ImiBhalo eNgcwele
Mose 5


Isahluko 5

(Juni–Oktoba ngo1830)

U-Adamu no-Eva bazala abantwana—U-Adamu wenza umnikelo futhi usebenzela uNkulunkulu—UKayini no-Abela bayazalwa—UKayini uyahlubuka, uthanda uSathane ngaphezu kukaNkulunkulu, futhi uba wukuLahlwa—Ukubulala nobubi kuyanda—Ivangeli liyashunyayelwa kusuka ekuqaleni.

1 Futhi kwenzeka emuva kokuba mina, iNkosi uNkulunkulu, sengibaxoshile, u-Adamu waqala walima umhlabathi, futhi awabusa phezu kwazo zonke izilwane zasendle, futhi wadla isinkwa sakhe ngesithukuthuku sesiphongo sakhe, njengoba mina iNkosi ngangimyalile. Futhi u-Eva, naye, umfazi wakhe, wasebenza naye.

2 Futhi u-Adamu wamazi umfazi wakhe, futhi awamzalela amadodana bnamadodakazi, futhi baqala cbanda futhi bagcwalisa umhlaba.

3 Futhi kusuka ngaleso sikhathi, amadodana anamadodakazi ka-Adamu aqala ukuhlukana ngababili ezweni, futhi balima izwe, futhi bafuya imihlambi, nabo bazala amadodana namadodakazi.

4 Futhi u-Adamu no-Eva, umfazi wakhe, babiza igama leNkosi, futhi bezwa izwi leNkosi liphuma endleleni eya ngaseNsimini yase-aEdene, likhuluma nabo, futhi bangayibona; ngokuba base bbehlukanisiwe nayo.

5 Futhi wabanika imiyalelo, yokuthi kufanele abakhonze iNkosi uNkulunkulu wabo, futhi nokuthi kufanele banikele bngamazibulo emihlambi yabo, ukuze kube ngumnikelo kuNkulunkulu. Futhi u-Adamu wayi cthobela imiyalelo yeNkosi.

6 Futhi emuva kwezinsuku eziningi aingelosi yeNkosi yavela ku-Adamu, ithi: Unikelelani biminikelo eNkosini na? Futhi u-Adamu wathi kuye: Angazi, ngaphandle kokuthi iNkosi ingiyalile.

7 Futhi ingelosi yakhuluma, ithi: Lokhu akufana no bmnikelo woZelwe Yedwa kaBaba, ogcwele cumusa neqiniso.

8 Ngalokho-ke, wokwenza konke okwenzayo aegameni leNdodana, futhi wo bphenduka cubize uNkulunkulu egameni leNdodana ingunaphakade.

9 Futhi ngalolosuku auMoya oNgcwele wehlela phezu kuka-Adamu, owafakaza ngoBaba neNdodana, uthi: Ngingo bZelwe Yedwa kaBaba kusuka ekuqaleni, kusuka namanje futhi naphakade, ukuthi njengoba cniwile ninga dhlengwa, futhi wonke umuntu, ngisho abaningi abayothanda.

10 Futhi ngalolo suku u-Adamu wambonga uNkulunkulu futhi wa agcwaliswa, futhi waqala bukuphrofetha ngokuphathelene nayo yonke imindeni yasemhlabeni, ethi: Libusisiwe igama likaNkulunkulu, ngokuba ngenxa yesiphambeko sami amehlo ami avulekile, futhi kulempilo ngiyoba cnokujabula, futhi ngizophinda denyameni ngimbone uNkulunkulu.

11 Futhi au-Eva, umfazi wakhe, wazizwa zonke lezi zinto futhi wajabula, ethi: Ukuba kwakungave kungenxa yesiphambeko sethu sasingeke siyithole binzalo, futhi sasingeke sazi okuhle nokubi, nenjabulo yokuhlengwa kwethu, nokuphila okuphakade uNkulunkulu akunika bonke abalalelayo.

