“U-Abrahama no-Isaka,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)
“U-Abrahama no-Isaka,” Izindaba zeTestamente eliDala(2022)
UGenesise 17; 21–22
U-Abrahama no-Isaka
Ubaba, indodana, nomhlatshelo
U-Abrahama noSara baba nomntwana womfana, njengoba iNkosi yayethembisile. Bamqamba ngokuthi u-Isaka.
UGenesise 17:9; 21:1–3
Babemthanda u-Isaka. Bamfundisa ukukhetha okuhle nokwethemba iNkosi.
UGenesise 21:8
INkosi yethembisa u-Abrahama noSara ukuthi ngo-Isaka umndeni wabo uyokhula ubusise umhlaba wonke. Kodwa ngolunye usuku iNkosi yatshela u-Abrahama ukuba athathe u-Isaka amyise eNtabeni yaseMoriya futhi anikele ngo-Isaka njengomhlatshelo.
UGenesise 17:1–8; 22:1–2
Endleleni yabo eya entabeni, u-Isaka wabuza ukuthi ikuphi imvu yomhlatshelo na. U-Abrahama wathi iNkosi izosinika yona.
UGenesise 22:4–8
ENtabeni yaseMoriya, u-Abrahama wakha i-altare wabeka izinkuni kuyo.
UGenesise 22:8–9
Njengoba iNkosi yayiyalile, u-Abrahama wacela u-Isaka ukuba alale e-altare. U-Isaka wamethemba u-Abrahama njengendlela uMsindisi uJesu Kristu athemba ngayo uYise.
UGenesise 22:9
Ngesikhathi u-Abrahama ayesezonikela u-Isaka njengomhlatshelo, ingelosi yeNkosi yamvimba. U-Abrahama wakhombisa ukholo lwakhe eNkosini. U-Abrahama wayazi ukuthi uyohlezi eyilandela iNkosi.
UGenesise 22:10–12
U-Abrahama wabheka phezulu futhi wabona inqama ibhajwe ezihlahleni. INkosi yabanika inqama yomhlatshelo.
UGenesise 22:13
U-Abrahama no-Isaka bafunda ngokuthi uBaba oseZulwini wayeyonikela kanjani ngeNdodana Yakhe uJesu Kristu njengomhlatshelo. INkosi uJesu Kristu yamethemba u-Abrahama ngoba walalela. U-Abrahama wasethemba isethembiso seNkosi sokuthi ngelinye ilanga umndeni wakhe uyokhula ngaphezulu kwesibalo sezinkanyezi esibhakabhakeni.
UGenesise 22:17–18; uJakobe 4:5