“UDebora umProfethikazi,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)
“UDebora umProfethikazi,” Izindaba zeTestamente eliDala
AbAhluleli 4–5
UDebora umProfethikazi
Umholi owasiza u-Israyeli uthembe iNkosi
UDebora wayengumprofethikazi, umholi onokholo wase-Israyeli owayeholwa yiNkosi. Abantu bakhe base beyekile ukugcina imiyalelo yeNkosi, futhi amaKhanani ayebabusa. Emuva kweminyaka engamashumi amabili, ama-Israyeli aqala akhulekele usizo lweNkosi.
AbAhluleli 4:1–5
INkosi yezwa imikhuleko yabo. Yatshela uDebora ukuba ahlanganise ibutho lama-Israyeli ukulwa amaKhanani.
AbAhluleli 4:6
Ibutho lamaKhanani lalinamasosha amaningi nezinqola. Lokhu kwenza ibutho lama-Israyeli lesabe, kepha hhayi uDebora. Wayazi ukuthi iNkosi yayizobasiza.
AbAhluleli 4:3, 7
UBaraki wayengumholi webutho lakwa-Israyeli. Wayengafuni ukulwa. Kepha wayecabanga ukuthi uma uDebora ehamba nebutho, iNkosi yayizobavikela. UDebora wavuma ukuya. Waprofetha ukuthi owesifazane wayezohlula uSisera, umholi webutho lamaKhanani.
AbAhluleli 4: 8–9
Ibutho lakwa-Israyeli lahlanganela entabeni, amaKhanani wona ahlanganela esigodini. UDebora watshela uBaraki ukuthi ehle entabeni. Wathembisa ukuthi iNkosi yayizoba nabo.
AbAhluleli 4:12–14
INkosi yathumela imvula, futhi izinqola zamaKhanani zamuka namanzi. AmaKhanani amaningi agwiliza emanzini, kepha uSisera wabaleka.
AbAhluleli 4:15, 17; 5:4–5, 19–22
Inkosazana ebizwa ngoJayeli yayihlala etendeni eduzane. Yabona uSisera ebaleka yamutshela ukuthi acashe etendeni layo. UJayeli wayazi ukuthi wayengumholi webutho lamaKhanani wase wambulala ukuze angalimazi abanye abantu.
AbAhluleli 4:15–21
Isiprofetho sikaDebora safezeka. USisera wehlulwa owesifazane oliqhawe. UDebora wacula iculo ukusiza ama-Israyeli akhumbule ukuthi iNkosi ibasindise kanjani. Ama-Israyeli agcina imiyalelo futhi aphila ngokuthula iminyaka engama-40.
AbAhluleli 5:1, 24–27, 31