ImiBhalo eNgcwele
Mose 7


Isahluko 7

(Disemba 1830)

U-Enoke uyafundisa, uhola abantu, futhi ususa izintaba—Idolobha laseSiyoni liyamiswa—U-Enoke ubona ukuza kweNdodana yoMuntu, umnikelo Wayo ohlawulayo, novuko lwabaNgcwele—Ubona ukuBuyiselwa, ukuQoqwa, ukuZa kweSibili, nokubuya kweSiyoni.

1 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke wayiqhuba inkulumo yakhe, ethi: Bhekani, ubaba u-Adamu wazifundisa lezi zinto, futhi abaningi bakholwa futhi baba nga amadodana kaNkulunkulu, futhi abaningi abakholwanga, futhi bafa besezonweni zabo, futhi babheke phambili ngo bkwesaba, besebuhlungwini, belindele intukuthelo eshisayo yolaka lukaNkulunkulu ukuba ithelwe kubo.

2 Futhi kusuka ngaleso sikhathi u-Enoke waqala ukuphrofetha, ethi kubantu: Ngesikhathi ngisahamba, futhi ngime endaweni iMahuja, futhi ngikhala eNkosini, kwavela izwi ezulwini, lithi—Jika, wenyukele entabeni iSimeyoni.

3 Futhi kwenzeka ukuthi ngajika futhi ngenyukela kuleyontaba; futhi ngesikhathi ngisame kuleyontaba, ngabona amazulu evuleka, futhi ngembathiswa angenkazimulo;

4 Futhi ngabona iNkosi; futhi yayime phambi kobuso bami, futhi yakhuluma nami, ngisho njengomuntu ekhuluma nomunye, aubuso nobuso; futhi yathi kimi: bBuka, ngizokutshengisa umhlaba isikhathi sezizukulwane eziningi.

5 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona esigodini saseShum, futhi bheka, abantu abaningi ababehlala ematendeni, okwakungabantu baseShum.

6 Futhi phezu kwalokho iNkosi yathi kimi: Buka; futhi ngabuka ngasenyakatho, futhi ngabona abantu baseKhanana, ababehlala ematendeni.

7 Futhi iNkosi yathi kimi: Phrofetha; futhi ngaphrofetha, ngathi: Bheka abantu baseKhanana, abaningi, bazoya empini behlelelwe ukulwa nabantu baseShum, futhi bayobabulala kangangoba bayobabhubhisa baphele nya; futhi abantu baseKhanani bayozihlukanisa kulelizwe, futhi lelizwe ngeke libe nalutho futhi ngeke liveze lutho, futhi akusophinde kuhlale abanye abantu lapho ngaphandle kwabantu baseKhanana;

8 Ngokuba bhekani, iNkosi iyoqalekisa lelizwe ngokushisa okukhulu, futhi ukungabi nalutho kwalo kuyoqhubeka phakade; futhi kwabakhona aubumnyanma obeza kubantwana baseKhanana, ngangangoba badeleleka phakathi kwabo bonke abantu.

9 Futhi kwenzeka ukuthi iNkosi yathi kimi: Buka; futhi ngabuka, futhi ngabona izwe laseSharona, nezwe lika-Enoke, nezwe lase-Omineri, nezwe laseHeni, nezwe laseShemi, nezwe laseHena, futhi nezwe laseHananniha, nabo bonke abantu bakhona;

10 Futhi iNkosi yathi kimi: Hamba uye kulabantu, uthi kubo—aPhendukani, funa ngiphume futhi ngibashaye ngesiqalekiso, futhi bafe.

11 Futhi wanginika umyalelo wokuthi kufanele ngi abhabhadise egameni likaBaba, neleNdodana, egcwele bumusa neqiniso, nelika cMoya oNgcwele, ofakaza ngoBaba nangeNdodana.

12 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke waqhubeka nokubiza bonke abantu, ngaphandle kwabantu baseKhanani, ukuba baphenduke;

13 Lwalu lukhulu aukholo luka-Enoke kangangoba wabahola abantu baNkulunkulu, futhi izitha zabo zeza ukuzolwa nabo; wakhuluma izwi leNkosi, futhi umhlaba wazamazama, ne bzintaba zabaleka, ngisho ngokomyalo wakhe; ne cmifula yamanzi yakhishwa endleleni yayo; futhi nokubhonga kwamabhubesi kwezwakala kuphuma ehlane; futhi zonke izizwe zesaba kakhulu, lali dnamandla kakhulu izwi lika-Enoke, futhi ayemakhulu kakhulu amandla olimi uNkulunkulu ayemnike lona.

