ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 15


Isahluko 15

UKristu uyikho kanjani kokubili uBaba kanye neNdodana—uyobancengela futhi athwale iziphambeko zabantu Bakhe—Bona kanye nabo bonke abaphrofethi abangcwele bayinzalo Yakhe—Ufeza uVuko—Abantwana abancane banokuphila okuphakade. Cishe ngonyaka we 148 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje u-Abinadi wathi kubo: Ngifuna ukuthi niqonde ukuthi uNkulunkulu uqobo lwakhe uyokuza phansi phakathi kwabantwana babantu, futhi uyokhulula abantu bakhe.

2 Futhi ngenxa yokuthi esenyameni uyobizwa ngokuthi uyiNdodana kaNkulunkulu, futhi esenze inyama yaba ngaphansi kwentando kaBaba, enguBaba futhi eyiNdodana—

3 EnguBaba, ngenxa yokuthi wazalwa ngamandla kaNkulunkulu; futhi eyiNdodana ngenxa yenyama; ngaleyondlela eba nguBaba kanye neNdodana—

4 Futhi banguNkulunkulu munye, yebo, yena kanye uBaba waPhakade wasezulwini kanye nasemhlabeni.

5 Ngakho-ke inyama iba ngaphansi koMoya, noma iNdodana iba ngaphansi kukaBaba, benguNkulunkulu munye, owahlushwa wukulingwa, futhi wangayengeka ekulingweni, kodwa wavumela ukuthi ahlekwe usulu, abhaxabulwe, axoshwe, futhi enqatshwe ngabantu bakhe.

6 Futhi emva kwakho konke lokhu, emva kokwenza eziningi nezinkulu izimangaliso phakathi kwabantwana babantu, uyoholwa, yebo, ngisho njengoba u-Isaya athi, njengemvu phambi kwabagundi iyisimunguli, njengoba kushiwo akawuvulanga umlomo wakhe.

7 Yebo, ngisho njengoba kushiwo naye uyoholwa, abethelwe, futhi abulawe, inyama ibe ngaphansi ngisho kokufa, intando yeNdodana igwinywe yintando kaBaba.

8 Futhi ngaleyo ndlela uNkulunkulu uzingqabulile izibopho zokufa, esethole ukunqoba phezu kokufa; enikeza iNdodana amandla ukuthi incengele abantwana babantu—

9 Esenyukele ezulwini, enesihawu ezibilini; egcwele ububele kubantwana babantu; emi phakathi kwabo kanye nokulunga; esezigqabulile izibopho zokufa, esethwale ububi babo kanye neziphambeko zabo, esebakhululile, futhi wenelisa izimfuno zokulunga.

10 Manje ngithi kini, ngubani oyomemezela isizukulwane sakhe na? Bheka, ngithi kini, uma umphefumulo wakhe sewenziwe umnikelo wesono uyoyibona inzalo yakhe. Manje nithini na? Futhi ngubani oyokuba yinzalo yakhe na?

11 Bheka ngithi kini, lowo owazwile amazwi abaphrofethi, yebo, bonke abaphrofethi abangcwele abaphrofethayo mayelana nokuza kweNkosi—Ngithi kini, bonke labo abawalalela amazwi abo, futhi bakholwa ukuthi iNkosi iyobakhulula abantu bayo, futhi balindela lolo suku lokuthethelelwa kwezono zabo, ngithi kini, yilaba abayinzalo yakhe, noma abayizindlalifa zombuso kaNkulunkulu.

12 Ngokuba yibo laba izono zabo azithwala; yibo laba abafelayo, ukubakhulula eziphambekweni zabo. Manje, ngabe abasiyo yini inzalo yakhe na?

13 Yebo, futhi ngabe akubona yini abaphrofethi, wonke umuntu ovule umlomo wakhe ukuphrofetha, ongawelanga esiphambekweni, ngisho bonke abaphrofethi abangcwele kusukela ekuqaleni komhlaba na? Ngithi kini bayinzalo yakhe.

14 Futhi yibo laba abamemezele ukuthula, abalethe izindaba ezinhle, abamemezele insindiso; futhi bathi kuyo iSiyoni: UNkulunkulu wakho uyabusa!

