“UHagari,” Izindaba zeTestamente eliDala (2022)
“UHagari,” Izindaba zeTestamente eliDala
UGenesise 16
UHagari
Isu leNkosi ngendodakazi Yayo
UHagari wayeyincekukazi kaSara. USara wayemdala futhi engenabantwana. Watshela umyeni wakhe, u-Abrahama, ukuthi aganwe nguHagari ukuze bakwazi ukuba nabantwana. U-Abrahama noHagari bashada, futhi uHagari wayesezoba nomtwana maduzane.
UGenesise 16:1–3
UHagari noSara baqala ukungaphathani kahle. UHagari wakhetha ukubalekela ogwadule.
UGenesise 16:4–6
Ngesikhathi uHagari ehamba, wakhathala kakhulu futhi woma. Ekugcineni, wafikela endaweni enamanzi waphumulela khona.
UGenesise 16:7
INkosi yayazi ngezinkathazo zikaHagari futhi yayinesu lokumsiza. Yathumela ingelosi ukuthi imcele ukuba abuyele ku-Abrahama noSara. Yathembisa ukuthi umndeni kaHagari wawuzokhula. Yathi umntwana ayezomthola kwakuzoba ngumfana futhi kwakuzofanele amqambe igama lokuthi ngu-Ishmayeli.
UGenesise 16:7–14
UHagari wayethemba iNkosi futhi wayilalela ingelosi. Wabuyela ku-Abrahama noSara. UHagari wamuthola umtwana wakhe womfana, futhi igama lakhe laba ngu-Ishmayeli. UHagari wayazi ukuthi iNkosi yayimqaphile.
UGenesise 16:11, 15