14 Kwavela izwe futhi phansi ekujuleni kolwandle, futhi kwaba kukhulu ukwesaba kwezitha zabantu baNkulunkulu, kangangoba babaleka bama kude futhi bahamba phezu kwalelozwe elaliphuma ekujuleni kolwandle.

15 Futhi aimidondoshiya yalelozwe, nayo, yamela duke; futhi bonke abantu abalwa noNkulunkulu baqalekiswa;

16 Futhi kusuka ngaleso sikhathi kwaba nezimpi nokuchitheka kwegazi phakathi kwabo; kodwa iNkosi yeza yazohlala nabantu bayo, futhi bahlala ngokulunga.

17 aUkwesaba iNkosi kwaba kuzo zonke izizwe, yayinkulu ngaleyondlela inkazimulo yeNkosi, eyayi kubantu bayo. Futhi iNkosi yali bbusisa lelozwe, futhi babusiswa phezu kwezintaba, naphezu kwezindawo eziphezulu, futhi baphumelela.

18 Futhi iNkosi yabiza abantu bayo nge aSiyoni, ngokuba babe bnhliziyonye futhi bemqondomunye, futhi babehlala ngokulunga; futhi kwakungekho ompofu phakathi kwabo.

19 Futhi u-Enoke waqhubeka nokushumayela kwakhe ngokulunga kubantu baNkulunkulu. Futhi kwenzeka ngezinsuku zakhe, ukuthi wakha idolobha elalibizwa ngokuthi yiDolobha lobuNgcwele, ngisho iSiyoni.

20 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke wakhuluma neNkosi; futhi wathi eNkosini: Impela aiSiyoni iyohlala ngokuphepha phakade. Kodwa iNkosi yathi ku-Enoke: iSiyoni ngiyibusisile, kodwa insali yabantu ngiyiqalekisile.

21 Futhi kwenzeka ukuthi iNkosi yatshengisa u-Enoke bonke abantu basemhlabeni; futhi wabona, futhi bheka, iSiyoni, ngokuhamba kwesikhathi, ayathathwa yayiswa ezulwini. Futhi iNkosi yathi ku-Enoke: Bheka lapho ngihlala khona phakade.

22 Futhi u-Enoke waphinde wabona insali yabantu okwakungamadodana ka-Adamu; futhi ayeyinhlanganisela yayo yonke inzalo ka-Adamu ngaphandle kwenzalo kaKayini, ngokuba inzalo kaKayini yayi amnyama, futhi yayingenandawo phakathi kwabo.

23 Futhi emva kokuba iSiyoni isithathwe yayiswa aezulwini, u-Enoke bwabona, futhi bheka, czonke izizwe zomhlaba zase ziphambi kwakhe;

24 Futhi kwadlula izizukulwane ngezizukulwane; futhi u-Enoke wayesephezulu futhi ese aphakanyisiwe, ngisho esese sifubeni sikaBaba, nakweseNdodana yoMuntu; futhi bheka, amandla kaSathane ayesephezu kwabo bonke ubuso bomhlaba.

25 Futhi wabona izingelosi zehla ziphuma ezulwini; futhi wezwa izwi elikhulu lithi: Maye, maye kubantu basemhlabeni.

26 Futhi wabona uSathane; futhi wayene aketango elikhulu esandleni sakhe, futhi laligubuzele bonke ubuso bomhlaba ngo bbumnyama; futhi wabheka phezulu futhi wahleka, ne czingelosi zakhe zajabula.

27 Futhi u-Enoke wabona aizingelosi zehla ziphuma ezulwini, bzifakaza ngoBaba neNdodana; uMoya oNgcwele wehlela kwabaningi, futhi bahlwithwa ngamandla asezulwini bayiswa eSiyoni.

28 Futhi kwenzeka ukuthi uNkulunkulu wasezulwini wabuka insali yabantu, futhi wakhala; futhi u-Enoke wafakaza ngalokho, ethi: Kwenzeka kanjani ukuthi amazulu akhale, futhi achithe izinyembezi zawo njengemvula phezu kwezintaba na?

