ImiBhalo eNgcwele
Mose 6


Isahluko 6

(Novemba–Disemba 1830)

Inzalo ka-Adamu igcina incwadi yokukhumbula—Isizukulwane sakhe esilungileyo sishumayela ukuphenduka—UNkulunkulu uyazembula ku-Enoke—U-Enoke ushumayela ivangeli—Isu lensindiso lembulwa ku-Adamu—Wafumana ukubhabhadiswa nobuphristi.

1 Futhi au-Adamu walilalela izwi likaNkulunkulu, futhi wabiza amadodana akhe ukuba aphenduke.

2 Futhi u-Adamu waphinda wamazi umfazi wakhe, futhi wazala indodana, wayibiza igama ngokuthi auSeti. U-Adamu walidumisa igama likaNkulunkulu; ngokuba wathi: UNkulunkulu ungiphe enye inzalo, esikhundleni sika-Abela, owabulawa nguKayini.

3 Futhi uNkulunkulu wazembula kuSeti, futhi wangahlubuka, kodwa wanikela ngo amnikela owamukelekayo, njengowomfowabo u-Abela. Futhi nakuye kwazalwa indodana, futhi wayibiza ngokuthi ngu-Enoshe.

4 Futhi ngaleso sikhathi lamadoda aqala aukubiza igama leNkosi, futhi iNkosi yababusisa;

5 Futhi aincwadi yokukhumbula yagcinwa, okwakubhalwe kuyo, ngolimi luka-Adamu, ngokuba kwanikwa kwabaningi kangangoba babebizwe nguNkulunkulu ukuba babhale ngomoya woku bshisekeliswa.

6 Futhi ngabo abantwana babo bafundiswa ukufunda nokubhala, benolimi olwalumsulwa futhi lungangcolile.

7 Manje lobu abuPhristi, obabukhona ekuqaleni, buyoba khona nasekupheleni komhlaba futhi.

8 Manje lesi siphrofetho u-Adamu wasikhuluma, njengoba wayeqhutshwa ngu aMoya oNgcwele, futhi bumlando wesizukulwane wagcinwa wa cbantwana baNkulunkulu. Futhi lena kwaku dyincwadi yezizukulwane zika-Adamu, ithi: Ngosuku uNkulunkulu adala ngalo umuntu, ngomfanekiso kaNkulunkulu wamenza;

9 aNgomfanekiso womzimba wakhe uqobo, owesilisa nowesifazane, wabadala bbona, futhi wababusisa, cwababiza ngokuthi u-Adamu, ngosuku abadalwa ngalo futhi baba dngabantu abaphilayo ezweni eliyi esenabelo sesihlalo sikaNkulunkulu.

10 Futhi au-Adamu waphila iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana efana naye, bingomfanekiso wakhe uqobo, futhi wayibiza ngokuthi nguSeti.

11 Futhi izinsuku zika Adamu, emuva kokuzala uSeti, zaba yiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili, futhi wazala amadodana namadodakazi amaningi;

12 Futhi zonke izinsuku u-Adamu aziphila zazingamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu eminyaka, futhi wayesefa.

13 USeti waphila iminyaka eyikhulu nesihlanu, futhi wazala u-Enoshe, futhi waphrofetha izinsuku zonke zakhe, futhi wafundisa indodana yakhe u-Enoshe ngezindlela zikaNkulunkulu; ngalokho-ke u-Enoshe naye waphrofetha.

14 Futhi USeti waphila, emuva kokuzalwa kuka-Enoshe, iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili nesikhombisa, futhi wazala amadodana namadodakazi amaningi.

15 Futhi abantwana babantu base bebaningi ebusweni bezwe. Futhi kulezo zinsuku uSathane awabusa kakhulu phakathi kwabantu, futhi wadlanga ezinhliziyweni zabo; futhi kusukela ngaleso sikhathi kwabakhona izimpi nokucitheka kwegazi; futhi isandla somuntu sasimelene nomfowabo, kukho ukubulala, ngenxa byemisebenzi eyimfihlo, befuna amandla.

16 Zonke izinsuku zikaSeti zaba yiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi nambili, futhi wayesefa.

17 Futhi u-Enoshe waphila iminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye, wazala auKhenani. U-Enoshe nabaseleyo babantu baNkulunkulu baphuma ezweni, elalibizwa ngokuthi iShuloni, futhi wahlala ezweni lesethembiso, alibiza ngegama lendodana yakhe, ayeyibize ngoKhenani

18 Futhi u-Enoshe waphila, emuva kokuzala uKhenani, iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili neshumi nanhlanu, wazala amadodana namadodakazi amaningi. Zonke izinsuku zika-Enoshe zaba ngamakhulu ayisishiyagalolunye nesihlanu, wayesefa.

