ImiBhalo eNgcwele
Mose 6


Isahluko 6

(Novemba–Disemba 1830)

Inzalo ka-Adamu igcina incwadi yokukhumbula—Isizukulwane sakhe esilungileyo sishumayela ukuphenduka—UNkulunkulu uyazembula ku-Enoke—U-Enoke ushumayela ivangeli—Isu lensindiso lembulwa ku-Adamu—Wafumana ukubhabhadiswa nobuphristi.

1 Futhi u-Adamu walilalela izwi likaNkulunkulu, futhi wabiza amadodana akhe ukuba aphenduke.

2 Futhi u-Adamu waphinda wamazi umfazi wakhe, futhi wazala indodana, wayibiza igama ngokuthi uSeti. U-Adamu walidumisa igama likaNkulunkulu; ngokuba wathi: UNkulunkulu ungiphe enye inzalo, esikhundleni sika-Abela, owabulawa nguKayini.

3 Futhi uNkulunkulu wazembula kuSeti, futhi wangahlubuka, kodwa wanikela ngo mnikela owamukelekayo, njengowomfowabo u-Abela. Futhi nakuye kwazalwa indodana, futhi wayibiza ngokuthi ngu-Enoshe.

4 Futhi ngaleso sikhathi lamadoda aqala ukubiza igama leNkosi, futhi iNkosi yababusisa;

5 Futhi incwadi yokukhumbula yagcinwa, okwakubhalwe kuyo, ngolimi luka-Adamu, ngokuba kwanikwa kwabaningi kangangoba babebizwe nguNkulunkulu ukuba babhale ngomoya woku shisekeliswa.

6 Futhi ngabo abantwana babo bafundiswa ukufunda nokubhala, benolimi olwalumsulwa futhi lungangcolile.

7 Manje lobu buPhristi, obabukhona ekuqaleni, buyoba khona nasekupheleni komhlaba futhi.

8 Manje lesi siphrofetho u-Adamu wasikhuluma, njengoba wayeqhutshwa ngu Moya oNgcwele, futhi umlando wesizukulwane wagcinwa wa bantwana baNkulunkulu. Futhi lena kwaku yincwadi yezizukulwane zika-Adamu, ithi: Ngosuku uNkulunkulu adala ngalo umuntu, ngomfanekiso kaNkulunkulu wamenza;

9 Ngomfanekiso womzimba wakhe uqobo, owesilisa nowesifazane, wabadala bona, futhi wababusisa, wababiza ngokuthi u-Adamu, ngosuku abadalwa ngalo futhi baba ngabantu abaphilayo ezweni eliyi senabelo sesihlalo sikaNkulunkulu.

10 Futhi u-Adamu waphila iminyaka eyikhulu namashumi amathathu, wazala indodana efana naye, ingomfanekiso wakhe uqobo, futhi wayibiza ngokuthi nguSeti.

11 Futhi izinsuku zika Adamu, emuva kokuzala uSeti, zaba yiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili, futhi wazala amadodana namadodakazi amaningi;

12 Futhi zonke izinsuku u-Adamu aziphila zazingamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu eminyaka, futhi wayesefa.

13 USeti waphila iminyaka eyikhulu nesihlanu, futhi wazala u-Enoshe, futhi waphrofetha izinsuku zonke zakhe, futhi wafundisa indodana yakhe u-Enoshe ngezindlela zikaNkulunkulu; ngalokho-ke u-Enoshe naye waphrofetha.

14 Futhi USeti waphila, emuva kokuzalwa kuka-Enoshe, iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili nesikhombisa, futhi wazala amadodana namadodakazi amaningi.

15 Futhi abantwana babantu base bebaningi ebusweni bezwe. Futhi kulezo zinsuku uSathane wabusa kakhulu phakathi kwabantu, futhi wadlanga ezinhliziyweni zabo; futhi kusukela ngaleso sikhathi kwabakhona izimpi nokucitheka kwegazi; futhi isandla somuntu sasimelene nomfowabo, kukho ukubulala, ngenxa yemisebenzi eyimfihlo, befuna amandla.

16 Zonke izinsuku zikaSeti zaba yiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi nambili, futhi wayesefa.

17 Futhi u-Enoshe waphila iminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye, wazala uKhenani. U-Enoshe nabaseleyo babantu baNkulunkulu baphuma ezweni, elalibizwa ngokuthi iShuloni, futhi wahlala ezweni lesethembiso, alibiza ngegama lendodana yakhe, ayeyibize ngoKhenani

18 Futhi u-Enoshe waphila, emuva kokuzala uKhenani, iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili neshumi nanhlanu, wazala amadodana namadodakazi amaningi. Zonke izinsuku zika-Enoshe zaba ngamakhulu ayisishiyagalolunye nesihlanu, wayesefa.

