ImiBhalo eNgcwele
3 Nefi 29


Isahluko 29

Ukuvela kweNcwadi kaMormoni kuwuphawu lokuthi iNkosi isiqalile ukuqoqa u-Israyeli kanye nokugcwalisa izivumelwano Zayo—Labo abenqaba izambulo Zayo zezinsuku zokugcina kanye nezipho bazoqalekiswa. Cishe ngonyaka weNkosi wama 34 kuya kowama 35.

1 Manje bhekani, ngithi kini ngesikhathi iNkosi seyibona kufanele, ngokuhlakanipha kwayo, ukuthi lemibhalo aize kwabeZizwe njengokwezwi layo, ngaleso sikhathi anokwazi ukuthi bisivumelwano uBaba asenza nabantwana bakwa-Israyeli, mayelana nokubuyiselwa kwabo emazweni angamafa abo, siyobe sesiqalile ukugcwaliseka.

2 Futhi anokwazi ukuthi amazwi eNkosi, akhulunywe ngabaphrofethi abangcwele, wonke ayofezeka; futhi akufanele nithi iNkosi ailibazisa ukuza kwayo kubantwana bakwa-Israyeli.

3 Futhi akufanele nicabange ezinhliziyweni zenu ukuthi amazwi akhulunyiwe ayize, ngokuba bhekani, iNkosi iyosikhumbula isivumelwano sayo esenze kubantu bayo bendlu ka-Israyeli.

4 Futhi ngesikhathi senizibona lezi zinto sezenzeka phakathi kwenu, ngaleso sikhathi ningabe nisazidelela neze izenzo zeNkosi, ngokuba ainkemba byokulunga kwayo isesandleni sayo sokudla; futhi bhekani, ngalolo suku, uma niyozidelela izenzo zayo iyokwenza ukuthi ize kini ngokushesha.

5 aMaye kulowo bodelela izenzo zeNkosi; yebo, maye kulowo coyomphika uKristu kanye nemisebenzi yakhe!

6 Yebo, amaye kulowo oyoziphika izambulo zeNkosi, futhi nalowo oyothi iNkosi ayisasebenzi ngezambulo, noma ngeziphrofetho, noma bngezipho, noma ngezilimi, noma ngokuphilisa, noma ngamandla kaMoya oNgcwele!

7 Yebo, futhi maye kulowo oyothi ngalolo suku, ukuze athole ainzuzo, bngeke kusaba khona simangaliso esingenziwa nguJesu Kristu; ngokuba lowo owenza lokhu uyoba njenge cndodana yokulahlwa, engazange yenzelwe musa, ngokwezwi likaKristu!

8 Yebo, futhi akusafanele ukuthi anincimfe, noma bnidelele, noma nenze ihlaya ngama cJuda, noma nanganoma iyiphi insali yendlu ka-Israyeli; ngokuba bhekani, iNkosi iyasikhumbula isivumelwano sayo kubo, futhi iyokwenza kubo ngokwalokho eyayikufungile.

9 Ngakho-ke akufanele ukuthi nicabange ukuthi ningasiguqula isandla sokudla seNkosi nisenze esobunxele, ukuze ingakwazi ukwenza isahlulelo ekugcwaliseni isivumelwano eyasenza kuyo indlu ka-Israyeli.