Scripture Stories
UJakobe nomNdeni Wakhe


“UJakobe nomNdeni Wakhe,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“UJakobe nomNdeni Wakhe,” Izindaba zeTestamente eliDala

UGenesise 27–33

UJakobe nomNdeni Wakhe

Indlela iNkosi egcina Ngayo izithembiso Zayo

Isithombe
UJakobe ehamba ngembongolo

UJakobe washiya ikhaya lakubo ebalekela umfowabo othukuthele u-Esawu. Uyise kaJakobe wambusisa ukuba athole futhi ashade owesifazane owayethanda iNkosi futhi egcina imiyalelo Yayo.

uGenesise 27:42–46; 28:1–5

Isithombe
UJesu Kristu evela kuJakobe

Ngesikhathi uJakobe ehamba, iNkosi yamvakashela ngombono. Yathembisa ukuthi Iyohlezi inoJakobe. UJakobe wathembisa ukupha iNkosi ishumi lakho konke ayekuthola.

Genesise 28:10–16, 20–22

Isithombe
UJesu Kristu ekhuluma noJakobe

INkosi yathembisa uJakobe ukuthi uyoba nabantwana abaningi. Ngenxa yabantwana baJakobe, imindeni yasemhlabeni iyokubusiswa ukwazi uMsindisi. Umndeni kaJakobe ezinsukwini zokugcina ubizwa ngokuthi u-Israyeli

uGenesise 28:3–4, 14; 1 Nefi 10:14

Isithombe
uJakobe noRaheli

UJakobe wahamba ukuya ezweni elibizwa ngokuthi iseHarana. Lapho wazizwa ethanda owesifazane olungile obizwa ngoRaheli.

uGenesise 27:43; 29:9–20

Isithombe
UJakobe esebenza ensimini

UJakobe wavuma ukusebenzela uyise kaRaheli, uLabani iminyaka eyisikhombisa, uma uLabani wayengamvumela ukuthi ashade indodakazi yakhe uRaheli. ULabani wavuma. UJakobe wasebenza iminyaka eyisikhombisa.

UGenesise 29:21–27

Isithombe
UJakobe, uRaheli, noLeya

Kodwa uLabani wayefuna uLeya, indodakazi yakhe endala, ukuba ishade kuqala. Ngesikhathi somshado, uLabani wakhohlisa uJakobe wamenza ukuba ashade uLeya esikhundleni sikaRaheli. Kodwa uJakobe wayemthanda uRaheli. Wathembisa ukusebenza eminye iminyaka eyisikhombisa uma wayengamushada naye. ULabani wavuma, futhi umndeni kaJakobe waqala ukukhula.

uGenesise 29:28–35; 30:3–13, 17–24; uJakobe 2:27–30

Isithombe
UJakobe ehamba nomndeni wakhe

ULabani akamkhokhelanga uJakobe ngokweqiniso. Kodwa iNkosi yambusisa ngezilwane eziningi uJakobe futhi yatshela uJakobe ukuba abuyele ekhaya.

uGenesise 30:31, 43; 31:1–7, 17–18

Isithombe
UJakobe

Endleleni eya ekhaya, uJakobe wafunda ukuthi umfowabo u-Esawu namadoda angamakhulu amane ayeza ukuzohlangana naye.

UGenesise 32:3–6

Isithombe
UJakobe efihla umndeni

UJakobe wayecabanga ukuthi u-Esawu kwakungenzeka ukuba wayesamuthukuthelele. UJakobe wayesabela ukuphepha komndeni wakhe, ngakho-ke wawuyisa endaweni ephephile futhi wakhuleka.

UGenesise 32:7–24

Isithombe
UJesu Kristu ekhuluma noJakobe

UJakobe wakhuleka ubusuku bonke kwaze kwaba yisekuseni. INkosi yamuvakashela uJakobe futhi yamubusisa. INkosi yatshela uJakobe ukuthi uyokuba umholi oqotho kwabaningi. INkosi yalishintsha igama likaJakobe laba ngu-Israyeli.

UGenesise 32:24–30

Isithombe
u-Esawu ehlangana noJakobe

Maduzane u-Esawu namadoda akhe amuthola uJakobe nomndeni wakhe. U-Esawu wayengasamuthukuthelele uJakobe. Wagijima ukuyohlangana noJakobe futhi wamanga. Wayejabule kakhulu ukumbona kanye nokuhlangana nomndeni wakhe. UJakobe naye wayejabule ukubona u-Esawu.

UGenesise 33:1–7

Isithombe
UJakobe no-Esawu bebuka umndeni

INkosi yasigcina isethembiso Sayo kuJakobe impilo yakhe yonke. Ujakobe wafika ekhaya nomndeni wakhe futhi wazinza lapho. Kusukela ngaleso sikhathi, uJakobe wayebizwa ngo-Israyeli, futhi umndeni wakhe wawubizwa ngama-Israyeli. Waqhubeka ukugcina imiyalelo nokukhonza iNkosi.

UGenesise 33:17–20