19 Futhi uKhenani waphila iminyaka engamashumi ayisikhombisa wazala uMahalalele; UKhenani waphila emuva kokuzala uMahalalele iminyaka engamakhulua ayisishiyagalombili namashumi amane, futhi wazala amadodana namadodakazi. Futhi zonke izinsuku zikaKhenani zaba yiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye neshumi, wayesefa.

20 Futhi uMahalalele waphila iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu, futhi wazala uJarede; UMahalalele waphila, emuva kokuzala uJarede, iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu, futhi wazala amadodana namadodakazi. Zonke izinsuku zikaMahalalele zaba ngamakhulu ayisishiyagalombili namashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu, wayesefa.

21 Futhi uJarede waphila iminyaka eyikhulu namashumi ayisithupha nambili, futhi wazala u-Enoke; UJarede waphila, emuva kokuzala u-Enoke, iminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili, futhi wazala amadodana namadodakazi. Futhi uJarede wafundisa u-Enoke zonke izindlela zikaNkulunkulu.

22 Lona ngumlando wesizukulwane samadodana ka-Adamu, owayeyi ndodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uqobo owayekhuluma naye.

23 Futhi babenga bashumayeli bokulunga, futhi babe khuluma futhi bephrofetha, futhi babe biza bonke abantu, yonke indawo, ukuba baphenduke; futhi ukholo lwalu fundiswa kubantwana babantu.

24 Futhi kwenzeka ukuthi zonke izinsuku zikaJarede zaba ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisithupha nambili, wayesefa.

25 Futhi u-Enoke waphila iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu, wazala uMetushela.

26 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke wahamba ezweni, phakathi kwabantu; futhi ngesikhathi esahamba, uMoya kaNkulunkulu wehla uphuma ezulwini, wahlala kuye.

27 Futhi wezwa izwi livela ezulwini, lithi: Enoke, ndodana yami, phrofetha kulabantu, uthi kubo—Phendukani, ngokuba isho kanje iNkosi: Ngibathukuthelele labantu, futhi intukuthelo yami enkulu yokhelekile ngokumelene nabo; ngokuba izinhliziyo zabo ziya ngokuba lukhuni, ne zindlebe zabo zibuthuntu ukuzwa, futhi amehlo abo awakwazi ukubona kude;

28 Futhi kulezi zizukulwane eziningi, kusukela ngosuku engabadala ngalo, badukile, futhi bangiphikile, futhi bafune ezabo izeluleko ebumnyameni; futhi kuzo izinengiso zabo benze amacebo okubulala, futhi abayigcinanga imiyalelo, engayinika uyise, u-Adamu.

29 Ngalokho-ke, bazifungele, futhi, nge zifungo zabo, bazilethele ukufa kubo; futhi isihogo ngisilungisele bona, uma bengaphenduki;

30 Futhi lona ngumyalelo, engawuthumela ekuqaleni komhlaba, usuka kowami umlomo, kusuka esisekelweni sawo, futhi nangemilomo yezinceku zami, oyihlo, ngiyimisile, ngisho njengoba izothunyelwa emhlabeni, kuze kube sekupheleni kwawo.

31 Futhi ngesikathi u-Enoke esewazwile lamazwi, wakhothama phansi, phambi kweNkosi, futhi wakhuluma phambi kweNkosi ethi: Kungani ukuba ngithole ukuthandwa emehlweni akho, futhi ngise ngumfana, futhi bonke abantu bayangizonda; ngokuba nginamalimi; ngalokho-ke ngabe ngiyinceku yakho na?

32 Futhi iNkosi yathi ku-Enoke: Hamba futhi wenze njengoba ngikuyalile, futhi akukho muntu oyokuhlaba. Vula umlomo wakho, futhi uyogcwaliswa, futhi ngiyokunika ozokusho, ngokuba yonke inyama isezandleni zami, futhi ngizokwenza njengoba kubonakala kukuhle kimi.

33 Yithi kulaba bantu: Khethani namuhla, ukuba nisebenzele iNkosi uNkulunkulu eyanenzayo.

34 Bheka uMoya wami ukuwe, ngalokho-ke wonke amazwi akho ngizobonisa ukuthi alungile; futhi izintaba ziyokubalekela, nemifula iyoshintsha imizila yayo; futhi uyohlala kimi, nami kuwe; ngakho-ke hamba nami.

35 Futhi iNkosi yakhuluma ku-Enoke, yathi kuye: Gcoba amehlo akho ngobumba, bese uyawageza, futhi uzobona. Futhi wenzenjalo.