29 Futhi u-Enoke wathi eNkosini: Kwenzeka kanjani ukuthi unga akhala, ngokuba ungcwele, futhi uvela kulo lonke iphakade kuya kulo lonke iphakade na?

30 Futhi ukuba kwakungenzeka ukuthi umuntu abale izinxenye zonke zomhlaba, yebo, izigidi azemihlaba ezinjengalona, ngeke kube yisiqalo sobungako be bndalo yakho; futhi amakhethini akho aseluliwe namanje; futhi nakuba kunjalo uselapho, futhi nesifuba sakho siselapho; futhi ulungile, futhi unomhawu nomusa ingunaphakade;

31 Futhi uyithathile iSiyoni wayisa esifubeni sakho, wayehlukanisa nayo yonke indalo yakho, kusuka kulo lonke iphakade kuya kulo lonke iphakade, futhi akukho lutho ngaphandle ko akuthula, bukulunga, futhi ne cqiniso lapho kuhlala khona isihlalo sakho sobukhosi; futhi umusa uyohamba phambi kobuso bakho futhi ungabi nasiphetho; kwenzeka kanjani ukuthi ungakhala na?

32 INkosi yathi ku-Enoke: Bheka laba abafowenu; bangumsebenzi we azandla zami uqobo, futhi ngibanike bulwazi lwabo, ngosuku engabadala ngalo; futhi eNsimini yase-Edene, ngamnika umuntu cilungelo lakhe lokuzikhethela;

33 Futhi kubafowenu ngithe, futhi ngabanika umyalelo, wokuthi maba athandane, nokuthi bakhethe mina, uYise; kodwa bheka, abanalo uthando, futhi bazonda igazi labo uqobo;

34 Futhi aumlilo wolaka lwami wokhelekile ngokumelene nabo; futhi ekungajabulini kwami okushisayo ngizothumela bizikhukhula phezu kwabo, ngokuba intukuthelo yami enkulu yokhelekile ngokumelene nabo.

35 Bheka, nginguNkulunkulu; aiNdoda yobuNgcwele yigama lami; iNdoda yokuHlakanipha okuPheleleyo yigama lami; futhi ongaPheliyo nongunaPhakade yi bgama lami, futhi.

36 Ngalokho-ke, ngingazelula izandla zami futhi ngiyibambe yonke indalo engiyenzileyo; phezu kwalokho aiso lami lingayibuka ngokujulileyo, futhi phakathi kwayo yonke imisebenzi yezandla zami akukaze kube khona bububi obungaka njengalobu obuphakathi kwabafowenu.

37 Kodwa bheka, izono zabo ziyoba phezu kwamakhanda oyise; uSathane uyoba nguyise, futhi usizi luyoba yisiphetho sabo; futhi amazulu wonke ayobakhalela, ngisho wonke umsebenzi wezandla zami; ngalokho-ke akufanele yini amazulu akhale, ngokubona ukuthi laba bazozwa buhlungu na?

38 Kodwa bheka, laba amehlo akho ababukayo bayobhubha ngezikhukhula; futhi bheka, ngizobavalela, ngibalungisele aitilongo.

39 Futhi alowo engimkhethileyo ukhalile phambi kobuso bami. Ngalokho-ke, wezwa ubuhlungu ngenxa yezono zabo; kangangoba beyophenduka ngosuku lapho boKhethiweyo wami eyobuyela kimi, futhi kuze kube yilolo suku bayoba se cbuhlungwini obukhulu;

40 Ngalokho-ke, ngenxa yalokho amazulu ayokhala, yebo, nawo wonke umsebenzi wezandla zami.

41 Futhi kwenzeka ukuthi iNkosi yakhuluma ku-Enoke, futhi yamtshela u-Enoke zonke izenzo zabantwana babantu; ngalokho-ke u-Enoke wazi, futhi wabubuka ububi babo, nosizi lwabo, futhi wakhala futhi welula izingalo zakhe, futhi ainhliziyo yakhe yavuvukala yaba banzi njengephakade; nezibilini zakhe zagcwala isihawu; futhi lonke iphakade lathuthumela.

42 Futhi u-Enoke futhi wambona auNowa, bnomdeni wakhe; ukuthi isizukulwane samadodana onke kaNowa kwakufanele sisindiswe ngensindiso yesikhashana;

43 Ngalokho-ke u-Enoke wabona ukuthi uNowa wakha aumkhumbi; futhi iNkosi yakuthokozela lokho, futhi yawuvikela ngesandla sayo uqobo; kodwa phezu kwensali yababi izikhukhula zeza futhi zabagwinya.

