Scripture Stories
Mayelana neTestamente eliDala


“Mayelana neTestamente eliDala,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“Mayelana neTestamente eliDala,” Izindaba zeTestamente eliDala

Mayelana neTestamente eliDala

Izethembiso zikaBaba oseZulwini kubantwana Bakhe esikhathini esedlule

Isithombe
Umfanekiso wempilo eyandulela eyasemhlabeni

Ingxenya yokuqala yeBhayibheli eliNgcwele yiTestamente EliDala Lemibhalo engcwele yalotshwa kudala, ngisho ngaphambi kokuthi kuzalwe uJesu Kristu. Inezindaba ezisisiza ukuthi sibenokholo kuYe. Isifundisa ukuthi umuntu ngamunye lapha emhlabeni uyingxenye yomndeni kaBaba oseZulwini nokuthi Uyabathanda abantwana Bakhe.

uDuteronomi 7:7–9; u-Isaya 45:10–12

Isithombe
U-Adamu no-Eva eNsimini

KwiTestamente eliDala, uJesu Kristu ubizwa ngoJehova nangeNkosi. Ulandela imiyalelo kaBaba oseZulwini. Kusukela ngesikhathi sika Adamu no-Eva, uBaba oseZulwini uthumele iNkosi uJesu Kristu ukuba ikhulume nabaprofethi Bakhe. UBaba oseZulwini uthumela uMoya oNgcwele ukuba usisize ukuthi sazi ukuthi amazwi abaprofethi ayiqiniso.

u-Eksodusi 6:2–3; II iziKronike 20:20; u-Amose 3:7; II kaPetru 1:21; uMose 2:1

Isithombe
Inzalo ka-Adamu

INkosi yethembisa umprofethi u-Abrahama nomkakhe uSara ukuthi umndeni wabo uyokhula ubusise umhlaba wonke. Umzukulu wabo uJakobe waba nomndeni omkhulu owaba yisizwe. Babebizwa ngendlu ka-Israyeli, noma ama-Israyeli. Abaprofethi babafundisa ukuthi balangazelele ukufika kukaJesu Kristu.

uGenesise 15:5–6; 17:1–8; uDuteronomi 18:15; u-Isaya 7:14

Isithombe
abantu bebuka uthingo lwenkosazana

Izindaba eziningi ezikwiTestamente eliDala zibonakalisa indlela iNkosi eyagcina ngayo izithembiso Zayo kuma-Israyeli.

uGenesise 9:13–17; uJeremiya 11:4–5; KumaHeberu 11:1–35

Isithombe
UMose ebonakalisa ngenduku kubantu

Ngesikhathi ama-Israyeli elalela abaprofethi futhi egcina imyalelo, iNkosi yayibasiza. Ngesikhathi engalaleli, Yayingakwazi ukubasiza.

uDuteronomi 11:26–28; uJobe 36:11–12

Isithombe
abantwana befunda imibhalo engcwele

Uyingxenye yomndeni kaBaba oseZulwini. UBaba oseZulwini unomusa, futhi Uyakhuthanda. Unesu ngawe. Ngenxa yeNkosi uJesu Kristu, ungabuyela uyophila noBaba oseZulwini futhi. Njengoba ama-Israyeli afundiswa, ungakhetha ukuba nethemba eNkosini ugcine imiyalelo Yayo.

u-Eksodusi 15:2; uDuteronomi 4:31; 5:10; uMoses 1:39