ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 9


Isahluko 9

Ebumnyameni, izwi likaKristu limemezela ukubhujiswa kwabantu abaningi kanye namadolobha ngenxa yobubi babo—Phezu kwalokho umemezela ngobunkulunkulu Bakhe, wazisa ukuthi umthetho kaMose usugcwalisekile, futhi umema abantu ukuthi beze Kuye futhi basindiswe. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34.

1 Futhi kwenzeka ukuthi kwabakhona izwi elezwakala kubo bonke abahlala kulendawo, kubo bonke ubuso balelizwe, limemeza lithi:

2 Maye, maye, maye kulaba bantu; maye kwabahlala emhlabeni wonke ngaphandle kokuthi baphenduke; ngokuba udeveli uyahleka, futhi izingelosi zakhe ziyathokoza, ngenxa yokubulawa kwamadodana kanye namadodakazi amahle abantu bami, futhi kungenxa yobubi kanye nezinengiso zabo ukuthi bawile!

3 Bheka, lelo dolobha elikhulu iZarahemla ngilishise ngomlilo, kanye nabahlala kulo.

4 Futhi bheka, lelo dolobha elikhulu iMoroni ngilenze ukuthi licwile ekujuleni kolwandle, kanye nabahlala kulo ukuthi baminze.

5 Futhi bheka, lelo dolobha elikhulu iMoroniha ngilimboze ngomhlabathi, kanye nabahlala kulo, ukuze ngifihle ububi kanye nezinengiso zabo phambi kobuso bami, ukuze igazi labaphrofethi kanye nelabangcwele lingabe liseza nanini kimi ngokumelene nabo.

6 Futhi bheka, idolobha likaGiligali ngilenze ukuthi licwile, kanye nabahlala kulo ukuthi bangcwatshwe ekujuleni komhlaba;

7 Yebo, nedolobha lakwa-Oniha kanye nabahlala kulo, idolobha lakwaMokumu kanye nabahlala kulo, idolobha laseJerusalema kanye nabahlala kulo; futhi ngenze ukuthi kuvele amanzi esikhundleni sawo, ukuze ngifihle ububi kanye nezinengiso zabo phambi kobuso bami, ukuze igazi labaphrofethi kanye nelabangcwele lingabe liseza nanini kimi ngokumelene nabo.

8 Futhi bheka, idolobha lakwaGadiyandi, kanye nedolobha lakwaGadiyomina, kanye nedolobha lakwaJakobe, kanye nedolobha lakwaGimigimino, wonke lawa ngenze ukuthi acwile, futhi ngenza amagquma kanye nezigodi ezindaweni zawo; futhi abahlala kuwo ngibangcwabe ekujuleni komhlaba, ukuze ngifihle ububi kanye nezinengiso zabo phambi kobuso bami, ukuze igazi labaphrofethi kanye nelabangcwele lingabe liseza kimi nanini ngokumelene nabo.

9 Futhi bheka, lelo dolobha elikhulu iJakobugati, elalihlala abantu benkosi uJakobe, ngenze ukuthi lishiswe ngomlilo ngenxa yezono zabo kanye nobubi babo, obungaphezu kwabo bonke ububi bomhlaba wonke, ngenxa yokubulala kwabo ngasese kanye namaqembu abo angasese; ngokuba kwakuyibo labo abaqeda ukuthula kwabantu bami kanye nomkhandlu owawuphethe wezwe; ngakho-ke ngenze ukuthi bashiswe, ukuze ngibabulale phambi kobuso bami, ukuze igazi labaphrofethi nelaba ngcwele lingabe liseza kimi nanini ngokumelene nabo.

10 Futhi bheka, idolobha lakwaLamani, kanye nedolobha lakwaJoshi, kanye nedolobha lakwaGadi, kanye nedolobha lakwaKishikumeni, ngenze ukuthi ashiswe ngomlilo, kanye nabahlala kuwo, ngenxa yobubi babo ekuxosheni abaphrofethi, kanye nokukhanda ngamatshe labo engabathumela ukuthi bamemezele kubo ngokumelene nobubi kanye nezinengiso zabo.

11 Futhi ngenxa yokuthi babaxosha bonke baphuma, kwakungekho namunye phakathi kwabo owayelungile, ngehlisa umlilo futhi ngaba bulala, ukuze ububi kanye nezinengiso zabo kufihleke phambi kobuso bami, ukuze igazi labaphrofethi kanye nelabangcwele engabathumela phakathi kwabo lingabe lisakhala kimi livela emhlabathini ngokumelene nabo.

12 Futhi ukubhujiswa okuningi nokukhulu ngikwenze ukuthi kwehlele phezu kwale lizwe, kanye naphezu kwalabantu, ngenxa yobubi kanye nezinengiso zabo.

13 O nina nonke enisindisiwe ngenxa yokuthi benilungile kakhulu kunabo, ningebuyele yini manje kimi, futhi niphenduke ezonweni zenu, futhi niguquke, ukuze nginiphilise na?

14 Yebo, ngiqinisile ngithi kini, uma ningeza kimi niyokuba nokuphila okuphakade. Bhekani, ingalo yami yesihawu yelulelwe kini, futhi lowo oyokuza, ngiyomemukela; futhi babusisiwe labo abeza kimi.

15 Bhekani, nginguJesu Kristu iNdodana kaNkulunkulu. Ngadala amazulu kanye nomhlaba, kanye nazo zonke izinto ezikuwo. NganginoBaba kusukela ekuqaleni. NgikuBaba, futhi noBaba ukimi; futhi ngami uBaba ulidumisile igama lakhe.

16 Ngeza kwabami, kepha abami abangemukelanga. Futhi imibhalo engcwele mayelana nokuza kwami isigcwalisekile.

17 Futhi ngobuningi balabo abangemukele, kubo ngibanike ukuthi babe ngamadodana kaNkulunkulu; futhi ngizokwenza kanjalo nakulabo abayokholwa egameni lami, ngokuba bheka, ngami ukukhululwa kuyeza, futhi kimi umthetho kaMose ugcwalisekile.

18 Nginguku khanya nokuphila komhlaba. Ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho.

19 Futhi ningabe nisaletha kimi nanini ukuchithwa kwegazi; yebo, imihlatshelo yenu kanye neminikelo yokushiswa iyoyekwa, ngokuba angiyukwemukela lutho lwemihlatshelo yenu kanye neminikelo yenu yokushiswa.

20 Futhi niyonikela umnikelo kimi wenhliziyo edabukileyo kanye nomphefumulo ophukileyo. Futhi lowo oza kimi nenhliziyo edabukileyo kanye nomphefumulo ophukileyo, ngiyombhabhadisa ngomlilo kanye nangoMoya oyiNgcwele, ngisho njenga maLamani, ngenxa yokholo lwawo kimi ngesikhathi sokuphenduka kwawo, abhabhadiswa ngomlilo kanye nangoMoya oyiNgcwele, kodwa awakwazanga lokho.

21 Bhekani, ngize emhlabeni ukuze ngilethe ukukhululwa emhlabeni, ukuze ngisindise umhlaba esonweni.

22 Ngakho-ke, lowo ophendukayo futhi eze kimi njengomntwana omncane, ngiyomemukela, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. Bhekani, ngokuba ngibeke phansi impilo yami ngenxa yabanjalo, futhi ngaphinda ngayithatha futhi; ngakho-ke phendukani, futhi nize kimi nonke mikhawulo yomhlaba, futhi nisindiswe.