ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 26


Isahluko 26

UKristu uyowafundisa amaNefi—UNefi ubona ukubhujiswa kwabantu bakhe—Bayokhuluma kusuka othulini—AbeZizwe bayokwakha amabandla amanga kanye namaqembu ayimfihlo—INkosi inqabela abantu ukuthi benze ubuphristi-mbumbulu. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi emva kokuthi uKristu esevukile ekufeni uyoziveza kini, bantwana bami, kanye nabafowethu abathandekayo; futhi amazwi ayowakhuluma kini ayokuba ngumthetho eniyowenza.

2 Ngokuba bhekani, ngithi kini ngibonile ukuthi eziningi izizukulwane ziyodlula, futhi kuyoba khona ezinkulu izimpi kanye nemibango phakathi kwabantu bami.

3 Futhi emva kokuthi uMesiya esefikile kuyoba khona izibonakaliso eziyonikwa abantu bami ngokuzalwa kwakhe, futhi ngokunjalo nezokufa kwakhe kanye nokuvuka; futhi luyoba lukhulu futhi lube lubi lolo suku kwababi, ngokuba bayobhubha; futhi bayobhubha ngokuba babaxosha abaphrofethi, kanye nabangcwele, futhi babakhanda ngamatshe, futhi bababulala; ngalokho-ke ukukhala kwegazi labangcwele kuyokhuphukela phezulu kuNkulunkulu kuvela emhlabathini ngokumelene nabo.

4 Ngalokho-ke, bonke labo abaziqhenyayo, nalabo abenza okubi, usuku oluzayo luyobashisa, kusho iNkosi yamaBandla, ngokuba bayokuba njengamabibi.

5 Futhi labo ababulala abaphrofethi, nabangcwele, ukujula kwaphansi kuyobagwinya, kusho iNkosi yamaBandla; futhi izintaba ziyobasibekela, kanye nezishingishane ziyobathwala zibayise kude, futhi izakhiwo ziyowela phezu kwabo zibahlikize babe yizicucu futhi zibagaye babeyimpuphu.

6 Futhi bayovakashelwa ngokuduma, kanye nemibani, kanye nangokuzamazama komhlaba, kanye nangalo lonke uhlobo lokubhujiswa, ngokuba umlilo wentukuthelo yeNkosi uyokokheleka ngokumelene nabo, futhi bayokuba njengamabibi, futhi usuku oluzayo luyobashisa, kusho iNkosi yamaBandla.

7 O ubuhlungu, kanye nokudabuka komphefumulo wami ngokulahleka kwalabo ababulawa babantu bami! Ngokuba mina, Nefi, ngikubonile, futhi kucishe kwangishisa phambi kweNkosi; kepha kufanele ngikhale ngithi kuNkulunkulu wami: Izindlela zakho zilungile.

8 Kepha bheka, abalungileyo abalalela amazwi abaphrofethi, futhi abangababhubhisanga, kepha ababheka phambili kuKristu ngokwethembeka kulezo zibonakaliso ezinikiwe, naphezu kwakho konke ukuhlushwa—bheka, yibo labo abangayikubhubha.

9 Kepha iNdodana yokuLunga iyovela kubo; futhi iyobaphilisa, futhi bayoba nokuthula kanye nayo, kuze kudlule izizukulwane ezintathu, futhi nabaningi besizukulwane sesine bayobe sebedlulile ngokulunga.

10 Futhi uma lezi zinto sezidlulile, ukubhujiswa okusheshayo kuza kubantu bami; ngokuba, naphezu kobuhlungu bomphefumulo wami, ngikubonile lokhu; ngalokho-ke, ngiyazi ukuthi kuyokwenzeka; futhi bazithengisela ize; ngamanye amazwi, ngenxa yokuziqhenya kwabo kanye nobuwula babo bayovuna ukubhujiswa; ngokuba ngenxa yokuvumela udeveli futhi nokukhetha imisebenzi yobumnyama kunokukhanya, ngalokho-ke kufanele baye phansi esihogweni.

