Scripture Stories
IziNhlupho zaseGibithe


“IziNhlupho zaseGibithe,” Izindaba zeTestamende eliDala (2022)

“IziNhlupho zaseGibithe,” Izindaba zeTestamende eliDala

U-Eksodusi 4–5; 7–12

IziNhlupho zaseGibithe

Izinqumo zikaFaro eziphikisa iNkosi

Isithombe
UMose no-Aroni bekhuluma noFaro

UMose wayethemba iNkosi futhi wabuyela eGibithe. UMose nomfowabo u-Aroni baya kuFaro bamcela adedele abantwana bakwa-Israyeli bakhululeke futhi bahambe eGibithe. UFaro wayethukuthele futhi wenqaba. Wabaphoqa abantwana bakwa-Israyeli ukuba basebenze kanzima kunakuqala.

U-Eksodusi 4:10–16; 5:1–18

Isithombe
umfula uphenduka igazi

Ngoba uFaro akayilalelanga iNkosi, abaseGibithe baqalekiswa ngezinhlupho ezimbi. Okokuqala, wonke amanzi eGibithe ashintsha aba yigazi. UMose wacela uFaro ukuba akhulule abantwana bakwa-Israyeli futhi, kodwa uFaro wenqaba.

U-Eksodusi 7:14–25

Isithombe
Amaxoxo egxumela abaseGibithe

Okulandelayo, iNkosi yaletha amaxoxo eGibithe. Ayegcwele yonke indawo. UFaro wathi uzobakhulula abantwana bakwa-Israyeli uma amaxoxo ehamba. INkosi yawasusa amaxoxo, kodwa uFaro akabakhululanga abantwana bakwa-Israyeli. INkosi yaletha izintwala nezimpukane.

U-Eksodusi 8:1–32

Isithombe
AbaseGibithe nezilwane ezifile

Okulandelayo, zonke izilwane zabaseGibithe zafa, kodwa azikho ezabantwana bakwa-Israyeli ezafa. Emva kwalokho abaseGibithe bathola izilonda ezibuhlungu emizimbeni yabo.

U-Eksodusi 9:3–12

Isithombe
isichotho nesiphepho somlilo kuchitha iGibithe

Isiphepho esikhulu esinesichotho kanye nomlilo naso seza eGibithe. Lokhu kwadala imbubhiso enkulu.

U-Eksodusi 9:22–35

Isithombe
amaqhwagi adla izitshalo

UFaro namanje wayengavumi ukukhulula abantwana bakwa-Israyeli. Inkosi yaphinde yaletha amaqhwagi, futhi adla konke ukudla kwabantu.

U-Eksodusi 10:12–20

Isithombe
UFaro

Kwase kubakhona izinsuku ezintathu zobumnyama. Kuzo zonke izinhlupho, uFaro wayethembisa ukubakhulula abantwana bakwa-Israyeli uma izinhlupho ziphela, kodwa njalo wayekhuluma amanga.

U-Eksodusi 10:21–23, 27

Isithombe
UMose nomndeni

Emva kwezinhlupho eziyisishiyagalolunye ezehlukene, uFaro wayengavumi ukudelela abantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe. INkosi yatshela uMose ukuthi kwakukhona olunye uhlupho olubi kakhulu olwaluzoza. INkosi yabahola futhi yabavikela abakwa-Israyeli ngesikhathi besalinde inkululeko yabo.

U-Eksodusi 11:4–7; 12:1–13