ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 26


Isahluko 26

UKristu uyowafundisa amaNefi—UNefi ubona ukubhujiswa kwabantu bakhe—Bayokhuluma kusuka othulini—AbeZizwe bayokwakha amabandla amanga kanye namaqembu ayimfihlo—INkosi inqabela abantu ukuthi benze ubuphristi-mbumbulu. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi emva kokuthi uKristu aesevukile ekufeni buyoziveza kini, bantwana bami, kanye nabafowethu abathandekayo; futhi amazwi ayowakhuluma kini ayokuba cngumthetho eniyowenza.

2 Ngokuba bhekani, ngithi kini ngibonile ukuthi eziningi izizukulwane ziyodlula, futhi kuyoba khona ezinkulu izimpi kanye nemibango phakathi kwabantu bami.

3 Futhi emva kokuthi uMesiya esefikile kuyoba khona aizibonakaliso eziyonikwa abantu bami bngokuzalwa kwakhe, futhi ngokunjalo nezokufa kwakhe kanye nokuvuka; futhi luyoba lukhulu futhi lube lubi lolo suku kwababi, ngokuba bayobhubha; futhi bayobhubha ngokuba babaxosha abaphrofethi, kanye nabangcwele, futhi babakhanda ngamatshe, futhi bababulala; ngalokho-ke ukukhala ckwegazi labangcwele kuyokhuphukela phezulu kuNkulunkulu kuvela emhlabathini ngokumelene nabo.

4 Ngalokho-ke, bonke labo abaziqhenyayo, nalabo abenza okubi, usuku oluzayo aluyobashisa, kusho iNkosi yamaBandla, ngokuba bayokuba njengamabibi.

5 Futhi labo ababulala abaphrofethi, nabangcwele, ukujula kwaphansi akuyobagwinya, kusho iNkosi yamaBandla; futhi bizintaba ziyobasibekela, kanye nezishingishane ziyobathwala zibayise kude, futhi izakhiwo ziyowela phezu kwabo zibahlikize babe yizicucu futhi zibagaye babeyimpuphu.

6 Futhi bayovakashelwa ngokuduma, kanye nemibani, kanye nangokuzamazama komhlaba, kanye nangalo lonke uhlobo lokubhujiswa, ngokuba umlilo wentukuthelo yeNkosi uyokokheleka ngokumelene nabo, futhi bayokuba njengamabibi, futhi usuku oluzayo luyobashisa, kusho iNkosi yamaBandla.

7 O ubuhlungu, kanye nokudabuka komphefumulo wami ngokulahleka kwalabo ababulawa babantu bami! Ngokuba mina, Nefi, ngikubonile, futhi kucishe kwangishisa phambi kweNkosi; kepha kufanele ngikhale ngithi kuNkulunkulu wami: Izindlela zakho azilungile.

8 Kepha bheka, abalungileyo abalalela amazwi abaphrofethi, futhi abangababhubhisanga, kepha ababheka phambili kuKristu ngokwethembeka kulezo zibonakaliso ezinikiwe, naphezu kwakho konke aukuhlushwa—bheka, yibo labo babangayikubhubha.

9 Kepha iNdodana yokuLunga aiyovela kubo; futhi biyobaphilisa, futhi bayoba cnokuthula kanye nayo, kuze kudlule dizizukulwane ezintathu, futhi nabaningi ebesizukulwane sesine bayobe sebedlulile ngokulunga.

10 Futhi uma lezi zinto sezidlulile, aukubhujiswa okusheshayo kuza kubantu bami; ngokuba, naphezu kobuhlungu bomphefumulo wami, ngikubonile lokhu; ngalokho-ke, ngiyazi ukuthi kuyokwenzeka; futhi bazithengisela ize; ngamanye amazwi, ngenxa yokuziqhenya kwabo kanye nobuwula babo bayovuna ukubhujiswa; ngokuba ngenxa yokuvumela udeveli futhi nokukhetha imisebenzi yobumnyama kunokukhanya, ngalokho-ke kufanele baye phansi besihogweni.