44 Futhi ngesikhathi u-Enoke ekubona lokhu, waba nomunyu womphefumulo, futhi wabakhalela abafowabo, futhi wathi emazulwini: aNgizokwenqaba ukududuzeka; kodwa iNkosi yathi ku-Enoke: Phakamisa inhliziyo yakho, futhi ujabule; futhi buka.

45 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke wabuka; futhi kusuka kuNowa, wabona yonke imindeni yomhlaba; futhi wakhala eNkosini, ethi: Ngabe luyofika nini usuku lweNkosi na? Ngabe igazi loLungileyo liyochithwa nini, ukuze bonke abalilayo ba angcweliswe futhi bazuze ukuphila okuphakade na?

46 Futhi iNkosi yathi: Kuyoba amaphakathi nesikhathi, ezinsukwini zobubi nempindiselo.

47 Futhi bheka, u-Enoke walubona usuku lokuza kweNdodana yoMuntu, ngisho enyameni; nomphefumulo wakhe wajabula, uthi: oLungileyo uphakanyisiwe, futhi aiMvana ibulewe kusuka ekuselweni komhlaba; futhi ngokholo ngisesifubeni sikaBaba; futhi bheka, biSiyoni inami.

48 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke wawubuka aumhlaba; futhi wezwa izwi lisuka ezibilini zawo lithi; Maye, maye kimi, unina wabantu; ngizwa ubuhlungu, ngikhathele, ngenxa yobubi babantwana bami. Ngiyo bphumula nini, futhi ngihlanzwe kukho cukungcola osekuphume kimi na? UmDali wami uzongingcwelisa nini, ukuze ngiphumule, nokulunga kuhlale isikhashana ebusweni bami na?

49 Ngesikhathi u-Enoke ezwa umhlaba ulila, wakhala, futhi wanxusa eNkosini, ethi: O Nkosi, ubungeke uwuzwele umhlaba na? Ubunge babusise abantwana baNowa na?

50 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke waqhubeka nokunxusa eNkosini, ethi: Ngiyakucela, O, Nkosi, egameni loZelwe Yedwa wakho, ngisho uJesu Kristu, ukuthi ube nomusa kuNowa nenzalo yakhe, ukuze umhlaba ungabe usambozwa yizikhukhula futhi.

51 Futhi iNkosi ayikwazanga ukuzibamba; futhi yavumelana no-Enoke, futhi yafunga kuye ngesifungo, ukuthi yayiyozivimba aizikhukhula; ukuthi iyobanxusa abantwana baNowa;

52 Futhi wathumela isimemezelo esingaguquleki, ukuthi ainsali yenzalo yakhe kufanele njalo itholakale phakathi kwazo zonke izizwe, ngesikhathi umhlaba usamile;

53 Futhi iNkosi yathi: Ubusisiwe lowo uMesiya uyoza ngenzalo yakhe; ngokuba wathi—Ngingu aMesiya, biNkosi yaseSiyoni, ciDwala laseZulwini, elibanzi njengephakade; lowo ongena ngesango futhi dakhuphukele phezulu ngami akasoze awa; ngalokho-ke, babusisiwe labo esengikhulume ngabo, ngokuba bayoza nga emaculo enjabulo yaphakade.

54 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke wanxusa eNkosini, ethi: Ngesikhathi iNdodana yoMuntu isiza enyameni, ngabe umhlaba uyophumula na? Ngiyakucela, ngitshengise lezi zinto.

55 Futhi iNkosi yathi ku-Enoke: Buka, futhi wabuka futhi wabona aiNdodana yoMuntu iphakanyiselwa kuso bisiphambano, ngendlela yabantu;

56 Futhi wezwa izwi elikhulu; namazulu adabuka; nendalo yonke kaNkulunkulu yalila; nomhlaba awabubula; namadwala aqhekezeka; nabangcwele bbavuka, futhi ba cqheliswa dkwesobunene seNdodana yoMuntu, ngemiqhele yenkazimulo;

57 Futhi ngobuningi be amimoya eyayise btilongweni yavuka, futhi yama kwesobunene sikaNkulunkulu; futhi insali yagcinwa emaketangweni obumnyama kwaze kwaba ukwahlulelwa kosuku olukhulu.

