ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 29


Isahluko 29

Ukuvela kweNcwadi kaMormoni kuwuphawu lokuthi iNkosi isiqalile ukuqoqa u-Israyeli kanye nokugcwalisa izivumelwano Zayo—Labo abenqaba izambulo Zayo zezinsuku zokugcina kanye nezipho bazoqalekiswa. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34 kuya kowama 35.

1 Manje bhekani, ngithi kini ngesikhathi iNkosi seyibona kufanele, ngokuhlakanipha kwayo, ukuthi lemibhalo ize kwabeZizwe njengokwezwi layo, ngaleso sikhathi anokwazi ukuthi isivumelwano uBaba asenza nabantwana bakwa-Israyeli, mayelana nokubuyiselwa kwabo emazweni angamafa abo, siyobe sesiqalile ukugcwaliseka.

2 Futhi anokwazi ukuthi amazwi eNkosi, akhulunywe ngabaphrofethi abangcwele, wonke ayofezeka; futhi akufanele nithi iNkosi ilibazisa ukuza kwayo kubantwana bakwa-Israyeli.

3 Futhi akufanele nicabange ezinhliziyweni zenu ukuthi amazwi akhulunyiwe ayize, ngokuba bhekani, iNkosi iyosikhumbula isivumelwano sayo esenze kubantu bayo bendlu ka-Israyeli.

4 Futhi ngesikhathi senizibona lezi zinto sezenzeka phakathi kwenu, ngaleso sikhathi ningabe nisazidelela neze izenzo zeNkosi, ngokuba inkemba yokulunga kwayo isesandleni sayo sokudla; futhi bhekani, ngalolo suku, uma niyozidelela izenzo zayo iyokwenza ukuthi ize kini ngokushesha.

5 Maye kulowo odelela izenzo zeNkosi; yebo, maye kulowo oyomphika uKristu kanye nemisebenzi yakhe!

6 Yebo, maye kulowo oyoziphika izambulo zeNkosi, futhi nalowo oyothi iNkosi ayisasebenzi ngezambulo, noma ngeziphrofetho, noma ngezipho, noma ngezilimi, noma ngokuphilisa, noma ngamandla kaMoya oNgcwele!

7 Yebo, futhi maye kulowo oyothi ngalolo suku, ukuze athole inzuzo, ngeke kusaba khona simangaliso esingenziwa nguJesu Kristu; ngokuba lowo owenza lokhu uyoba njenge ndodana yokulahlwa, engazange yenzelwe musa, ngokwezwi likaKristu!

8 Yebo, futhi akusafanele ukuthi nincimfe, noma nidelele, noma nenze ihlaya ngama Juda, noma nanganoma iyiphi insali yendlu ka-Israyeli; ngokuba bhekani, iNkosi iyasikhumbula isivumelwano sayo kubo, futhi iyokwenza kubo ngokwalokho eyayikufungile.

9 Ngakho-ke akufanele ukuthi nicabange ukuthi ningasiguqula isandla sokudla seNkosi nisenze esobunxele, ukuze ingakwazi ukwenza isahlulelo ekugcwaliseni isivumelwano eyasenza kuyo indlu ka-Israyeli.