ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 27


Isahluko 27

UMosiya uyakwenqabela ukuhlushwa futhi uyala ukuthi kubekhona ukulingana—U-Alima omncane kanye namadodana amane kaMosiya bafuna ukuchitha iBandla—Ingelosi iyaqhamuka futhi ibayala ukuthi bayiyeke indlela yabo yobubi—U-Alima ushaywa ngokuba yisimungulu—Bonke abantu kufanele bazalwe kabusha ukuze bazuze insindiso—U-Alima kanye namadodana kaMosiya bamemezela izindaba ezimnandi. Cishe ngonyaka we 100 kuya kowama 92 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje kenzeka ukuthi ukuhlushwa okwathwaliswa ibandla ngabangakholwa kwaba kukhulu kakhulu kangangokuthi ibandla laqala lavungama, futhi lakhononda kubaholi balo mayelana naloludaba; futhi nempela bakhononda ku-Alima. Futhi u-Alima walubeka udaba phambi kwenkosi yabo, uMosiya. Futhi uMosiya wabonisana nabaphristi bakhe.

2 Futhi kwenzeka ukuthi inkosi uMosiya yathumela isimemezelo kulo lonke izwe jikelele ukuthi kungabi bikho muntu ongakholwayo aozohlupha noma ngubani walabo abangabebandla likaNkulunkulu.

3 Futhi kwaba khona umthetho oqinile kuwo wonke amabandla jikelele wokuthi kungabi bikho ukuhlushwa phakathi kwabo, nokuthi kufanele kube khona aukulingana phakathi kwabo bonke abantu;

4 Nokuthi bangavumeli ukuzikhukhumeza nokuqhosha kuphazamise aukuthula kwabo; nokuthi wonke umuntu bmakamazise umakhelwane wakhe njengaye, basebenze ngezandla zabo uqobo ukuzondla bona.

5 Yebo, futhi bonke abaphristi kanye nabafundisi babo kufanele abasebenze ngezandla zabo uqobo ukuze bazondle bona, ngaso sonke isikhathi ngaphandle kokuthi uma begula, noma bedinga kakhulu; futhi ngokwenza lezi zinto, nempela bagcwaliswa bngomusa kaNkulunkulu.

6 Futhi kwaqala ukuthi kube khona futhi ukuthula okukhulu ezweni; futhi abantu baqala ukuthi babe baningi kakhulu, futhi baqala ukuhlakazeka ndawozonke phezu kobuso bezwe, yebo, enyakatho kanye naseningizimu, empumalanga kanye nasentshonalanga, bakha amadolobha amakhulu kanye namadolobhana kuwo wonke amagumbi amane ezwe.

7 Futhi iNkosi nempela yabavakashela futhi yabaphumelelisa, futhi baba baningi futhi baba ngabantu abanothile.

8 Manje amadodana kaMosiya ayebalwa kanye nalabo abangakholwayo; futhi ngokunjalo nomunye awamadodana ka-Alima wayebalwa kanye nabo, ebizwa ngo-Alima, ngegama likayise; nokho, waba yindoda ekhohlakele kakhulu futhi bekhonza izithixo. Futhi wayeyindoda yamazwi amaningi, futhi nempela wakhuluma ukuthopha okuningi kubantu; ngakho-ke wahola abaningi abantu ukuthi benze ngendlela yobubi bakhe.

9 Futhi waba ngesikhulu isithiyo ekuthuthukeni kwebandla likaNkulunkulu; aentshontsha izinhliziyo zabantu; ebanga ukungezwani okukhulu phakathi kwabantu; enikeza ithuba isitha sikaNkulunkulu ukuthi sisebenzise amandla aso phezu kwabo.

10 Manje kwenzeka ukuthi ngesikhathi esahamba ezulazula echitha ibandla likaNkulunkulu, ngokuba nempela wayehamba ngasese ezulazula kanye namadodana kaMosiya efuna ukuchitha ibandla, futhi edukisa abantu beNkosi, ngokuphikisana nemiyalelo kaNkulunkulu, ngisho nenkosi—

11 Futhi njengoba ngithe kini, njengoba babehamba bezulazula abevukela uNkulunkulu, bheka, bingelosi yeNkosi cyavela kubo; futhi yehla sengathi yayisefwini; futhi yakhuluma sengathi kwakungezwi lokuduma kwezulu, elenza ukuba phansi kuzamazame lapho babemi khona;

12 Futhi kwaba kukhulu kakhulu ukwethuka kwabo, kangangokuthi bawela phansi, futhi abazange bawaqonde lawo mazwi eyawakhuluma kubo.

