ImiBhalo eNgcwele
Alima 27


Isahluko 27

INkosi iyala u-Amoni ukuthi aholele abantu bakwa-Anti-Nefi-Lehi ekuphepheni—Ekuhlanganeni no-Alima, injabulo ka-Amoni iqeda amandla akhe—AmaNefi anikeza ama-Anti-Nefi-Lehi izwe lakwaJereshoni—Babizwa ngabantu ba-Amoni. Cishe ngonyaka wama 90 kuya kowama 77 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi lawo maLamani ayehambe ayolwa namaNefi esethole, emva kwemizabalazo yawo eminingi ukuba bababulale, ukuthi kwakuyize ukufuna ukuwabulala, aphinda abuyela ezweni lakwaNefi.

2 Futhi kwenzeka ukuthi ama-Amaleki, ngenxa yokulahlekelwa kwawo, athukuthela kakhulu. Futhi ngesikhathi ebona ukuthi ayengenakukwazi ukufuna impindiselo kumaNefi, aqala ukuthi aphehle abantu ngentukuthelo ngokumelene anabafowabo, abantu bakwa-bAnti-Nefi-Lehi; ngakho-ke aqala futhi ukubabulala.

3 Manje labantu abaphinda benqaba ukuthatha izikhali zabo, futhi bazinikela ukuthi babulawe njengokufisa kwezitha zabo.

4 Manje ngesikhathi u-Amoni kanye nabafowabo bewubona lo msebenzi wokubulawa phakathi kwalabo ababe ngabathandiweyo kakhulu babo, kanye naphakathi kwalabo ababebathanda kangaka—ngokuba babebaphathe njengezingelosi ezazithunyiwe zivela kuNkulunkulu ukuzobasindisa ekonakalisweni kwaphakade—ngakho-ke, ngesikhathi u-Amoni kanye nabafowabo bewubona lomsebenzi omkhulu wokubulawa, bagcwala isihe, futhi abathi enkosini:

5 Masibaqoqeleni ndawonye laba bantu beNkosi, futhi masihambe sehlele ezweni lakwaZarahemla kubafowethu amaNefi, futhi sibaleke siphume ezandleni zezitha zethu, ukuze singabulawa.

6 Kodwa inkosi yathi kubo: Bhekani, amaNefi azosibulala, ngenxa yokubulala okuningi kanye nezono esazenza kuwo.

7 Futhi u-Amoni wathi: Ngizohamba ngiyobuza eNkosini, futhi uma ithi kithi, masihambe sehlele ezansi kubafowethu, ngabe nizohamba na?

8 Inkosi yathi kuye: Yebo, uma iNkosi ithi kithi masihambe, sizohamba sehlele ezansi kubo abafowethu, futhi siyokuba yizigqila zabo size silungise kubo ukubulala okuningi kanye nezono esazenza kubo.

9 Kodwa u-Amoni wathi kuyo: Kuphambene nomthetho wabafowethu, owamiswa ngubaba, ukuthi kube khona aizigqila phakathi kwabo; ngakho-ke masihambe sehlele ezansi futhi sithembele kuso isihawu sabafowethu.

10 Kodwa inkosi yathi kuye: Buza eNkosini, futhi uma ithi kithi masihambe, sizohamba; ngaphandle kwalokho sizofela kulelizwe.

11 Futhi kwenzeka ukuthi u-Amoni wahamba wayobuza eNkosini, futhi iNkosi yathi kuye:

12 Bakhiphe laba bantu kulelizwe, ukuze bangafi; ngokuba uSathane ubambelele kakhulu ezinhliziyweni zama-Amaleki, aphehla amaLamani ukuthi athukuthelele abafowabo ukuthi bababulale; ngakho-ke phumani niphele kulelizwe; futhi babusisiwe laba bantu kulesi sizukulwane, ngokuba ngizobalondoloza.

13 Manje kwenzeka ukuthi u-Amoni wahamba futhi wayotshela inkosi wonke amazwi iNkosi eyawakhuluma kuye.

14 Futhi baqoqela ndawonye bonke abantu babo, yebo, bonke abantu beNkosi, futhi baqoqela ndawonye yonke imihlambi yezimvu kanye nemihlambi yezinkomo yabo, bemuka baphuma ezweni, futhi bafika ehlane elalehlukanisa izwe lakwaNefi ezweni lakwaZarahemla, futhi beza eduze nemingcele yezwe.

15 Futhi kwenzeka ukuthi u-Amoni wathi kubo: Bhekani, mina kanye nabafowethu sizohamba phambili siye ezweni lakwaZarahemla, nizosala lapha size sibuye; futhi sizozizama izinhliziyo zabafowethu, noma bayafuna yini ukuthi nize ezweni labo.

16 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi u-Amoni ehamba eya ezweni, yena kanye nabafowabo bahlangana no-Alima, akuleyo ndawo esesike sakhuluma ngayo; futhi bhekani, lokhu kwaba wumhlangano wenjabulo.

