Scripture Stories
IButho likaGideyoni


“IButho likaGideyoni,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“IButho likaGideyoni,” Izindaba zeTestamente eliDala

AbAhluleli 6–7

IButho likaGideyoni

Ukwethemba iNkosi eMpini

Isithombe
AbakwaMidiyani betshontsha ukudla

Abantu bakwa-Israyeli babusiswa iminyaka eminingi. Kepha base bekhetha ukungayilaleli iNkosi. Ukubasiza bayikhumbule, iNkosi yadedela izitha zabo abakwaMidiyani ukuba bathathe ukudla nezilwane zabo. Ama-Israyeli ayelambile, ngakho-ke akhumbula iNkosi futhi akhulekela Kuyo ecele usizo.

AbAhluleli 6:1–7

Isithombe
ingelosi ikhuluma noGideyoni

UGideyoni wayeyindoda evela emndenini ompofu. INkosi yathumela ingelosi ukumbiza ukuba akhulule u-Israyeli. UGideyoni wazibuza ukuthi kungani iNkosi ikhethe yena.

AbAhluleli 6:11–15

Isithombe
abantu abathukuthelele uGideyoni eceleni kwesithombe esibhujisiwe

INkosi yatshela uGideyoni ukuba abhubhise izindawo lapho ama-Israyeli ayekhonza khona onkulunkulu bamanga. Ngesikhathi uGideyoni elalela, abantu babediniwe.

AbAhluleli 6:25–27

Isithombe
Ubaba kaGideyoni emvikela ebantwini abanolaka

Ama-Israyeli ayefuna ukumbulala uGideyoni. Kepha ubaba kaGideyoni wabenza ukuba bengamlimazi. UGideyoni wagcinwa ephephile.

AbAhluleli 6:28–32

Isithombe
UGideyoni ekhuleka

UGideyoni wayengacabangi ukuthi angakwazi ukukhulula u-Israyeli. Kwakunamasosha angephezulu kwezi-135,000 kwibutho labakwaMidiyani. Kepha iNkosi yapha uGideyoni ukuhlakanipha namandla.

AbAhluleli 6:13–16; 8:10

Isithombe
amasosha eshiya ibutho

INkosi yayifuna ama-Israyeli azi ukuthi angaphumelela ngamandla Ayo, hhayi awabo. Noma u-Israyeli wawunamasosha ayizi-32,000, iNkosi yatshela uGideyoni ukuba agodukise noma yimaphi amasosha ayenokwesaba. Emuva kokuba ayizi-22,000 egodukile, ama-Israyeli ayesesele namasosha ayizi-10,000.

AbAhluleli 7: 2–3

Isithombe
amasosha ephuza emanzini

INkosi yathi amasosha ayizi-10,000 ayesamaningi kakhulu. Yatshela uGideyoni ukuba ayise ibutho emanzini. Lawo ayephuza amanzi ngomlomo ayezogodukiswa. Lawo asebenzisa izandla zawo ukuphuza amanzi ayengahlala. Manje kwakusele amadoda angama-300 qha.

AbAhluleli 7: 4–7

Isithombe
Amasosha akwa-Israyeli ephethe amacilongo namalambu azungeze ikamu lakwaMidiyani.

Ekugcineni, ama-Israyeli ayesekulungele ukulwa. INkosi yakhombisa uGideyoni ukuthi abahlule kanjani abakwa-Midiyani. UGideyoni watshela ibutho lakhe ukuthi lisebenzise amacilongo namalambu ukubathusa. Umsindo namalambu kwadidisa abakwaMidiyani kakhulu kangangokuthi baqala ukulwa bebodwa. Emuva kwesikhathi bakhala futhi babaleka.

AbAhluleli 7:16–22

Isithombe
UGideyoni ehola amasosha

Ngoba uGideyoni wathemba iNkosi, ama-Israyeli ahlula ibutho elikhulu labakwaMidiyani ngamadoda angama-300 qha. INkosi yakhulula abantu bakwa-Israyeli.

AbAhluleli 7:23-25