Scripture Stories
UJosefa neNdlala


“UJosefa neNdlala,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“UJosefa neNdlala,” Izindaba zeTestamente eliDala

UGenesise 42–46

UJosefa neNdlala

Ithuba lomfowethu ukuba ahlanganise umndeni wakhe

Isithombe
UJakobe ethumela amadodana akhe eGibithe

Umndeni kaJakobe wawulambile ngenxa yendlala. Ngakho-ke uJakobe wathumela amadodana akhe ukuba aye eGibithe ukuyothenga ukudla. Wagcina indodana yakhe engumagcino, uBenjamini, ekhaya. Wayesaba ukulahlekelwa nguBenjamini njengoba alahlekelwa yindodana yakhe uJosefa emnyakeni eminingi edlule ngaphambilini. Wayengazi ukuthi amadodana akhe amadala amdayisa uJosefa njengeisigqila.

UGenesise 42:1–4

Isithombe
abafowabo becela uJosefa ukudla

Ngalesiskhathi, uJosefa wayesengumholi omkhulu eGibithe. Kwakunguye owayephethe umsebenzi wokuthengiswa kokudla ngesikhathi sendlala. Abafowabo bahlangana noJosefa base bemcela ukudla. Babengamboni.

UGenesise 42:5–8

Isithombe
UJosefa ekhuluma

UJosefa wayebabona bona, kodwa wenza sengathi wayengabazi. Wababuza ngomndeni wabo ukuze athole ukuthi ngabe uyise nomfowabo uBenjamini babesaphila na.

UGenesise 42:10–14

Isithombe
abafowabo behamba nokudla

UJosefa wayesenika abafowabo ukudla Wabatshela ukuthi bangabuyi ukuzofuna okunye ukudla uma babengeke beze nomfowabo omncane kunabo bonke, uBenjamini.

UGenesise 42:15–20

Isithombe
abafowabo bebuyela eGibithe

Ngesikhathi umndeni uphelelwa ukudla futhi, uJakobe wayazi ukuthi kwakufanele athume uBenjamini kanye namanye amadodana akhe ukuba baphindele eGibithe. UJakobe wayesesaba ukudedela uBenjamini ukuba ahambe. Kodwa uJuda, omunye wamadodana, wethembisa ukuthi wayezomgcina ephephile uBenjamini.

UGenesise 43:1–15

Isithombe
UJosefa ebeka abafowabo icala lokuntshontsha inkomishi yesiliva

Ngesikhathi abafowabo bebuyela eGibithe, uJosefa wenza kwaba sengathi uBenjamini wantshontsha inkomishi yesiliva. Wayefuna ukubona ukuthi ngabe abafowabo abadala sebaguquka yini na. UJuda wamncenga uJosefa ukuba ajezise yena kunokuba ajezise uBenjamini.

UGenesise 44

Isithombe
UJosefa eziveza ukuthi ungubani

UJosefa wayejabule kakhulu ukubona ukuthi abafowabo sebaguquka. Babethanda uBenjamini ngokwanele ukuthi bamvikela. Ngakho-ke, ekugcineni, uJosefa wabatshela ukuthi wayengubani.

UGenesise 42:21–24; 45:1–4

Isithombe
uJosefa esingatha abafowabo

UJosefa wabaxolela abafowabo ngokumdayisa ukuba abe yisigqila. UJosefa wathi kwakuyindlela yokuthi iNkosi isize umndeni wabo endlaleni.

UGenesise 45:5–8

Isithombe
abafowabo begijimela kuJakobe

Abafowabo baJosefa babuyela kuyise, uJakobe, bamtshela konke okwakwenzekile. UJakobe wathuthela wonke umndeni wakhe eGibithe.

UGenesise 45:24–28; 46:1–26

Isithombe
UJosefa noJakobe beseGibithe, uFaro ebabukela

UFaro wawemukela umndeni kaJakobe. Wabanikeza umhlaba nezilwane ukuze babe nokudla okuningi. Umndeni kaJakobe waphila ngokuthula isikhathi eside.

UGenesise 45:16–23