13 Nokho yaphinda yamemeza, ithi: Alima, vuka futhi uze phambili, ngokuba kungani uhlupha ibandla likaNkulunkulu na? Ngokuba iNkosi ithe: aLeli yibandla lami, futhi ngiyolimisa; futhi akukho nto eyolichitha, ngaphandle kokuthi kube yiziphambeko zabantu bami.

14 Futhi phezu kwalokho, ingelosi yathi: Bheka, iNkosi iyizwile aimithandazo yabantu bayo, futhi ngokunjalo nemithandazo yenceku yayo, u-Alima, onguyihlo; ngokuba uthandaze ngokholo olukhulu mayelana nawe ukuthi ulethwe olwazini lweqiniso; ngakho-ke, ngalesi sizathu ngize ukuzokukholwisa ngamandla kanye negunya likaNkulunkulu, ukuze bimithandazo yezinceku zakhe iphenduleke ngokokholo lwabo.

15 Manje bheka, ungawangabaza yini amandla kaNkulunkulu na? Ngokuba bheka, ngabe izwi lami alizamazamisi phansi yini na? Futhi phezu kwalokho awungiboni yini phambi kwakho na? Futhi ngithunyiwe ngivela kuNkulunkulu.

16 Manje ngithi kuwe: Hamba, futhi ukhumbule ubugqili boyihlo ezweni lakwaHelamu, kanye nasezweni lakwaNefi; futhi ukhumbule ukuthi zinkulu kangakanani izinto abenzela zona; ngokuba babesekuthunjweni, futhi aubakhululile. Manje ngithi kuwe, Alima, hamba ngendlela yakho, futhi ungaphinde ufune ukubhubhisa ibandla futhi, ukuze imithandazo yabo iphendulwe, futhi lokhu ngisho noma ngabe wena ngokwakho uzofuna ukuthi ulahlwe.

17 Manje kwenzeka ukuthi lawa kwakungamazwi okugcina ingelosi eyawakhuluma ku-Alima, futhi yemuka.

18 Manje u-Alima kanye nalabo ayenabo baphinda bawela phansi; ngokuba kwaba kukhulu ukwethuka kwabo; ngokuba ngawabo amehlo uqobo babebone ingelosi yeNkosi; futhi izwi layo lalinjengokuduma kwezulu, elazamazamisa phansi; futhi bazi ukuthi kwakungekho lutho ngaphandle kwamandla kaNkulunkulu ayengazamazamisa phansi futhi enze kuzamazame sengathi kwakuzohlukana phakathi.

19 Manje ukwethuka kuka-Alima kwaba kukhulu kakhulu kangangokuthi waphenduka isimungulu, kangangokuthi akakwazanga ukuvula umlomo wakhe; yebo, futhi waba buthakathaka, ngendlela yokuthi akakwazanga ngisho nokunyakazisa izandla zakhe; ngakho-ke wathathwa yilabo ayenabo, futhi wathwalwa engumthothongo, waze wayobekwa phambi kukayise.

20 Futhi balanda kuyise konke okwakwenzekile kubo; futhi uyise wathokoza, ngokuba wayazi ukuthi kwakungamandla kaNkulunkulu.

21 Futhi wenza ukuthi isixuku sibuthane ndawonye ukuze sibone ukuthi iNkosi iyenzeleni indodana yakhe, futhi ngokunjalo nalabo ababenayo.

22 Futhi wenza ukuthi abaphristi babuthane ndawonye; futhi baqala ukuzila ukudla, kanye nokuthandaza eNkosini uNkulunkulu wabo ukuthi ivule umlomo ka-Alima, ukuze akhulume, futhi ngokunjalo nokuthi amalunga akhe athole amandla awo—ukuze amehlo abantu avuleke ukuthi babone futhi bazi ngobuhle kanye nenkazimulo kaNkulunkulu.