11 Ngokuba uMoya weNkosi aawuyikusebenza njalo kumuntu. Futhi uma uMoya usuyeka ukusebenza kumuntu uma sekunjalo kuza ukubhujiswa ngokushesha, futhi lokhu kuyawukhathaza umphefumulo wami.

12 Futhi njengoba ngikhulumile mayelana anokukholwiswa bkwamaJuda, ukuthi uJesu cunguye kanye uKristu, kufanele ukuthi abeZizwe bakholwiswe nabo ukuthi uJesu unguKristu, uNkulunkulu waPhakade;

13 Futhi nokuthi uzibonakalisa kubo bonke labo abakholwa kuye, ngamandla akaMoya oNgcwele; yebo, kuzo zonke izizwe, imindeni, izilimi, kanye nabantu, wenza izibonakaliso ezinkulu, izimpawu, kanye nezimangaliso, phakathi kwabantwana babantu ngokokholo lwabo.

14 Kepha bheka, ngiyaphrofetha kini mayelana anezinsuku zokugcina; mayelana nezinsuku lapho iNkosi uNkulunkulu biyoziletha lezi zinto kubantwana babantu.

15 Emva kokuthi inzalo yami kanye nenzalo yabafowethu seyilahlekelwe wukholo, futhi seyishaywe ngabeZizwe; yebo, emva kokuthi iNkosi uNkulunkulu isibahaqe nxazonke, futhi sebevinjezelwe ngentaba, futhi baphakanyiselwa izinqaba ngokumelene nabo; futhi emva kokuthi sebehliselwe phansi othulini, ngisho kungukuthi bengasekho, nokho amazwi abalungileyo ayobhalwa, futhi imithandazo yabathembekileyo iyozwakala, futhi bonke labo abayobe sebelahlekelwe wukholo abayikukhohlakala.

16 Ngokuba labo abayobhujiswa abayokhuluma kubo besemhlabathini, futhi ukukhuluma kwabo kuyokuba ngokuthotshiselwe phansi othulini, futhi izwi labo liyokuba njengelalowo onomoya owejwayelekile; ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyomnika amandla, ukuze anyenyeze mayelana nabo, kube sengathi liphuma emhlabathini; futhi ukukhuluma kwabo kuyonyenyeza kuphuma othulini.

17 Ngokuba isho kanje iNkosi uNkulunkulu: aBayozibhala izinto eziyokwenziwa phakathi kwabo, futhi ziyobhalwa futhi zivalelwe zibe yincwadi, futhi labo abayobe sebelahlekelwe wukholo abayikuba nazo, ngokuba bbafuna ukuzibhubhisa izinto zikaNkulunkulu.

18 Ngalokho-ke, njengoba labo ababhujiswa bebhujiswe ngokushesha; futhi isixuku salabo abesabekayo babo siyoba anjengamakhoba adlulayo—yebo, isho kanje iNkosi uNkulunkulu: Lokhu kuyokwenzeka ngokuzuma, ngokushesha—

19 Futhi kuyokwenzeka, ukuthi labo asebelahlekelwe wukholo abayoshaywa ngesandla sabeZizwe.

20 Futhi abeZizwe baphakeme ngenxa ayokuzibona kwabo, futhi bbakhubekile, ngenxa yobukhulu cbesikhubekiso sabo, kangangoba bakhe damabandla amaningi; nokho, badelela amandla kanye nezimangaliso zikaNkulunkulu, futhi bazituse ngokuhlakanipha kwabo kanye enemfundo yabo, ukuze bathole inzuzo futhi fbagaye ubuso babampofu.