19 Futhi uKhenani waphila iminyaka engamashumi ayisikhombisa wazala uMahalalele; UKhenani waphila emuva kokuzala uMahalalele iminyaka engamakhulua ayisishiyagalombili namashumi amane, futhi wazala amadodana namadodakazi. Futhi zonke izinsuku zikaKhenani zaba yiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi, wayesefa.

20 Futhi uMahalalele waphila iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu, futhi wazala uJarede; UMahalalele waphila, emuva kokuzala uJarede, iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu, futhi wazala amadodana namadodakazi. Zonke izinsuku zikaMahalalele zaba ngamakhulu ayisishiyagalombili namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu, wayesefa.

21 Futhi uJarede waphila iminyaka eyikhulu namashumi ayisithupha nambili, futhi wazala au-Enoke; UJarede waphila, emuva kokuzala u-Enoke, iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili, futhi wazala amadodana namadodakazi. Futhi uJarede wafundisa u-Enoke zonke izindlela zikaNkulunkulu.

22 Lona ngumlando wesizukulwane samadodana ka-Adamu, owayeyi andodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uqobo owayekhuluma naye.

23 Futhi babenga abashumayeli bokulunga, futhi babe khuluma futhi bbephrofetha, futhi babe biza bonke abantu, yonke indawo, ukuba cbaphenduke; futhi dukholo lwalu fundiswa kubantwana babantu.

24 Futhi kwenzeka ukuthi zonke izinsuku zikaJarede zaba ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisithupha nambili, wayesefa.

25 Futhi u-Enoke waphila iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu, wazala auMetushela.

26 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke wahamba ezweni, phakathi kwabantu; futhi ngesikhathi esahamba, uMoya kaNkulunkulu wehla uphuma ezulwini, wahlala kuye.

27 Futhi wezwa izwi livela ezulwini, lithi: Enoke, ndodana yami, phrofetha kulabantu, uthi kubo—Phendukani, ngokuba isho kanje iNkosi: aNgibathukuthelele labantu, futhi intukuthelo yami enkulu yokhelekile ngokumelene nabo; ngokuba izinhliziyo zabo ziya ngokuba lukhuni, ne bzindlebe zabo zibuthuntu ukuzwa, futhi amehlo abo cawakwazi ukubona kude;

28 Futhi kulezi zizukulwane eziningi, kusukela ngosuku engabadala ngalo, abadukile, futhi bangiphikile, futhi bafune ezabo izeluleko ebumnyameni; futhi kuzo izinengiso zabo benze amacebo okubulala, futhi abayigcinanga imiyalelo, engayinika uyise, u-Adamu.

29 Ngalokho-ke, bazifungele, futhi, nge azifungo zabo, bazilethele ukufa kubo; futhi bisihogo ngisilungisele bona, uma bengaphenduki;

30 Futhi lona ngumyalelo, engawuthumela ekuqaleni komhlaba, usuka kowami umlomo, kusuka esisekelweni sawo, futhi nangemilomo yezinceku zami, oyihlo, ngiyimisile, ngisho njengoba izothunyelwa emhlabeni, kuze kube sekupheleni kwawo.

31 Futhi ngesikathi u-Enoke esewazwile lamazwi, wakhothama phansi, phambi kweNkosi, futhi wakhuluma phambi kweNkosi ethi: Kungani ukuba ngithole ukuthandwa emehlweni akho, futhi ngise ngumfana, futhi bonke abantu bayangizonda; ngokuba anginamalimi; ngalokho-ke ngabe ngiyinceku yakho na?

32 Futhi iNkosi yathi ku-Enoke: Hamba futhi wenze njengoba ngikuyalile, futhi akukho muntu oyokuhlaba. Vula aumlomo wakho, futhi uyogcwaliswa, futhi ngiyokunika ozokusho, ngokuba yonke inyama isezandleni zami, futhi ngizokwenza njengoba kubonakala kukuhle kimi.

33 Yithi kulaba bantu: aKhethani namuhla, ukuba nisebenzele iNkosi uNkulunkulu eyanenzayo.

34 Bheka uMoya wami ukuwe, ngalokho-ke wonke amazwi akho ngizobonisa ukuthi alungile; futhi aizintaba ziyokubalekela, bnemifula iyoshintsha imizila yayo; futhi uyohlala kimi, nami kuwe; ngakho-ke chamba nami.

35 Futhi iNkosi yakhuluma ku-Enoke, yathi kuye: Gcoba amehlo akho ngobumba, bese uyawageza, futhi uzobona. Futhi wenzenjalo.

36 Futhi wabona aimimoya eyayi dalwe nguNkulunkulu; waphinde wabona nezinto bezazingabonakali ngamehlo enyama; futhi kusuka ngaleso sikhathi kwanda isisho ndawo zonke ezweni esasithi: cUmboni iNkosi ibavusele abantu bayo.

