“UShadiraki, uMeshaki, noAbedi-nego,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)
“UShadiraki, uMeshaki, noAbedi-nego,” Izindaba zeTestamente eliDala
UDaniyeli 1; 3
UShadiraki, uMeshaki, noAbedi-nego
Isivivinyo esiyingozi sokholo
INkosi uNebukadinesari wakha umfanekiso womdondoshiya, wegolide futhi waphoqa abantu ukuba bawukhonze. Uma babenqaba, bayophonswa elangabini lomlilo.
UDaniyeli 1:6–7; 3:1–6
Abangani baDaniyeli uShadiraki, uMeshaki, noAbedi-nego babemthanda uNkulunkulu futhi babengeke bamkhonze unkulunkulu wenkosi wamanga. Inkosi yayibathukuthelele.
UDaniyeli 3:6–15
Laba bangani abathathu batshela inkosi ukuthi babezokhonza uNkulunkulu kuphela. Babekholwa ukuthi uNkulunkulu wayengababavikela. Kodwa ngisho noma Wayengabasindisi, babezokumela ababekholwa kukho.
UDaniyeli 3:15–18
Inkosi yayithukuthelele uShadiraki, uMeshaki, noAbedi-nego. Yabayekela ukuba baphoswe elangabini lomlilo. Kodwa ngesikhathi inkosi ibuka elangabini, yamangala ukubona ingelosi emlilweni namadoda amathathu. Babengashiswanga wumlilo.
UDaniyeli 3:19–25
Inkosi yabiza uShadiraki, uMeshaki, noAbedi-nego, futhi baphuma elangabini. Umlilo wawungabashisanga ngisho nezingubo zabo azishanga.
UDaniyeli 3:26–27
UShadiraki, uMeshaki, noAbedi-nego bayilalela imiyalelo kaNkulunkulu, ngisho izimpilo zabo zazisengozini. Isibonelo sabo sasiza inkosi ikholwe kuNkulunkulu.
UDaniyeli 3:28–29