58 Futhi phezu kwalokho u-Enoke wakhala wanxusa eNkosini, ethi: Ngabe uyophumula nini umhlaba na?

59 Futhi u-Enoke wayibona iNdodana yoMuntu yenyukela kuBaba; futhi wacela eNkosini, ethi: Ubungeke yini uze futhi emhlabeni na? Ngokubona ukuthi unguNkulunkulu, futhi ngiyakwazi, futhi ufungile kimi, futhi wangiyala ukuba ngicele egameni loZelwe Yedwa wakho; ungenzile, futhi wanginika ilungelo lokuya esihlalweni sakho sobukhosi, futhi hhayi ngokwami, kodwa ngomusa wakho; ngalokho-ke ngiyakucela ukuthi ubungeke yini uze futhi emhlabeni.

60 Futhi iNkosi yathi ku-Enoke: Njengoba ngiphila, ngisho kanjalo-ke ngizoza nge azinsuku zokugcina, ngezinsuku zobubi nempindiselo, ukuzogcwalisa isifungo engisenzileyo kuwe ngokuphathelene nabantwana baNowa;

61 Futhi usuku luyeza lapho umhlaba uyo aphumula khona, kodwa ngaphambi kwalolo suku amazulu ayo bgqunqiswa, cisisitho sobumnyama siyowumboza umhlaba; namazulu ayozamazama, ngokunjalo nomhlaba; futhi izinkathazo ezinkulu ziyoba phakathi kwabantwana babantu, kodwa abantu bami dngiyobagcina;

62 Futhi aukulunga ngizokuthumela phansi kusuka ezulwini; futhi biqiniso ngizolithumela lisuka phakathi cemhlabeni, ukuze dlifakaze ngoZelwe Yedwa wami; eukuvuka kwakhe kwabafileyo; yebo, futhi novuko lwabo bonke abantu; futhi ukulunga neqiniso ngiyokwenza kushanele umhlaba njengesikhukhula, ukuze fkuqoqe abakhethiweyo bami kuwo womane amagumbi omhlaba, endaweni engiyoyilungisa, iDolobha eliNgcwele, ukuze abantu bami babophe izinkalo zabo, futhi ukuba balindele isikhathi sokuza kwami; ngokuba liyoba lapho itabernakele lami, futhi liyobizwa ngeSiyoni, giJerusalema eNtsha.

63 Futhi iNkosi yathi ku-Enoke: Ngaleso sikhathi wena nalo lonke aidolobha lakho niyohlangana nabo khona, futhi siyobemukela ezifubeni zethu, futhi bayosibona; futhi siyobasingatha, futhi nabo bayosisingatha, futhi siyokwangana;

64 Futhi lapho kuyoba yindawo yami engihlala kuyo, futhi kuyoba iSiyoni, eyovela kuyo yonke indalo engiyenzileyo; futhi esikhathini se aminyaka eyinkulungwane umhlaba uyo bphumula.

65 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke walubona usuku alokuza kweNdodana yoMuntu, ezinsukwini zokugcina, izohlala emhlabeni ngokulunga isikhathi senkulungwane yeminyaka;

66 Kodwa ngaphambi kwalolo suku wabona izinkathazo ezinkulu phakathi kwababi; futhi walubona ulwandle, ukuthi lwalunolaka, nezinhliziyo zabantu aziphela amandla, bebheke ngokwesaba bukwahlulela kukaMninimandla Onke uNkulunkulu, okufanele kuze kwababi.

67 Futhi iNkosi yamtshengisa u-Enoke zonke izinto, ngisho kwaze kwaba sekupheleni komhlaba; futhi walubona nosuku lwabalungileyo, ihora lokuhlengwa kwabo, futhi bazuza ainjabulo ephelele;

68 Futhi zonke izinsuku azeSiyoni, ngezinsuku zika-Enoke, zazingamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu eminyaka.

69 Futhi u-Enoke nabo bonke abantu bakhe ababehamba noNkulunkulu, futhi wayehlala phakathi kweSiyoni; futhi kwenzeka ukuthi iSiyoni yayingasekho, ngokuba uNkulunkulu wayemukela esifubeni sakhe uqobo; futhi kusuka ngaleso sikhathi kwanda isisho esithi: iSiyoni yemuka.