36 Futhi wabona imimoya eyayi dalwe nguNkulunkulu; waphinde wabona nezinto ezazingabonakali ngamehlo enyama; futhi kusuka ngaleso sikhathi kwanda isisho ndawo zonke ezweni esasithi: Umboni iNkosi ibavusele abantu bayo.

37 Futhi kwenzeka ukuthi u-Enoke wahamba kulelizwe, phakathi kwabantu, wema phezu kwamagquma nezindawo ezaziphakemeyo, futhi wamemeza ngezwi elikhulu, efakaza ngokumelene nemisebenzi yabo; futhi bonke abantu bacasuka ngenxa yakhe.

38 Futhi beza ukuzomlalela, ezindaweni eziphakemeyo, bethi kubagcinimatende: Salani lapha futhi nigcine amatende, ngesikhathi sisaya ngale ukuyobona umboni, ngokuba uyaphrofetha, futhi kukhona okungajwayelekile kulelizwe; umuntu ohlanyayo uze phakathi kwethu.

39 Futhi kwenzeka ngesikhathi bemuzwa, akukho muntu owambeka isandla; ngokuba ukwesaba kwaba kubo bonke abamuzwayo; ngokuba wayehamba noNkulunkulu.

40 Futhi kweza umuntu kuye, igama lakhe okwakungu Mahijaha, futhi wathi kuye: Sitshele ngokucacile ungubani, futhi ngabe uphumaphi na?

41 Futhi wathi kubo: Ngiphuma ezweni laseKhenani, izwe lobaba, izwe lokulunga kuze kube manje. Futhi ubaba wangifundisa ngazo zonke izindlela zikaNkulunkulu.

42 Futhi kwenzeka, ngesikhathi ngisahamba ezweni laseKhenani, ngasephumalanga yolwandle, ngabona umbono; futhi bheka, ngabona amazulu, neNkosi yakhuluma nami, futhi yanginika imiyalelo, ngalokho-ke, ukuze ngigcine lemiyalelo, ngikhuluna lamazwi.

43 Futhi u-Enoke wayiqhuba inkulumo ethi: INkosi eyakhuluma nami, yiyo futhi enguNkulunkulu wasezulwini, futhi inguNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu, futhi nina ningabafowethu, futhi kungani nifuna ezenu izeluleko, futhi nimphika uNkulunkulu wasezulwini na?

44 Amazulu wawenza; umhlaba uyi senabelo sezinyawo zakhe; futhi isisekelo sawo singesakhe. Bhekani, wasimisa, isixuku sabantu wasiletha ebusweni bawo.

45 Futhi ukufa kweza kobaba bethu; nokho siyabazi, futhi ngeke sibaphike, futhi ngisho owokuqala kunabo bonke esimaziyo, ngisho u-Adamu.

46 Ngokuba incwadi yokukhumbula siyibhalile phakathi kwethu, ngokwendlela esiyinikwe ngomunwe kaNkulunkulu; futhi inikwe ngolimi lwethu.

47 Futhi ngesikhathi u-Enoke ekhuluma amazwi kaNkulunkulu, abantu bathuthumela, futhi abakwazanga ukuma phambi bakhe.

48 Futhi wathi kubo: Ngenxa yokuthi u-Adamu wawa, sikhona; futhi ngokuwa kwakhe kweza ukufa; futhi senziwa abahlanganyeli bokuhlupheka nosizi.

49 Bheka uSathane uze phakathi kwabantwana babantu, futhi ubalinge ukuba bakhonze yena; futhi abantu sebebe ngaba naka inyama, naba thokozisa imizwa, nabanobudeveli futhi ba susiwe phambi kukaNkulunkulu.

50 Kodwa uNkulunkulu wayekwazisile kobaba bethu ukuthi bonke abantu kufanele baphenduke.

51 Futhi wabiza ubaba u-Adamu ngezwi lakhe, ethi: NginguNkulunkulu; ngenza umhlaba, na bantu ngaphambi kokuba babe senyameni.

52 Futhi wathi kuye: Uma ungaphendukela kimi, futhi ulalele izwi lami, futhi ukholwe, futhi uphenduke kuzo zonke iziphambeko zakho, futhi ubhabhadiswe, ngisho emanzini, egameni leNdodana yami eZelwe Yodwa, egcwele umusa neqiniso, engu Jesu Kristu, okuyilona gama kuphela elinikiwe ngaphansi kwezulu, insindiso eyokuza ngalo kubantwana babantu, uyofumana isipho sikaMoya oNgcwele, ucela zonke izinto egameni lakhe, futhi noma yini oyoyicela, uyonikwa yona.

53 Futhi ubaba u-Adamu wakhuluma neNkosi, futhi wathi: Kungani ukuba abantu kufanele baphenduke futhi babhabhadiswe emanzini na? Futhi iNkosi yathi ku-Adamu: Bheka ngikuxolele isiphambeko sakho eNsimini yase-Edene.