37 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke wahamba kulelizwe, phakathi kwabantu, wema phezu kwamagquma nezindawo ezaziphakemeyo, futhi wamemeza ngezwi elikhulu, efakaza ngokumelene nemisebenzi yabo; futhi bonke abantu abacasuka ngenxa yakhe.

38 Futhi beza ukuzomlalela, ezindaweni eziphakemeyo, bethi kubagcinimatende: Salani lapha futhi nigcine amatende, ngesikhathi sisaya ngale ukuyobona umboni, ngokuba uyaphrofetha, futhi kukhona okungajwayelekile kulelizwe; umuntu ohlanyayo uze phakathi kwethu.

39 Futhi kwenzeka ngesikhathi bemuzwa, akukho muntu owambeka isandla; ngokuba ukwesaba kwaba kubo bonke abamuzwayo; ngokuba wayehamba noNkulunkulu.

40 Futhi kweza umuntu kuye, igama lakhe okwakungu Mahijaha, futhi wathi kuye: Sitshele ngokucacile ungubani, futhi ngabe uphumaphi na?

41 Futhi wathi kubo: Ngiphuma ezweni laseKhenani, izwe lobaba, izwe lokulunga kuze kube manje. Futhi ubaba wangifundisa ngazo zonke izindlela zikaNkulunkulu.

42 Futhi kwenzeka, ngesikhathi ngisahamba ezweni laseKhenani, ngasephumalanga yolwandle, ngabona umbono; futhi bheka, ngabona amazulu, neNkosi yakhuluma nami, futhi yanginika imiyalelo, ngalokho-ke, ukuze ngigcine lemiyalelo, ngikhuluna lamazwi.

43 Futhi u-Enoke wayiqhuba inkulumo ethi: INkosi eyakhuluma nami, yiyo futhi enguNkulunkulu wasezulwini, futhi inguNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu, futhi nina ningabafowethu, futhi kungani anifuna ezenu izeluleko, futhi nimphika uNkulunkulu wasezulwini na?

44 Amazulu wawenza; aumhlaba uyi bsenabelo sezinyawo zakhe; futhi isisekelo sawo singesakhe. Bhekani, wasimisa, isixuku sabantu wasiletha ebusweni bawo.

45 Futhi ukufa kweza kobaba bethu; nokho siyabazi, futhi ngeke sibaphike, futhi ngisho owokuqala kunabo bonke esimaziyo, ngisho u-Adamu.

46 Ngokuba aincwadi yokukhumbula siyibhalile phakathi kwethu, ngokwendlela esiyinikwe ngomunwe kaNkulunkulu; futhi inikwe ngolimi lwethu.

47 Futhi ngesikhathi u-Enoke ekhuluma amazwi kaNkulunkulu, abantu bathuthumela, futhi abakwazanga ukuma phambi bakhe.

48 Futhi wathi kubo: Ngenxa yokuthi u-Adamu awawa, sikhona; futhi ngokuwa kwakhe kweza bukufa; futhi senziwa abahlanganyeli bokuhlupheka nosizi.

49 Bheka uSathane uze phakathi kwabantwana babantu, futhi aubalinge ukuba bakhonze yena; futhi abantu sebebe ngaba bnaka inyama, naba cthokozisa imizwa, nabanobudeveli futhi ba dsusiwe phambi kukaNkulunkulu.

50 Kodwa uNkulunkulu wayekwazisile kobaba bethu ukuthi bonke abantu kufanele baphenduke.

51 Futhi wabiza ubaba u-Adamu ngezwi lakhe, ethi: NginguNkulunkulu; ngenza umhlaba, na abantu bngaphambi kokuba babe senyameni.

52 Futhi wathi kuye: Uma ungaphendukela kimi, futhi ulalele izwi lami, futhi ukholwe, futhi uphenduke kuzo zonke iziphambeko zakho, futhi aubhabhadiswe, ngisho emanzini, egameni leNdodana yami eZelwe Yodwa, egcwele bumusa neqiniso, engu cJesu Kristu, okuyilona dgama kuphela elinikiwe ngaphansi kwezulu, einsindiso eyokuza ngalo kubantwana babantu, uyofumana isipho sikaMoya oNgcwele, ucela zonke izinto egameni lakhe, futhi noma yini oyoyicela, uyonikwa yona.

53 Futhi ubaba u-Adamu wakhuluma neNkosi, futhi wathi: Kungani ukuba abantu kufanele baphenduke futhi babhabhadiswe emanzini na? Futhi iNkosi yathi ku-Adamu: Bheka angikuxolele isiphambeko sakho eNsimini yase-Edene.

