Scripture Stories
URahabi neziNhloli


“URahabi neziNhloli,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“URahabi neziNhloli,” Izindaba zeTestamente eliDala

uJoshuwa 26

URahabi neziNhloli

Isinqumo esisindisa umndeni

Isithombe
abantu edolobheni bebuka kude

Owesifazane obizwa ngokuthi uRahabi wayehlala eJeriko ngaphambi kokuba inqotshwe ngama-Israyeli. Wezwa ukuthi iNkosi yahlukanisela ama-Israyeli uLwandle oluBomvu. URahabi wayazi ukuthi iNkosi yayizosiza ama-Israyeli alwe nedolobha lakhe. Abantu baseJeriko babekhohlakele.

UJoshuwa 2:9-11

Isithombe
izinhloli zicashela onogada

Umprofethi uJoshuwa wahola ibutho lama-Israyeli. Wathumela izinhloli ezimbili eJeriko. Kepha izinhloli zase ziboniwe, futhi iNkosi yaseJeriko yathumela onogada ukuba bazibophe.

UJoshuwa 2:1–3

Isithombe
URahabi ekhuluma nezinhloli

Izinhloli zafika endlini kaRahabi. uRahabi wavuma ukusiza izinhloli, ngakho-ke wazicashisa ophahleni lwakhe.

UJoshuwa 2:4–6

Isithombe
URahabi efihla izinhloli

Amadoda enkosi abheka indlu kaRahabi kepha bangazithola izinhloli. Esehambile, URahabi wacela izinhloli ukuba zivikele umndeni wakhe ngesikhathi ibutho lifika lizolwa neJeriko. Izinhloli zathembisa uRahabi ukuthi umdeni wakhe wawuzophepha. Kuleso sikhathi uRahabi waphonsa intambo ngewindi lakhe ukuze izinhloli zeqe.

UJoshuwa 2:3; 12–15

Isithombe
URahabi nomndeni beqa eJeriko

Izinhloli zaphindela kumprofethi uJoshuwa futhi zatshela ibutho lama-Israyeli ukuthi lingalimazi muntu endlini kaRahabi. Ngamuva, ngesikhathi ama-Israyeli elwa neJeriko, agcina isithembiso sawo kuRahabi. Isibindi sikaRahabi sasindisa umndeni wakhe. Umndeni wakhe wahlanganyela nabantu baNkulunkulu.

uJoshuwa 2:23; 6:25; amaHebheru 11:31