23 Futhi kwenzeka emva kokuthi sebezile ukudla futhi bathandaza isikhathi esiyizinsuku ezimbili kanye nobusuku obubili, amalunga ka-Alima athola amandla awo, futhi wasukuma futhi waqala ukukhuluma kubo, ebancenga ukuthi baduduzeke:

24 Ngokuba, wathi, sengiphendukile ezonweni zami, futhi asengikhululwe yiNkosi; bhekani sengizelwe ngokukaMoya.

25 Futhi iNkosi ithe kimi: Ungamangali ukuthi bonke abantu, yebo, abesilisa nabesifazane, izizwe zonke, imindeni, izilimi kanye nabantu, kufanele abazalwe kabusha; yebo, bazalwe ngokukaNkulunkulu, bbashintshe esimweni sabo csokunaka inyama nesokuwa, babe sesimweni sokulunga, bakhululwe nguNkulunkulu, babe ngamadodana namadodakazi akhe.

26 Futhi ngalendlela baba yizidalwa ezintsha; futhi ngaphandle kokuthi benze lokhu, aabanakukwazi noma ngayiphi indlela ukuthi badle ifa lombuso kaNkulunkulu.

27 Ngithi kini, ngaphandle kokuthi kube njalo, kufanele balahlwe; futhi lokhu ngiyakwazi, ngenxa yokuthi ngicishe ngalahlwa.

28 Nokho, emva kokudlula ekuhlupheni okukhulu, sengicishe ngaphenduka sengizofa, iNkosi enesihawu ibone kufanele ukuthi ingihlwithe ngiphume aekusheni kwaphakade, futhi sengizelwe ngokukaNkulunkulu.

29 Umphefumulo wami ukhululiwe enyongweni ebabayo nasezibophweni zobubi. Ngangisemhhumeni omnyama bhuqe; kodwa manje sengibona ukukhanya okumangalisayo kukaNkulunkulu. Umphefumulo wami awawonakele ngenhlupheko yaphakade; kodwa ngihlwithiwe, futhi umphefumulo wami awusenabuhlungu.

30 Ngamenqaba uMkhululi wami, futhi ngakuphika nalokho okwakukhulunywe ngobaba bethu; kodwa manje ukuze babone ukuthi uzofika, futhi nokuthi uyazikhumbula zonke izidalwa azibumbile, uyoziveza kubo bonke.

31 Yebo, awonke amadolo ayokhothama, futhi zonke izilimi ziyovuma phambi kwakhe. Yebo, ngisho nangosuku lokugcina, ngesikhathi bonke abantu beyokuma ukuthi bbehlulelwe nguye, ngaleso sikhathi bayovuma ukuthi yena unguNkulunkulu; ngaleso sikhathi bayovuma, labo cabangakholwa kuNkulunkulu emhlabeni, ukuthi ukwahlulela kwesijeziso saphakade kulungile kubo; futhi bayothuthumela, baqhaqhazele, futhi bashwabane phansi kokubona dkweso lakhe elibona konke.

32 Manje kwenzeka ukuthi u-Alima waqala kusukela ngalesi sikhathi kuya phambili ukuthi afundise abantu, kanye nalabo ababe no-Alima ngesikhathi ingelosi iqhamuka kubo, behamba bezungeza ezweni lonke, bazisa bonke abantu izinto ababezizwile futhi bezibonile, futhi beshumayela izwi likaNkulunkulu ekuhluphekeni okukhulu, behlushwa kakhulu yilabo ababengakholwa, beshaywa ngabaningi babo.

33 Kodwa naphezu kwakho konke lokhu, nempela banika induduzo enkulu ebandleni, befakaza ngokholo lwabo, futhi bebanxusa ngokubekezela kanye nangokuhlupheka okukhulu ukuthi bagcine imiyalelo kaNkulunkulu.

34 Futhi abane babo akwakungamadodana kaMosiya; futhi amagama abo kwakungo-Amoni, no-Aroni, no-Omineri kanye noHimini; lawa kwakungamagama amadodana kaMosiya.

35 Futhi bahamba baliqeda lonke izwe lakwaZarahemla, futhi naphakathi kwabo bonke abantu ababengaphansi kokubuswa yinkosi uMosiya, ngokuzikhandla bezama ukulungisa konke ukonakala ababekwenzile ebandleni, bevuma zonke izono zabo, futhi bememezela zonke izinto ababezibonile, futhi bechaza iziphrofetho kanye nemibhalo engcwele kubo bonke ababenesifiso sokuzizwa.

36 Futhi ngalendlela baba ngabasetshenziswa nguNkulunkulu ekuletheni abaningi olwazini lweqiniso, yebo, olwazini loMkhululi wabo.

37 Futhi babusiswe kangakanani! Ngokuba nempela abakumemezela ukuthula; bazimemezela bizindaba ezimnandi zobuhle; futhi bamemezela ebantwini ukuthi iNkosi iyabusa.