Scripture Stories
UHana


“UHana,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“UHana,” Izindaba zeTestamente eliDala

I uSamuweli 1-2

UHana

Impendulo yeNkosi kowesifazane othembekile

Isithombe
uHana ekhala ekhuleka ethempelini

Njalo ngonyaka, uHana nomyeni wakhe babeya endlini yeNkosi, ethempelini. UHana wayenganabo abantwana, ngakho-ke wayezizwa ephatheka kabi kakhulu. Wazila ukudla futhi wakhulekela ingane yomfana. UHana wathembisa iNkosi ukuthi uma ethola indodana, indodana yakhe yayizokhula isebenzele Yona.

I uSamuweli 1:1–11

Isithombe
U-Eli ekhuluma noHana

Umpristi okuthiwa u-Eli wabona uHana ekhala. Wamtshela ukuthi iNkosi yayizophendula umkhuleko wakhe. UHana wayeyithemba iNkosi futhi enethemba.

I uSamuweli 1:12, 17-18

Isithombe
UHana nomyeni wakhe nomntwana uSamuweli

Ngalowonyaka, uHana wathola umntwana omncane womfana. Wamqamba ngokuthi uSamuweli.

I Samuweli 1:20–23

Isithombe
UHana eletha uSamuweli ku-Eli ethempelini

UHana wagcina isethembiso sakhe eNkosini. Ngesikhathi uSamuweli esekhule ngokwanele, wamhambisa ukuba ayosebenza endlini yeNkosi. Wasebenza no-Eli, umpristi. UHana waqhubeka wamuvakashela uSamuweli. Wamulethela izingubo ayemenzele zona. INkosi yabusisa uHana ngabanye abantwana abahlanu ngaphezulu.

I uSamuweli 1:24–28; 2:21