiphakamisayo phambi kwabo, futhi phezu kwalokho wamnika amandla okuthi ashaye didwala futhi amanzi ampompoze; yebo, bheka ngithi kini, njengoba lezi zinto ziyiqiniso, futhi njengoba iNkosi uNkulunkulu iphila, alikho elinye eigama elinikiwe ngaphansi kwezulu ngaphandle kwalo leli likaJesu Kristu, engikhulume ngaye, umuntu angasindiswa ngalo.

21 Ngalokho-ke, ngalesi sizathu iNkosi uNkulunkulu yethembisile kimi ukuthi lezi zinto aengizibhalayo ziyogcinwa futhi zilondolozwe, futhi zehliselwe ezansi kuyo inzalo yami, izizukulwane ngezizukulwane, ukuze isethembiso sigcwaliseke kuJosefa, sokuthi inzalo yakhe bayiyikushabalala nanini inqobo nje uma umhlaba usamile.

22 Ngalokho-ke, lezi zinto ziyohamba izizukulwane ngezizukulwane inqobo nje uma umhlaba usamile; futhi ziyohamba njengokwentando nangokwesifiso sikaNkulunkulu; futhi izizwe eziyokuba nazo aziyokwahlulelwa ngazo njengokwalawo mazwi abhaliwe.

23 Ngokuba sisebenza ngokukhuthala ukubhala, ukuthi asikholwise abantwana bethu, futhi ngokunjalo nabafowethu, ukuthi bakholwe kuKristu, futhi ukuthi babuyisane noNkulunkulu; ngokuba siyazi ukuthi bkungomusa ukuthi sisindiswe, emva kwakho konke cesingakwenza.

24 Futhi, naphezu kokuthi sikholwa kuKristu, asiyawugcina umthetho kaMose, futhi sibheke phambili ngokwethembeka kuKristu, kuze kube umthetho uyagcwaliseka.

25 Ngokuba, ngalesi sizathu aumthetho wanikwa; ngalokho-ke umthetho busufile kithi, futhi senziwe saphila kuKristu ngenxa yokholo lwethu; nokho sigcina umthetho ngenxa yemiyalo.

26 Futhi asikhuluma ngoKristu, sithokoza kuKristu, sishumayela ngoKristu, bsiphrofetha ngoKristu, futhi sibhala ngokweziphrofetho zethu, ukuze cabantwana bethu bazi ukuthi yikuphi lapho bengabheka khona ukuze bathole dukuthethelelwa kwezono zabo.

27 Ngalokho-ke, sikhuluma mayelana nomthetho ukuze abantwana bethu bazi ngokufa komthetho; futhi, ngokwazi ngokufa komthetho, bangalindela lokho kuphila okukuKristu, futhi bazi ukuthi umthetho wawunikezwe ngasizathu sini. Futhi emva kokuthi umthetho usugcwalisekile kuKristu, ukuthi akusafanele bazenze lukhuni izinhliziyo zabo ngokumelene naye uma umthetho sekufanele uphele.

28 Manje bhekani, bantu bami, aningabantu abangontamo lukhuni; ngalokho-ke, ngikhulume ngokusobala kini, ukuze ningabi nokungaqondi. Futhi amazwi engiwakhulumile ayokuma bnjengobufakazi ngokumelene nani; ngokuba enele cukufundisa namuphi umuntu indlela eqondile; ngokuba indlela eqondile ngukukholwa kuKristu kanye nokungamphiki; ngokuba ngokumphika niphika futhi abaphrofethi kanye nomthetho.

29 Manje bhekani, ngithi kini indlela eqondile ngukukholwa kuKristu, futhi ningamphiki; futhi uKristu ungoNgcwele ka-Israyeli; ngalokho-ke kufanele nikhothame phambi kwakhe, futhi nimkhonze ngawo wonke aamandla enu, ngengqondo, nangokuqina, kanye nangomphefumulo wenu wonke; futhi uma nikwenza lokhu aniyikulahlwa nakancane.

30 Futhi, kangangoba kuyodingeka, kufanele nigcine izenzo kanye anezimiso zikaNkulunkulu kuze kube umthetho uyagcwaliseka owawunikwe uMose.