Scripture Stories
UJakobe no-Esawu


“UJakobe no-Esawu,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“UJakobe no-Esawu,” Izindaba zeTestamente eliDala

UGenesise 25–27

UJakobe no-Esawu

Abafo ababili nefa lobuzibulo

Isithombe
u-Esawu noJakobe besebenza

U-Isaka noRebeka baba nabafana bamawele, uJakobe no-Esawu. U-Esawu wayengumzingeli onekhono. UJakobe wayephila impilo yokulandela iNkosi.

UGenesise 25:20–28

Isithombe
u-Esawu noJakobe

U-Esawu wazalwa kuqala. Ngokwejwayelekile ozalwe kuqala uthola isibusiso sefa lobuzibulo kuyise. Ifa lobuzibulo lalisho ukuthi wayezohola umndeni futhi abe nomhlaba omkhulu nezilwane ukuzisa ukunakekela umndeni. Kodwa u-Esawu wayezicabangela yena ukwedlula umndeni wakhe, futhi wayengabalaleli abazali bakhe neNkosi.

UGenesise 25:25, 32; 26:34–35

Isithombe
uJakobe unika u-Esawu ukudla

Ngelinye ilanga u-Esawu wabuya ekuzingeleni. Wayelambe kakhulu futhi wacela uJakobe ukuba amuphe ukudla. INkosi yayifuna ukuba uJakobe athole isibusiso sefa lobuzibulo ngoba u-Esawu wayengafanelekile ukusithola. UJakobe wacela u-Esawu ukuba amthengisele ifa lobuzibulo ngokudla. U-Esawu wavuma wathengisa ngefa lakhe lobuzibulo kuJakobe.

UGenesise 25:23, 29–34; KumaHeberu 11:20

Isithombe
URebeka no-Isaka

URebeka no-Isaka babefunela abantwana babo okuhle kodwa. Babedangele ukuthi u-Esawu wayeqhubeka nokwenza izinto azithandayo hhayi lezi ezifunwa yiNkosi.

UGenesise 26:34–35

Isithombe
U-Isaka ekhuluma no-Esawu

U-Isaka waguga futhi waba yimpumputhe. Engakafi, wacela u-Esawu ukuba azingele futhi amphekele isilwane ukuze adle athokoze.

UGenesise 27:1–4

Isithombe
URebeka ebuka u-Esawu

URebeka wayazi ukuthi kwase kuyisikhathi sokuba u-Isaka anike isibusiso sefa lobuzibulo

UGenesisi 27:5

Isithombe
URebeka ekhuluma noJakobe

URebeka wacela uJakobe ukuba athole izilwane ezimbili ukuze enze ukudla ngaphambi kokuba u-Esawu abuye. Ngaleyondlela uJakobe wayezothola isibusiso.

UGenesise 27:6–17

Isithombe
U-Isaka enikeza uJakobe isibusiso

UJakobe wagqoka njengo-Esawu wase eletha ukudla kuyise. U-Isaka wanika uJakobe isibusiso sefa lobuzibulo. Ngesikhathi u-Esawu ebuya, wayemthukuthelele kakhulu uJakobe. Kodwa ifa lobuzibulo laya kuJakobe ngoba wayegcina imiyalelo yeNkosi u-Esawu yena wayengayigcini.

UGenesise 27:18–29