Scripture Stories
Umndeni ka-Adamu no-Eva


“Umndeni ka-Adamu no-Eva” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)

“Umndeni ka-Adamu no-Eva,” Izindaba zeTestamente eliDala

uGenesise 4; uMose 5–6

Umndeni ka-Adamu no-Eva

Ukukhetha ukulandela iNkosi

Isithombe
U-Adamu no-Eva nomndeni

Emuva kokuba u-Adamu no-Eva bashiye iNsimu yase-Edene, baqhubeka bafunda ngesu likaBaba oseZulwini lasemhlabeni elingabo. Baba nabantwana abaningi futhi babafundisa konke abakwaziyo ngeNkosi. Abanye abantwana ba-Adamu no-Eva bakhetha ukulalela iNkosi. Kepha abanye bakhetha ukungayilaleli.

uMose 5:1–12; 6:15

Isithombe
U-Adamu no-Eva nabantwana, u-Adamu ubhala umbhalo ongcwele

Umndeni ka-Adamu no-Eva wagcina incwadi yesikhumbuzo. Babhala umlando womndeni wabo encwadini. Babhala ngokuthi iNkosi yabasiza kanjani.

uMose 6:5–6

Isithombe
UKayini no-Abele

UKayini no-Abele babengamadodona amabili ka-Adamu no-Eva. U-Abele wayeyithanda iNkosi futhi wakhetha ukuyilandela. UKayini akayilalelanga iNkosi. Wakhetha ukuvukela.

UGenesise 4:1-16

Isithombe
indoda ebheke idolobha

Umndeni ka-Adamu no-Eva waqhubeka wakhula. Abanye abantu abaningi bazalwa. Bonke babenenkululeko yokuthatha izinqumo. Ngokuhamba kwesikhathi, abanye bavukela imiyalelo yeNkosi. INkosi yathumela abaprofethi ukuba bafundise abantu ukuba baphenduke.

uGenesise 4:25–26; uMose 5:13; 6:23