12 Futhi u-Adamu no-Eva balibusisa igama likaNkulunkulu, futhi abazembula zonke izinto kumadodana abo nakumadodakazi abo.

13 Futhi auSathane weza phakathi kwabo, ethi: Nami futhi ngiyindodana kaNkulunkulu; futhi wabayala, ethi: Ningakukholwa; futhi bbangakukholwa, futhi cbamthanda uSathane ngaphezu kukaNkulunkulu. Futhi abantu baqala kusuka ngaleso sikhathi dukunaka inyama, ukuthokozisa imizwa, nokuba nobudeveli.

14 Futhi iNkosi uNkulunkulu yababiza abantu ngo aMoya oNgcwele yonke indawo futhi yabayala ukuthi baphenduke;

15 Futhi ngobuningi akwabakholwa yiNdodana, futhi bephenduka ezonweni zabo, kufanele bbasindiswe; futhi ngobuningi kwabangakholwa futhi bengaphenduki, kufanele cbabe ngaphansi kwamandla kaSathane; futhi lamazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu ngesimemezelo esiqinile; ngalokho-ke kufanele agcwaliseke.

16 Futhi u-Adamu no-Eva, umkakhe, abayekanga ukubiza uNkulunkulu. Futhi u-Adamu wamazi u-Eva umfazi wakhe, wakhulelwa wazala auKayini, futhi wathi: Ngifumene indoda eNkosini; ngalokho-ke akufanele iwenqabe amazwi ayo. Kodwa bheka, uKayini akalalelanga, ethi: Ingubani iNkosi ukuthi kufanele ngiyazi na?

17 Futhi waphinde wakhulelwa wazala umfowabo au-Abela. U-Abela bwalilalela izwi leNkosi. Futhi u-Abela wayengumalusi wezimvu, kodwa uKayini wayengumlimi womhlabathi.

18 Futhi uKayini awathanda kakhulu uSathane kuno Nkulunkulu. USathane wamyala, ethi: bLetha umnikelo eNkosini.

19 Ngokuhamba kwesikhathi kwenzeka ukuthi uKayini waletha isithelo zomhlabathi zaba umnikelo eNkosini.

20 Futhi u-Abela, naye waletha amazibulo emfuyo yakhe, futhi ezinonileyo zazo. Futhi iNkosi yanaka u-Abela, anomnikelo wakhe;

21 Kodwa kuKayini, anomnikelo wakhe, akawunakanga. Manje uSathane wayekwazi lokhu, futhi kwamthokozisa. Futhi uKayini wathukuthela kakhulu, nobuso bakhe banyukubala.

22 Futhi iNkosi yathi kuKayini: Uthukutheleleni na? Ubuso bakho bunyukubeleleni na?

23 Uma wenza kahle, uyo akwemukeleka. Futhi uma ungenzi kahle, isono silinde emnyango, futhi uSathane ufuna ukukuzuza; ngaphandle kokuba ulalele imiyalelo yami, ngizokunikela, futhi kuyoba kuwe njengokwezifiso zakhe. Futhi wena uzobusa phezu kwakhe;

24 Ngokuba kusuka ngalesi sikhathi uyoba ngubaba wamanga akhe; uyobizwa ngo akuLahlwa; ngokuba nawe wawukhona umhlaba ungakabi bikho.

25 Futhi kuyothiwa esikhathini esizayo—lezi azinengiso zatholwa kuKayini; ngokuba wasenqaba iseluleko esikhulu esasiphuma kuNkulunkulu; futhi lesi yisiqalekiso engiyosibeka phezu kwakho, ngaphandle uma uphenduka.

26 Futhi uKayini wathukuthela, futhi wangaphinde walilalela izwi leNkosi, noma lika-Abela, umfowabo, owayehamba ngokungcwele phambi kweNkosi.