15 Futhi O zazizinhle kangakanani phezu kwezintaba izinyawo zabo!

16 Futhi phezu kwalokho, zinhle kangakanani phezu kwezintaba izinyawo zalabo namanje abasamemezela ukuthula!

17 Futhi phezu kwalokho, zinhle kangakanani phezu kwezintaba izinyawo zalabo okuyothi emva kwalokhu bamemezele ukuthula, yebo, kusukela ngalesi sikhathi kuqhubeka futhi ingunaphakade!

18 Futhi bhekani, ngithi kini, akukuphela kwakho lokhu. Ngokuba O zinhle kangakanani phezu kwezintaba izinyawo zalowo oletha izindaba ezinhle, lowo ongumsunguli wokuthula, yebo, ngisho iNkosi, ekhulule abantu bayo; yebo, elethe insindiso kubantu bayo;

19 Ngokuba ukuba kwakungave kungenxa yokukhululwa eyakwenzela abantu bayo, okwalungiswa kusukela ekusekelweni komhlaba, ngithi kini, uma kwakungave kungenxa yalokhu, bonke abantu kwakufanele babhubhe.

20 Kodwa bhekani, izibopho zokufa ziyogqashulwa, iNdodana iyabusa, futhi inamandla phezu kwabafileyo; ngakho-ke, ifeza ukuvuka kwabafileyo.

21 Futhi kuza uvuko, ngisho uvuko lokuqala; yebo, ngisho uvuko lwalabo ababekhona, kanye nalabo abakhona, kanye nalabo abayoba khona, ngisho kuze kube wuvuko lukaKristu—ngokuba uyobizwa kanjalo.

22 Manje, uvuko lwabo bonke abaphrofethi, kanye nabo bonke labo abakholelwa emazwini abo, noma bonke labo abagcine imiyalelo kaNkulunkulu, bayophuma ngovuko lokuqala; ngakho-ke, banguvuko lokuqala.

23 Bavuselwa ukuthi bahlale noNkulunkulu obakhululile; ngalendlela banokuphila okuphakade ngoKristu, ogqabule izibopho zokufa.

24 Futhi yibo laba abanesabelo ovukweni lokuqala; futhi yibo laba abafa ngaphambi kokufika kukaKristu, besekungazini, bengatholanga ukuthi insindiso imenyezelwe kubo. Futhi ngalendlela iNkosi ifeza ukubuyiselwa kwalaba; futhi banesabelo ovukweni lokuqala, noma banokuphila okuphakade, besindiswe yiNkosi.

25 Futhi nabantwana abancane nabo banokuphila okuphakade.

26 Kodwa bheka, yesaba, futhi uthuthumele phambi kukaNkulunkulu, ngokuba umele ukuthuthumela; ngokuba iNkosi ayisindisi namunye onjenga labo abamhlubukayo futhi nabafa besezonweni zabo; yebo, ngisho bonke labo ababhubha besezonweni zabo kusukela selokhu kwadabuka umhlaba, abahlubuka ngamabomu kuNkulunkulu, ababeyazi imiyalelo kaNkulunkulu, kepha bangayigcina; yibo laba abangenasabelo ovukweni lokuqala.

27 Ngakho-ke akumele yini nithuthumele na? Ngokuba insindiso ayizi nakoyedwa onjalo; ngokuba iNkosi ayisindisanga namunye onjalo; yebo, futhi ngeke iNkosi imsindise onjalo; ngokuba ayinakuziphikisa; ngokuba ayinakukwenqabela ukulunga uma sekuthatha indawo yakho.

28 Manje ngithi kini isikhathi siyofika lapho insindiso yeNkosi iyomenyezelwa kuzo zonke izizwe, imindeni, izilimi, kanye nakubantu.

29 Yebo, Nkosi, abalindi bakho bayophakamisa amazwi abo; ngezwi kanye kanye bayohlabelela; ngokuba bayobona iso neso, ngesikhathi iNkosi isibuyisa iSiyoni futhi.

30 Qhumukani ngenjabulo, hlabelelani kanyekanye, nina mazwe achithiweyo aseJerusalema; ngokuba iNkosi ibaduduzile abantu bayo, iyisindisile iJerusalema.

31 INkosi iyembulile ingalo yayo engcwele emehlweni azo zonke izizwe; futhi yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaNkulunkulu wethu.