“Amaphupho kaJosefa Ayalelwe nguMoya oNgcwele,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)
“Amaphupho kaJosefa Ayalelwe nguMoya oNgcwele,” Izindaba zeTestamente eliDala
UGenesise 30; 37
Amaphupho kaJosefa Ayalelwe nguMoya oNgcwele
Ubunzima bokuthandana njengomndeni
URaheli noJakobe babekhuleke iminyaka eminingi ukuba babe nendodana. INkosi yayiphendula imikhuleko yabo ngesikhathi kuzalwa uJosefa. UJosefa wayeyintandokazi kumadodana kaJakobe, futhi wanika uJosefa ibhantshi elikhethekile. Amadodana kaJakobe amadala ayeyi-10 ayenomona.
UGenesise 30:22–24; 37:1–4
Ngesikhathi uJosefa eneminyaka eyi-17, wabanephupho eliyalelwe nguMoya oNgcwele lapho ayeqoqa khona okusanhlamvu ensimini nabafowabo. Umqulu wokusanhlamvu kaJosefa waba mude. Kodwa imiqulu yabafowabo yawukhothamela okaJosefa. Ngesikhathi uJosefa exoxela abafowabo ngaleliphupho, bamthukuthelela.
UGenesise 37:2, 5–8
Kamuva, uJosefa waba nelinye iphupho eliyalelwe nguMoya oNgcwele. Ephushweni lakhe, ilanga, inyanga, nezinkanyezi eziyi-11 zazimkhothamela. UJosefa waxoxela umndeni wakubo ngaleliphupho. Leliphupho lalenza kuzwakale sengathi uJosefa uyowubusa umndeni wakubo. Abafowabo baJosefa bamthukuthelela kakhulu kunakuqala. Babengawathandi amaphupho akhe.
UGenesise 37:9–11
Ngelinye ilanga abafowabo bakaJosefa babondla izimvu kude kunasekhaya. UJakobe wathuma uJosefa ukuba ayobabheka.
UGenesise 37:12–19
Abanye abafowabo baJosefa babefuna ukumbulala. Bathatha ibhantshi likaJosefa bamphonsa emgodini.
UGenesise 37:20–24
Ngesikhathi uJosefa esemgodini, abafowabo babona izihambi ezaziya eGibithe. Abafowabo banquma ukuthengisa ngoJosefa ukuba abeyisigqila salezi zihambi ngezinhlamvu ezingama-20 zesiliva.
UGenesise 37:25–28
Emva kwalokho abafowabo bakaJosefa bafaka igazi lembuzi ebhantshini lakhe. Abafowabo baya kuyise, uJakobe, base bemtshengisa ibhantshi. Bakhuluma amanga kuJakobe bamtshela ukuthi uJosefa wayebulewe yizilwane zasendle.
UGenesise 37:31–33
UJakobe wakhala ngoba wayecabanga ukuthi uJosefa wayesefile.
UGenesise 37:32–35
Kodwa uJosefa wayesaphila. Wayekude nasekhaya eseGibithe, ephila njengesigqila.
UGenesise 37:36