17 Manje ainjabulo ka-Amoni yayinkulu kakhulu kangangokuthi wagcwala; yebo, wenganywa yinjabulo kaNkulunkulu wakhe, ngisho kwaze kwaba buphelelwa ngamandla akhe; futhi cwaphinda wawela phansi.

18 Manje ngabe lokhu kwakungeyona injabulo eyedlulele na? Bhekani, lena yinjabulo engatholwa muntu ngaphandle kokuthi kube yilowo odabuke ngeqiniso ngokona kanye noyifuna ngokuzithoba injabulo.

19 Manje injabulo ka-Alima ekuhlanganeni kwakhe nabafowabo yayinkulu ngempela, futhi ngokunjalo nenjabulo ka-Aroni, no-Omineri, kanye noHimini; kodwa bheka injabulo yabo ayedlulanga amandla abo.

20 Manje kwenzeka ukuthi u-Alima wabahola abafowabo babuyela emuva ezweni lakwaZarahemla; baze bayongena ngisho nasendlini yakhe uqobo. Futhi bahamba bayotshela aumahluleli omkhulu zonke izinto ezazenzekile kubo ezweni lakwaNefi, phakathi kwabafowabo, amaLamani.

21 Futhi kwenzeka ukuthi umahluleli omkhulu wathumela isimemezelo kulo lonke izwe, enesifiso sokuzwa izwi labantu mayelana nokwamukela abafowabo, ababe ngabantu bakwa-Anti-Nefi-Lehi.

22 Futhi kwenzeka ukuthi izwi labantu labuya, lithi: Bhekani, sizonikela ngezwe lakwaJereshoni, elisempumalanga ngasolwandle, elixhuma izwe iNala, eliseningizimu yezwe iNala; futhi lelizwe iJereshoni liyizwe esizolinikeza abafowethu ukuthi libe yifa.

23 Futhi bheka, sizobeka amabutho ethu phakathi kwezwe iJereshoni kanye nezwe iNefi, ukuze sivikele abafowethu ezweni iJereshoni; futhi lokhu sizokwenzela abafowethu, ngenxa yokwesaba kwabo ukuthi bathathele abafowabo izikhali funa benze isono; futhi lokhu kwesaba kwabo okukhulu kuze ngenxa yokuphenduka kwabo okunzima ababanakho, ngenxa yokubulala kwabo okuningi kanye nobubi babo obukhulu.

24 Manje bheka, lokhu sizokwenzela abafowethu, ukuze bathole izwe iJereshoni; futhi siyobavikela ezitheni zabo ngamabutho ethu, ngombandela wokuthi bazosinika inxenye yalokho abanakho ukusisiza ukuthi sondle amabutho ethu.

25 Manje, kwenzeka ukuthi ngesikhathi u-Amoni esekuzwile lokhu, waphindela kubantu bakwa-Anti-Nefi-Lehi, futhi ngokunjalo no-Alima kanye naye, baya ehlane, lapho babegxumeke khona amatende abo, futhi babatshela zonke lezi zinto. Futhi u-Alima naye wabaxoxela angokuphenduka kwakhe, kanye no-Amoni kanye no-Aroni, kanye nabafowabo.

26 Futhi kwenzeka ukuthi lokhu nempela kwenza injabulo enkulu phakathi kwabo. Futhi bahamba behlela ezweni lakwaJereshoni, futhi balithatha izwe lakwaJereshoni; futhi babizwa ngamaNefi ngokuthi bangabantu bakwa-Amoni; ngakho-ke behlukaniswa ngalelogama njalo emva kwalokho.

27 Futhi babephakathi kwabantu bakwaNefi, futhi phezu kwalokho babalwa phakathi kwabantu ababengabebandla likaNkulunkulu. Futhi phezu kwalokho behlukaniswa ngenxa yentshisekelo yabo kuNkulunkulu, futhi ngokunjalo nakubantu; ngokuba ababethembeke ngokuphelele futhi beqotho kuzo zonke izinto; futhi bbabeqinile okholweni lukaKristu, ngisho kwaze kwaba sekupheleni.

28 Futhi bakubuka ukuchitheka kwegazi labafowabo njengesinengiso esikhulu; futhi babengeke bavunyiswe nanini ukuthi bathathele abafowabo izikhali; futhi abazange nanini bakubuke ukufa ngokwesaba, ngenxa yethemba kanye nemibono yabo ngoKristu kanye novuko; ngakho-ke, ukufa kubo kwagwinywa ngokunqotshwa kwakho nguKristu.

29 Ngakho-ke, babencamela ukuzwa aukufa ngendlela eyayinonya olukhulu kakhulu futhi enosizi olukhulu eyayingenziwa ngabafowabo kubo, ngaphambi kokuthi bathathe inkemba noma ucelemba ukuthi babashaye.

30 Futhi ngalendlela babengabantu abanentshisekelo futhi abathandekayo, abantu beNkosi ababethandwa kakhulu.