54 Kulokhu kwanda isisho ndawo zonke phakathi kwabantu, ukuthi aiNdodana kaNkulunkulu isi bhlawulele isono sokuqala, lapho izono zabazali zingeke zaphendulwa emakhanda cabantwana, ngokuba bamsulwa kusuka ekusekelweni komhlaba.

55 Futhi iNkosi yakhuluma ku-Adamu, ithi: Kangangoba abantwana bakho bezalelwe esonweni, kanjalo-ke uma sebeqala ukukhula, aisono siqala ukuba khona ezinhliziyweni zabo, futhi bezwa bubuhlungu, ukuze bakwazi ukwazisa okuhle.

56 Futhi kunikiwe kubo ukwazi okuhle nokubi; ngalokho-ke abayakwazi ukuzikhethela, futhi ngikunike omunye umthetho nemiyalelo.

57 Ngalokho-ke kufundise ebantwaneni bakho, ukuthi bonke abantu, yonke indawo, kufanele ba aphenduke, noma kungenjalo ngeke bafumane ifa lombuso kaNkulunkulu, ngokuba akukho bokungcolileyo okungahlala lapho, noma okunga chlala lapho ekhona; okungukuthi, ngolimu luka-Adamu, diNdoda yobuNgcwele yigama lakhe, futhi igama loZelwe Yedwa wakhe yi eNdodana yoMuntu, ngisho uJesu Kristu, ongu fMahluleli olungileyo, oyoza maphakathi nesikhathi.

58 Ngakho-ke ngikunika umyalelo, ukuba uzifundise lezi zinto ngokukhululekileyo kubo aabantwana bakho, uthi:

59 Ngenxa yesiphambeko kweza ukuwa, lokho kuwa okwaletha ukufa, futhi kangangoba wazalwa emhlabeni ngamanzi, negazi, no amoya, engikwenzileyo, ngaleyo ndlela waba ngumuntu ophilayo usuka bothulini, kanjalo-ke kufanele cuzalwe kabusha embusweni wasezulwini, nga dmanzi, nangoMoya, futhi uhlanzwe ngegazi, ngisho ngegazi loZelwe Yedwa wami; ukuze ungcweliswe ezonweni zonke, futhi euthokozele famazwi okuphila okuphakade kulomhlaba, nokuphila okuphakade emhlabeni ozayo, ngisho ginkazimulo yesimo sokungafi;

60 Ngokuba nga amanzi ugcina imiyalelo; ngoMoya bawunacala, futhi nge cgazi uya dngcweliswa;

61 Ngakho-ke kunikiwe ukuba kuhlale kini; ubufakazi basezulwini; auMduduzi; izinto zokuthula zenkazimulo yesimo sokungafi; iqiniso lazo zonke izinto; lokho okuphilisa zonke izinto, okwenza kuphile zonke izinto; lokho okwazi zonke izinto, nokunawo wonke amandla ngokuhlakanipha, ngomusa, ngeqiniso, ngokulunga, nangokwahlulela.

62 Manje, bheka, ngithi kuwe: Leli ayisu lensindiso kubantu bonke, ngegazi lo bZelwe Yedwa wami, oyoza maphakathi nesikhathi.

63 Futhi bheka, zonke izinto zinesifaniso sazo, futhi zonke izinto zadalwa futhi zenziwa ukuba azifakaze ngami, izinto ezingezemvelo, nezinto zomoya; izinto ezisezulwini phezulu, nezinto ezisemhlabeni, nezinto eziphakathi emhlabeni, nezinto ezingaphansi komhlaba, phezulu nangaphansi: zonke izinto zifakaza ngami.

64 Futhi kwenzeka, ngesikhathi iNkosi isikhulumile no-Adamu, ubaba, ukuthi u-Adamu wakhala eNkosini, futhi wahlwithwa ngu aMoya weNkosi, futhi wayiswa phansi emanzini, futhi wacwiliswa kuwo bamanzi, futhi wakhishwa emanzini.

65 Futhi ngaleyondlela wabhabhadiswa, futhi uMoya kaNkulunkulu wehlela kuye, futhi ngaleyondlela awazalwa ngoMoya, futhi bwaphiliswa ngaphakathi.

66 Futhi wezwa izwi livela ezulwini, lithi: Usu abhabhadisiwe ngomlilo, nangoMoya oNgcwele. Lobu wu bbufakazi bukaBaba, neNdodana, kusukela manje naphakade;

67 Futhi ungoko ahlelo lwakhe owayengenasiqalo sezinsuku noma isiphelo seminyaka, kusuka kulo lonke iphakade kuya kulo lonke iphakade.

68 Bheka, aumunye nami, indodana kaNkulunkulu; futhi ngalendlela bonke bangaba nga bmadodana ami. Amen.