11 Ngokuba uMoya weNkosi awuyikusebenza njalo kumuntu. Futhi uma uMoya usuyeka ukusebenza kumuntu uma sekunjalo kuza ukubhujiswa ngokushesha, futhi lokhu kuyawukhathaza umphefumulo wami.

12 Futhi njengoba ngikhulumile mayelana nokukholwiswa kwamaJuda, ukuthi uJesu unguye kanye uKristu, kufanele ukuthi abeZizwe bakholwiswe nabo ukuthi uJesu unguKristu, uNkulunkulu waPhakade;

13 Futhi nokuthi uzibonakalisa kubo bonke labo abakholwa kuye, ngamandla kaMoya oNgcwele; yebo, kuzo zonke izizwe, imindeni, izilimi, kanye nabantu, wenza izibonakaliso ezinkulu, izimpawu, kanye nezimangaliso, phakathi kwabantwana babantu ngokokholo lwabo.

14 Kepha bheka, ngiyaphrofetha kini mayelana nezinsuku zokugcina; mayelana nezinsuku lapho iNkosi uNkulunkulu iyoziletha lezi zinto kubantwana babantu.

15 Emva kokuthi inzalo yami kanye nenzalo yabafowethu seyilahlekelwe wukholo, futhi seyishaywe ngabeZizwe; yebo, emva kokuthi iNkosi uNkulunkulu isibahaqe nxazonke, futhi sebevinjezelwe ngentaba, futhi baphakanyiselwa izinqaba ngokumelene nabo; futhi emva kokuthi sebehliselwe phansi othulini, ngisho kungukuthi bengasekho, nokho amazwi abalungileyo ayobhalwa, futhi imithandazo yabathembekileyo iyozwakala, futhi bonke labo abayobe sebelahlekelwe wukholo abayikukhohlakala.

16 Ngokuba labo abayobhujiswa bayokhuluma kubo besemhlabathini, futhi ukukhuluma kwabo kuyokuba ngokuthotshiselwe phansi othulini, futhi izwi labo liyokuba njengelalowo onomoya owejwayelekile; ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyomnika amandla, ukuze anyenyeze mayelana nabo, kube sengathi liphuma emhlabathini; futhi ukukhuluma kwabo kuyonyenyeza kuphuma othulini.

17 Ngokuba isho kanje iNkosi uNkulunkulu: Bayozibhala izinto eziyokwenziwa phakathi kwabo, futhi ziyobhalwa futhi zivalelwe zibe yincwadi, futhi labo abayobe sebelahlekelwe wukholo abayikuba nazo, ngokuba bafuna ukuzibhubhisa izinto zikaNkulunkulu.

18 Ngalokho-ke, njengoba labo ababhujiswa bebhujiswe ngokushesha; futhi isixuku salabo abesabekayo babo siyoba njengamakhoba adlulayo—yebo, isho kanje iNkosi uNkulunkulu: Lokhu kuyokwenzeka ngokuzuma, ngokushesha—

19 Futhi kuyokwenzeka, ukuthi labo asebelahlekelwe wukholo bayoshaywa ngesandla sabeZizwe.

20 Futhi abeZizwe baphakeme ngenxa yokuzibona kwabo, futhi bakhubekile, ngenxa yobukhulu besikhubekiso sabo, kangangoba bakhe amabandla amaningi; nokho, badelela amandla kanye nezimangaliso zikaNkulunkulu, futhi bazituse ngokuhlakanipha kwabo kanye nemfundo yabo, ukuze bathole inzuzo futhi bagaye ubuso babampofu.