54 Kulokhu kwanda isisho ndawo zonke phakathi kwabantu, ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isi hlawulele isono sokuqala, lapho izono zabazali zingeke zaphendulwa emakhanda abantwana, ngokuba bamsulwa kusuka ekusekelweni komhlaba.

55 Futhi iNkosi yakhuluma ku-Adamu, ithi: Kangangoba abantwana bakho bezalelwe esonweni, kanjalo-ke uma sebeqala ukukhula, isono siqala ukuba khona ezinhliziyweni zabo, futhi bezwa ubuhlungu, ukuze bakwazi ukwazisa okuhle.

56 Futhi kunikiwe kubo ukwazi okuhle nokubi; ngalokho-ke bayakwazi ukuzikhethela, futhi ngikunike omunye umthetho nemiyalelo.

57 Ngalokho-ke kufundise ebantwaneni bakho, ukuthi bonke abantu, yonke indawo, kufanele ba phenduke, noma kungenjalo ngeke bafumane ifa lombuso kaNkulunkulu, ngokuba akukho okungcolileyo okungahlala lapho, noma okunga hlala lapho ekhona; okungukuthi, ngolimu luka-Adamu, iNdoda yobuNgcwele yigama lakhe, futhi igama loZelwe Yedwa wakhe yi Ndodana yoMuntu, ngisho uJesu Kristu, ongu Mahluleli olungileyo, oyoza maphakathi nesikhathi.

58 Ngakho-ke ngikunika umyalelo, ukuba uzifundise lezi zinto ngokukhululekileyo kubo abantwana bakho, uthi:

59 Ngenxa yesiphambeko kweza ukuwa, lokho kuwa okwaletha ukufa, futhi kangangoba wazalwa emhlabeni ngamanzi, negazi, no moya, engikwenzileyo, ngaleyo ndlela waba ngumuntu ophilayo usuka othulini, kanjalo-ke kufanele uzalwe kabusha embusweni wasezulwini, nga manzi, nangoMoya, futhi uhlanzwe ngegazi, ngisho ngegazi loZelwe Yedwa wami; ukuze ungcweliswe ezonweni zonke, futhi uthokozele amazwi okuphila okuphakade kulomhlaba, nokuphila okuphakade emhlabeni ozayo, ngisho inkazimulo yesimo sokungafi;

60 Ngokuba nga manzi ugcina imiyalelo; ngoMoya awunacala, futhi nge gazi uya ngcweliswa;

61 Ngakho-ke kunikiwe ukuba kuhlale kini; ubufakazi basezulwini; uMduduzi; izinto zokuthula zenkazimulo yesimo sokungafi; iqiniso lazo zonke izinto; lokho okuphilisa zonke izinto, okwenza kuphile zonke izinto; lokho okwazi zonke izinto, nokunawo wonke amandla ngokuhlakanipha, ngomusa, ngeqiniso, ngokulunga, nangokwahlulela.

62 Manje, bheka, ngithi kuwe: Leli yisu lensindiso kubantu bonke, ngegazi lo Zelwe Yedwa wami, oyoza maphakathi nesikhathi.

63 Futhi bheka, zonke izinto zinesifaniso sazo, futhi zonke izinto zadalwa futhi zenziwa ukuba zifakaze ngami, izinto ezingezemvelo, nezinto zomoya; izinto ezisezulwini phezulu, nezinto ezisemhlabeni, nezinto eziphakathi emhlabeni, nezinto ezingaphansi komhlaba, phezulu nangaphansi: zonke izinto zifakaza ngami.

64 Futhi kwenzeka, ngesikhathi iNkosi isikhulumile no-Adamu, ubaba, ukuthi u-Adamu wakhala eNkosini, futhi wahlwithwa ngu Moya weNkosi, futhi wayiswa phansi emanzini, futhi wacwiliswa kuwo amanzi, futhi wakhishwa emanzini.

65 Futhi ngaleyondlela wabhabhadiswa, futhi uMoya kaNkulunkulu wehlela kuye, futhi ngaleyondlela wazalwa ngoMoya, futhi waphiliswa ngaphakathi.

66 Futhi wezwa izwi livela ezulwini, lithi: Usu bhabhadisiwe ngomlilo, nangoMoya oNgcwele. Lobu wu bufakazi bukaBaba, neNdodana, kusukela manje naphakade;

67 Futhi ungoko hlelo lwakhe owayengenasiqalo sezinsuku noma isiphelo seminyaka, kusuka kulo lonke iphakade kuya kulo lonke iphakade.

68 Bheka, umunye nami, indodana kaNkulunkulu; futhi ngalendlela bonke bangaba nga madodana ami. Amen.