“INkosi uDavide,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)
“INkosi uDavide,” Izindaba zeTestamente eliDala
1 Samuweli 18–19; 31; 2 Samuweli 1; 5; 11–12
INkosi uDavide
Imizabalazo yenkosi
Inkosi uSawulu, inkosi yakwa-Israyeli, yayihlabeke umxhwele ngokunqoba uGoliyati kukaDavide. USawulu wenza uDavide umholi wamabutho akhe.
1 Samuweli 18:5
UDavide wayeyithanda iNkosi, futhi wayehlezi efuna ukwenza lokho okwakukuhle. Abantu bakwa-Israyeli babemthanda uDavide.
1 Samuweli 18:6–7
USawulu wagcwala umona, wazama ukubulala uDavide Kodwa uDavide wayelandela iNkosi, futhi iNkosi yamvikela kuSawulu.
1 Samuweli 18:6–16; 19:1
Abakwa-Israyeli balwa izimpi eziningi. Ngelinye ilanga uSawulu namadodana akhe bafela empini. UDavide wayebathanda futhi wazizwa edangele ukuzwa ngokufa kwabo. Manje abakwa-Israyeli babedinga inkosi entsha. INkosi yakhetha uDavide ukuba abe yinkosi. Abantu babejabulile.
1 Samuweli 31:2–6; 2 Samuweli 1:11–12; 5:1–5
INkosi yambusisa uDavide futhi yamhola. Ngosizo lweNkosi, ibutho likaDavide lanqoba izitha zalo.
2 Samuweli 5:6–10, 17–25
Langa limbe ngesikhathi uDavide kwakufanele aye khona empini, wahlala ekhaya. Wabona intokazi enhle. Igama layo kwakunguBati Sheba, futhi uDavide wayefuna ukuyishada. Kodwa yayisishade u-Uriya, isosha ebuthweni likaDavide.
2 Samuweli 11:1–3
UDavide wayefuna ukushada uBati Sheba, ngakho-ke wayisa umyeni wakhe u-Uriya empini eyingozi khona u-Uriya ayezobulawa.
2 Samuweli 11:4–17
Maduzane uDavide wezwa ukuthi u-Uriya ufile empini. UDavide wathumela izisebenzi zakhe ukuba zilethe uBati Sheba emzini wakhe, futhi wamushada.
2 Samuweli 11:26–27
Kodwa iNkosi yayingejabule ngalokhu okwenziwe uDavide. INkosi yathumela uNathani, umphrofethi, ukutshela uDavide ukuthi isono sakhe sasinzima kanjani. UDavide wazizwa edangele ngalokhu ayekwenzile ku-Uriya nakuBati Sheba. Wakhuleka wazila nokudla ukuze axolelwe yiNkosi.
2 Samuweli 11:27; 12:1–13