27 Futhi u-Adamu nomfazi wakhe balila phambi kweNkosi, ngenxa kaKayini nabafowabo.

28 Futhi kwenzeka ukuthi uKayini wathatha enye yamadodakazi amfowabo wayenza umfazi wakhe, futhi abathanda uSathane kakhulu kuno Nkulunkulu.

29 Futhi uSathane wathi kuKayini: Funga kimi ngomqala wakho, uma ukuveza lokhu uyokufa; futhi fungisa abafowenu ngamakhanda abo, nangoNkulunkulu ophilayo, ukuthi ngeke bakuveze lokhu, ngokuba uma bekuveza, bayokufa nokufa; futhi lokhu ukuze uyihlo angakwazi; futhi ngalolusuku ngizomletha umfowenu u-Abela ezandleni zakho.

30 Futhi uSathane wafunga kuKayini ukuthi uyokwenza ngokwemiyalelo yakhe. Zonke lezi zinto zenziwa ngasese.

31 Futhi uKayini wathi: Ngempela nginguMahani, ingcweti yalemfihlo enkulu, yokuthi nginga abulala futhi ngizuze. Ngalokho-ke uKayini wabizwa nge bNgcweti uMahani, futhi waziqhayisa ngobubi bakhe.

32 Futhi uKayini waya yehlane, wakhuluma no-Abela, umfowabo. Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi besehlane, uKayini wamhlasela u-Abela, umfowabo, futhi wambulala.

33 Futhi uKayini awaziqhayisa ngalokho ayekwenzile, ethi: Sengikhululekile; impela imihlambi yomfowethu iwela ezandleni zami.

34 Futhi iNkosi yathi kuKayini: Uphi u-Abela, umfowenu na? Futhi wathi: Angazi. aNgabe ngingumvikeli womfowethu na?

35 Futhi iNkosi yathi: Wenzeni na? Izwi legazi lomfowenu liyakala kimi lisemhlabathini.

36 Manje uyoqalekiswa ngokuphathelene nomhlabathi ovule umlomo wawo ukwamukela igazi lomfowenu elivela esandleni sakho.

37 Uma ulima umhlabathi kusuka manje awusayikukunika ngamandla awo. Uyoba angumhambuma nozulane emhlabeni.

38 Futhi uKayini wathi eNkosini: USathane aungilingile ngenxa yemihlambi kamfowethu. Futhi ngaphinda ngathukuthela; ngokuba wawemukela umnikelo wakhe hhayi owami; isijeziso sami sikhulu kunokuba ngikwazi ukusithwala.

39 Bheka namuhla ungixoshile ebusweni beNkosi, futhi ebusweni bakho ngiyocashiswa; futhi ngiyoba ngumhambuma nozulane emhlabeni; futhi kuyokwenzeka, ukuthi ongitholayo uyongibulala, ngenxa yobubi bami obukhulu, ngokuba lezi zinto azifihliwe eNkosini.

40 Futhi mina iNkosi ngathi kuye: Noma ngubani okubulalayo, kuyophindiselwa kuye kasikhombisa. Futhi mina iNkosi ngabeka auphawu kuKayini, funa omtholayo ambulale.

41 Futhi uKayini wabe aesesuswa eduze neNkosi, futhi umfazi wakhe nabafowabo abaningi bahlala ezweni laseNodi, ngasempumalanga yase-Edene.

42 Futhi uKayini wamazi umfazi wakhe, futhi wakhulelwa wazala u-Enoke, futhi naye wazala amadodana namadodakazi amaningi. Futhi wakha idolobha, futhi waliqamba lelo adolobha ngegama lendodana yakhe u-Enoke.

43 Futhi ku-Enoke kwazalwa u-Irade, namanye amadodana namadodakazi. Futhi u-Irade wazala uMahujayele, namanye amadodana namadodakazi. Futhi uMahujayele wazala uMetushayele, namanye amadodana namadodakazi. Futhi uMetushayele wazala uLameka.

