Scripture Stories
URuthe noNawomi


“URuthe noNawomi,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“URuthe noNawomi,” Izindaba zeTestamente eliDala

URuthe 1–4

URuthe noNawomi

Ukusinda ezivivinyweni ngothando nangokwethembeka

Isithombe
UNawomi nomndeni behamba edolobheni

UNawomi nomndeni wakhe bahamba bayohlala kwaMowabi ngoba kwakungekho ukudla okwanele ezweni lakwaJuda. Kusenjalo umyeni kaNawoni wafa. Amadodana kaNawomi ashada abesifazane bakwaMowabi ababebizwa ngoOrpa noRuthe. Bamnakekela uNawomi iminyaka eyishumi.

URuthe 1:1–4

Isithombe
U-Orpa, uRuthe noNawomi besingathana

Abayeni ba-Orpa noRuthe bafa. Manje laba besifazane base besele bodwa. UNawomi wayengakwazi ukupha uRuthe no-Orpa ukudla.

URuthe 1:5, 8–10

Isithombe
URuthe noNawomi bahamba ngekameli

U-Orpa wabuyela ekhaya. Kodwa uRuthe wayefuna ukuhlala anakekele uNawomi. URuthe noNawomi bezwa ukuthi izwe lakwaJuda lase linezitshalo futhi, ngakho-ke baya khona.

URuthe 1:16–19

Isithombe
URuthe eqoqa imifino

URuthe noNawomi bafika ezweni lakwaJuda ngesikhathi sokuvuna. Babedinga ukudla. Isihlobo sikaNawomi esasibizwa ngoBowazi sasinamasimu ezweni lakwaJuda. Sadedela uRuthe ukuba athathe imifino eyayisasele emasimini aso. Kwakungumsebenzi onzima.

URuthe 1:22; 2:3

Isithombe
UBowazi ekhuluma noRuthe

UBowazi wayemhlonipha uRuthe ngoba wayesebenza kanzima futhi ngoba wayethembekile kuNawomi naseNkosini. Watshela izinceku zakhe ukuba zishiyele uRuthe eminye imifino emasimini.

URuthe 2:5–17

Isithombe
URuthe noNawomi

UNawomi wayefuna uRuthe abe nomndeni. Wamkhuthaza uRuthe ukuba agane uBowazi. URuthe wayazi ukuthi uma yena noBowazi babengashada, bayokwazi ukunakekela uNawomi ndawonye.

URuthe 3:1–2; 4:15

Isithombe
URuthe noBowazi

URuthe wanquma ukucela uBowazi ukuba amshade. UBowazi wayazi ukuthi uRuthe wayengowesifazane othembekile futhi onesimilo esihle Wavuma.

URuthe 3:3–18; 04:13

Isithombe
URuthe, uBowazi, nomntwana

URuthe noBowazi bashada. Masinyane uRuthe waba nomntwana womfana. Waba ngumkhulu kaDavide, inkosi yangomuso. Eminyakeni eminingi eyalandela, uJesu Kristu wazalwa emndenini waloluzalo.

URuthe 4:13–17