21 Futhi maningi amabandla akhiwe abanga umona, nempikiswano, kanye nenzondo.

22 Futhi phezu kwalokho kukhona amaqembu ayimfihlo, ngisho nanjengasezikhathini zakudala, njengokwamaqembu kadeveli, ngokuba yena ungumqambi wazo zonke lezi zinto; yebo, umqambi wokubulala, kanye nemisebenzi yobumnyama; yebo, futhi ubahola ngentamo ngentambo encane, kuze kube ubabopha ngezintambo zakhe eziqinile ingunaphakade.

23 Ngokuba bhekani, bafowethu abathandekayo, ngithi kini iNkosi uNkulunkulu ayisebenzi ebumnyameni.

24 Ayenzi lutho olunye ngaphandle kokuthi kuyinzuzo emhlabeni; ngokuba iyawuthanda umhlaba, ngisho kangangoba ibeka phansi impilo yayo uqobo ukuze idonsele wonke umuntu kuyo. Ngalokho-ke, ayiyali namunye ukuthi angahlanganyeli ensindisweni yayo.

25 Bheka, ngabe iyamemeza yini kunoma ngubani ithi: Sukani kimi? Bheka, ngithi kini, Cha; kepha ithi: Wozani kimi nonke nina mikhawulo yomhlaba, thengani ubisi noju, ngaphandle kwemali nangaphandle kwentengo.

26 Bheka, ngabe kukhona yini ebayalile ukuthi basuke baphume emasinagogeni, noma baphume ezindlini zokukhonzela na? Bheka, ngithi kini, Cha.

27 Ngabe kukhona yini ebayalile yathi mabangahlanganyeli ensindisweni yayo na? Bheka ngithi kini, Cha; kepha iyinikeze mahhala kuwo wonke umuntu; futhi ibayalile abantu bayo ukuthi bavumise bonke abantu ukuthi baphenduke.

28 Bheka, ngabe kukhona yini iNkosi ebayalile ukuthi mabangahlanganyeli ebuhleni bayo na? Bheka ngithi kini, Cha; kepha bonke abantu banelungelo omunye ngokufanayo nomunye, futhi akukho namunye onqatshelwe.

29 Iyala ukuthi bungabi bikho ubuphristi-mbumbulu; ngokuba, bheka, ubuphristi-mbumbulu bungukuthi abantu bafundisa futhi bazibeke bona uqobo lwabo njengokukhanya emhlabeni, ukuze bathole inzuzo kanye nokudunyiswa ngumhlaba; kepha abayifuni inhlalakahle yeSiyoni.

30 Bheka, iNkosi iyenqabele lento; ngalokho-ke, iNkosi uNkulunkulu inike umyalelo wokuthi bonke abantu babe nesihe, isihe okuwuthando. Futhi ngaphandle kokuthi babe nesihe abalutho. Ngalokho-ke, uma bengaba nesihe abayikuvumela osebenza eSiyoni abhubhe.

31 Kepha osebenza eSiyoni uyosebenzela iSiyoni; ngokuba uma esebenzela imali uyolahleka ngokomoya.

32 Futhi phezu kwalokho, iNkosi uNkulunkulu iyale ukuthi abantu bangabulali; bangaqambi amanga; bangebi; bangaliphathi igama leNkosi uNkulunkulu wabo ngeze; bangabi namona; bangabi nanzondo; bangabangi omunye nomunye; bangabenzi ubufebe; nokuthi bangenzi nakunye kwalezi zinto; ngokuba lowo owenza lokhu uyobhujiswa.

33 Ngokuba akukho nakunye kwalobu bubi obuvela eNkosini; ngokuba yona yenza lokho okuhle phakathi kwabantwana babantu; futhi ayenzi lutho ngaphandle kokuthi kube sobala kubo abantwana babantu; futhi imema bonke ukuthi beze kuyo futhi bahlanganyele ebuhleni bayo; futhi ayenqabeli namunye oza kuyo, omnyama nomhlophe, oboshiwe nokhululekile, owesilisa nowesifazane; futhi iyabakhumbula abahedeni; futhi bonke bayefana kuNkulunkulu, iJuda kanye noweZizwe.