Scripture Stories
U-Isaya umProfethi


“U-Isaya umProfethi,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“U-Isaya umProfethi,” Izindaba zeTestamente eliDala

U-Isaya 6–7; 9; 53–54

U-Isaya umProfethi

Iziprofetho ngeNkosi uJesu Kristu

Isithombe
U-Isaya ebizwa yiNkosi

Ama-Israyeli ayesenqotshwe isikhathi esiningi futhi ayefuna iNkosi iwavikele. Ngolunye usuku ethempelini, iNkosi yabiza indoda igama layo elingu-Isaya ukuba ifundise abantu ngokuza kukaJesu Kristu. U-Isaya wayebathanda abantu futhi wabafundisa ngokuthi uKristu angabasindisa kanjani.

U-Isaya 6:1-8

Isithombe
U-Isaya eprofetha ngokuzalwa kukaJesu

U-Isaya wafunda ukuthi uJesu Kristu wayezofika ngelinye ilanga ezosindisa abantu Bakhe ezonweni. Kepha, akuwona wonke umuntu owayezombona njengoMsindisi wabo. U-Isaya wadabuka kakhulu ngoba wayazi ukuthi abantu abaningi babengeke bekholelwe kuJesu Kristu.

u-Isaya 6:9–13; 7:14; 53:1–9

Isithombe
U-Isaya ebhala ngokuZa kwesiBili kukaKristu

Kodwa u-Isaya waphinde waprofetha ngokuZa kwesiBili kukaJesu Kristu. UJesu Kristu wayezobuya abe yiNkosi yomhlaba wonke. Wayezobuya futhi afeze isu likaBaba Wakhe ngokuletha isihe nokuthula ingunaphakade. U-Isaya wathi wonke umuntu wayezokwazi ukuba uJesu Kristu unguMsindisi wabo.

U-Isaya 9:6-7; 54:1–10