44 Futhi uLameka wazithathela abafazi ababili; igama lomunye lalingu-Ada, igama lomunye lalinguSila.

45 Futhi u-Ada wazala uJabale; waba nguyise walabo ababehlala ematendeni, futhi babefuya imfuyo; futhi igama lomfowabo lalinguJubale, yena waba nguyise wabo bonke ababephatha ihabhu nogubhu.

46 Futhi uSila, naye wazala uThubali-Kayini, owayengumfundisi wazo zonke izinto zethusi nezensimbi. Futhi udade wabo kaThubali-Kayini wayebizwa ngoNahama.

47 Futhi uLameka wathi kubafazi bakhe, u-Ada noSila: Yizwani izwi lami, nina bafazi baLameka, lalelani inkulumo yami; ngokuba ngibulale umuntu futhi kuyisilonda kimi.

48 Uma uKayini eyophindiselelwa kasikhombisa, impela uLameka kuyoba angamashumi ayisikhombisa nesikhombisa;

49 Ngokuba uLameka esengenile kuso aisivumelwano noSathane, ngendlela kaKayini, ngaso aba yiNgcweti uMahana, ingcweti yaleyo mfihlo enkulu eyanikwa uKayini nguSathane; futhi u-Irade, indodana ka-Enoke, eseyazile imfihlo yabo, waqala ukuyembula emadodaneni ka-Adamu;

50 Ngalokho-ke uLameka, ethukuthele, wambulala, hhayi njengoKayini, umfowabo u-Abela, ukuze azuze, kodwa wambulala ngenxa yesifungo.

51 Ngokuba, kusuka ngezinsuku zikaKayini, kwakuno azungu, futhi imisebenzi yabo yayingeyobumnyama, futhi wonke umuntu wayemazi umuntu wakubo.

52 Ngalokho-ke iNkosi yamqalekisa uLameka, nendlu yakhe, nabo bonke ababevumelene noSathane; ngokuba abayigcinanga imiyalelo kaNkulunkulu, futhi akumthokozisanga uNkulunkulu, futhi akabasebenzelanga, nemisebenzi yabo yayiyizinengiso, futhi yaqala yanda phakathi kwawo wonke aamadodana abantu. Futhi lolu zungu lwaba phakathi kwamadodana abantu.

53 Futhi phakathi kwamadodakazi abantu lezi zinto zazingakhulunywa, ngokuba uLameka wayekhulume ngale mfihlo kubafazi bakhe, futhi bamvukela, futhi bazimemezela kude lezi zinto, futhi babengenalo uzwelo.

54 Ngalokho-ke uLameka wadeleleka, futhi walahlwa, futhi wangeza phakathi kwamadodana abantu, funa afe.

55 Futhi ngalendlela imisebenzi yo abumnyama yaqala ukubusa phakathi kwawo wonke amadodana abantu.

56 Futhi uNkulunkulu wawuqalekisa umhlaba ngesiqalekiso esibuhlungu, futhi wayebathukuthelele ababi, wonke amadodana abantu ayewenzileyo;

57 Ngokuba babengafuni ukulilalela izwi lakhe, noma bakholwe yi aNdodana eZelwe Yodwa yakhe, ngisho lowo amemezela ukuthi kufanele eze maphakathi nesikhathi, owayelungiswe ngaphambi kokusekelwa komhlaba.

58 Futhi ngenxa yalokhu aiVangeli laqala ukushunyayelwa, kusuka ekuqaleni, limenyezelwa byizingelosi ezingcwele ezazithunywe zisuka phambi kukaNkulunkulu, nangezwi lakhe uqobo, nangesipho sika cMoya oNgcwele.

59 Futhi ngalendlela zonke izinto zaqiniswa ku-Adamu, ngesimiso esingcwele, neVangeli lashunyayelwa, nomyalelo wathunyelwa, ukuthi iVangeli kufanele libe semhlabeni, kuze kube sekupheleni kwawo; futhi kwaba njalo. Amen.