21 Futhi maningi amabandla akhiwe abanga aumona, nempikiswano, kanye nenzondo.

22 Futhi phezu kwalokho kukhona aamaqembu ayimfihlo, ngisho nanjengasezikhathini zakudala, njengokwamaqembu kadeveli, ngokuba yena ungumqambi wazo zonke lezi zinto; yebo, umqambi wokubulala, kanye nemisebenzi yobumnyama; yebo, futhi ubahola ngentamo ngentambo encane, kuze kube ubabopha ngezintambo zakhe eziqinile ingunaphakade.

23 Ngokuba bhekani, bafowethu abathandekayo, ngithi kini iNkosi uNkulunkulu ayisebenzi ebumnyameni.

24 Ayenzi lutho olunye ngaphandle kokuthi kuyinzuzo emhlabeni; ngokuba aiyawuthanda umhlaba, ngisho kangangoba ibeka phansi impilo yayo uqobo ukuze idonsele bwonke umuntu kuyo. Ngalokho-ke, ayiyali namunye ukuthi angahlanganyeli ensindisweni yayo.

25 Bheka, ngabe iyamemeza yini kunoma ngubani ithi: Sukani kimi? Bheka, ngithi kini, Cha; kepha ithi: aWozani kimi nonke nina mikhawulo yomhlaba, bthengani ubisi noju, ngaphandle kwemali nangaphandle kwentengo.

26 Bheka, ngabe kukhona yini ebayalile ukuthi basuke baphume emasinagogeni, noma baphume ezindlini zokukhonzela na? Bheka, ngithi kini, Cha.

27 Ngabe kukhona yini ebayalile yathi mabangahlanganyeli aensindisweni yayo na? Bheka ngithi kini, Cha; kepha biyinikeze mahhala kuwo wonke umuntu; futhi ibayalile abantu bayo ukuthi bavumise bonke abantu ukuthi cbaphenduke.

28 Bheka, ngabe kukhona yini iNkosi ebayalile ukuthi mabangahlanganyeli ebuhleni bayo na? Bheka ngithi kini, Cha; kepha abonke abantu banelungelo omunye ngokufanayo nomunye, futhi akukho namunye onqatshelwe.

29 Iyala ukuthi bungabi bikho ubuphristi-mbumbulu; ngokuba, bheka, aubuphristi-mbumbulu bungukuthi abantu bafundisa futhi bazibeke bona uqobo lwabo njengokukhanya emhlabeni, ukuze bathole inzuzo kanye bnokudunyiswa ngumhlaba; kepha abayifuni inhlalakahle yeSiyoni.

30 Bheka, iNkosi iyenqabele lento; ngalokho-ke, iNkosi uNkulunkulu inike umyalelo wokuthi bonke abantu babe anesihe, isihe bokuwuthando. Futhi ngaphandle kokuthi babe nesihe abalutho. Ngalokho-ke, uma bengaba nesihe abayikuvumela osebenza eSiyoni abhubhe.

31 Kepha osebenza aeSiyoni uyosebenzela iSiyoni; ngokuba uma esebenzela bimali uyolahleka ngokomoya.

32 Futhi phezu kwalokho, iNkosi uNkulunkulu aiyale ukuthi abantu bangabulali; bangaqambi amanga; bangebi; bangaliphathi igama leNkosi uNkulunkulu wabo bngeze; bangabi namona; bangabi nanzondo; bangabangi omunye nomunye; bangabenzi ubufebe; nokuthi bangenzi nakunye kwalezi zinto; ngokuba lowo owenza lokhu uyobhujiswa.

33 Ngokuba akukho nakunye kwalobu bubi obuvela eNkosini; ngokuba yona yenza lokho okuhle phakathi kwabantwana babantu; futhi ayenzi lutho ngaphandle kokuthi kube sobala kubo abantwana babantu; futhi imema bonke ukuthi beze kuyo futhi bahlanganyele ebuhleni bayo; futhi aayenqabeli namunye oza kuyo, omnyama nomhlophe, oboshiwe nokhululekile, owesilisa nowesifazane; futhi iyabakhumbula babahedeni; futhi cbonke bayefana kuNkulunkulu, iJuda kanye noweZizwe.