Scripture Stories
INdlovukazi u-Esteri


“INdlovukazi u-Esteri,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“INdlovukazi u-Esteri,” Izindaba zeTestamente eliDala

U-Esteri 2–5; 7–9

INdlovukazi u-Esteri

Isibindi esikhathini esinobungozi

Isithombe
U-Esteri esigodlweni senkosi

Abanye besizwe sakwa-Israyeli babebizwa ngamaJuda. U-Esteri wayengumJuda owayehlala ePheresiya. Abazali bakhe bafa, ngakho-ke umzala wakhe uMoridekayi wamnakekela. Wayemenywe esigodlweni senkosi namanye amantombazanyana ebukhosini. Inkosi yayifuna indlovukazi entsha, futhi yakhetha u-Esteri.

U-Esteri 2:2–7, 16–17

Isithombe
abantu bekhothamela uHamani

Inkosi yayinenceku ebizwa ngoHamani eyaphakama yaba namandla amakhulu. UHamani wayesiza inkosi ukuphatha izwe. Inkosi yenza ukuthi wonke umuntu akhothamele uHamani.

U-Esteri 3: 1–2

Isithombe
UMoridekayi noHamani

Kodwa uMoridekayi wayengakhothami kuHamani. UMoridekayi wayekhothamela iNkosi kuphela. Lokhu kwenza ukuba uHamani athukuthele. Wayefuna ukumjezisa uMoridekayi kanye nawo wonke amaJuda.

U-Eksodusi 20:5; u-Esteri 3:5–6, 8

Isithombe
isosha lenza isimemezelo eqenjini labantu

UHamani watshela inkosi ukuthi amaJuda ayengayilandeli imithetho yenkosi. Ngakho-ke inkosi yayekela uHamani ukuba enze umthetho omusha wokuthi langa limbe, amaJuda wonke ayobulawa.

U-Esteri 3:8–11, 13

Isithombe
UMoridekayi ekhuluma noEsteri

UMoridekayi wacela u-Esteri ukuba akhulume nenkosi. Inkosi yayingakwazi ukushintsha umthetho kaHamani futhi isindise amaJuda. Kodwa u-Esteri wayesaba. Ngesinye isikhathi inkosi yayibabulala abantu ababeza ukuzokhuluma nayo bengamenywanga.

U-Esteri 4:5–11

Isithombe
U-Esteri ebuka abantu

UMoridekayi wacela u-Esteri ukuba acabange ngamaJuda ayezobulawa. UMoridekayi wathi kungenzeka ukuthi iNkosi yabeka u-Esteri esigodlweni senkosi ukusindisa amaJuda.

U-Esteri 4:13–14

Isithombe
U-Esteri ekhuleka

U-Esteri wayazi ukuthi kwakufanele akhulume nenkosi, ngisho ngabe kwakusho ukuthi wayezobulawa. U-Esteri wacela wonke amaJuda nezinceku zakhe ukuba bazile ukudla naye.

U-Esteri 4:15–16

Isithombe
U-Esteri ebuka izicabha

Emva kokuzila ukudla izinsuku ezintathu, u-Esteri wazilungiselela ukuyobona inkosi.

U-Esteri 5:1

Isithombe
U-Esteri ekhothamela inkosi

Ngesikhathi esondela enkosini, yakhipha intonga yayo. Lokhu kwakuqonde ukuthi inkosi yayijabule ukumbona futhi yayingeke imbulale. Yabuza ukuthi wayefunani. U-Esteri watshela inkosi ukuthi abantu bakhe basengozini. Ngenxa yomthetho kaHamani, yena nawo wonke amaJuda embusweni azobulawa.

U-Esteri 5:2–3; 7:4–6

Isithombe
isosha lenza isimemezelo ebantwini

Inkosi yamthukuthelela uHamani futhi yambulala. Inkosi yenza umthetho omusha ovikela amaJuda. Manje babevumelekile ukuzivikela uma kwakukhona owayezama ukubalimaza.

U-Esteri 7:9–10; 8:10–11

Isithombe
U-Esteri

Ukholo luka-Esteri eNkosini nesibindi sakhe sokukhuluma nenkosi sasindisa abantu bakhe. Esikhundleni sokufa nosizi, kwabakhona idili. AmaJuda agubha.

U-Esteri 8:16–17; 9:18–32