ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 5


Isahluko 5

AmaNefi azehlukanisa namaLamani, agcina umthetho kaMose, futhi akha ithempeli—Ngenxa yokungakholwa kwawo, amaLamani ayehlukaniswa neNkosi, ayaqalekiswa, futhi aba wuhlupho kumaNefi. Cishe ngonyaka wama 588 kuya kowama 570 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Bheka, kwenzeka ukuthi mina, Nefi, nempela ngakhala kakhulu eNkosini uNkulunkulu wami, ngenxa yentukuthelo yabafowethu.

2 Kepha bheka, intukuthelo yabo nempela yakhula ngokumelene nami, kangangokuthi nempela bafuna ukuyithatha impilo yami.

3 Yebo, nempela bavungama ngokumelene nami, bethi: Umfowethu omncane ucabanga ukubusa phezu kwethu; futhi sesibenezinkathazo eziningi ngenxa yakhe; ngalokho-ke, manje masimbulale, ukuze singabe sisaphinda sihlushwe ngenxa yamazwi akhe. Ngokuba bhekani, ngeke simvumele ukuthi abe wumbusi wethu; ngokuba kungokwethu, thina esingabafowabo abadala, ukuthi sibuse phezu kwalaba bantu.

4 Manje angizukuwabhala kulezi zingcwephe wonke amazwi abavungama ngawo ngokumelene nami. Kepha kuyanganelisa ukusho, ukuthi nempela bafuna ukuyithatha impilo yami.

5 Futhi kwenzeka ukuthi iNkosi yangixwayisa, ukuthi mina, Nefi, ngemuke kubo ngibalekele ehlane, kanye nabo bonke labo ababefuna ukuhamba nami.

6 Ngalokho-ke, kwenzeka ukuthi mina, Nefi, ngathatha umndeni wami, ngokunjalo noZoramu kanye nommndeni wakhe, noSamu, umfowethu omdala kanye nomndeni wakhe, kanye noJakobe benoJosefa, abafowethu abancane, ngokunjalo nodadewethu, kanye nabo bonke labo ababefuna ukuhamba nami. Futhi bonke labo ababefuna ukuhamba nami kwakuyilabo ababekholelwa ezexwayisweni kanye nasezambulweni zikaNkulunkulu; ngalokho-ke, nempela bawalalela amazwi ami.

7 Nempela sathatha amatende ethu kanye nazo zonke izinto esasingakwazi ukuzithatha, sahamba ehlane isikhathi esiyizinsuku eziningi. Emva kokuthi sesihambe isikhathi esiyizinsuku eziningi nempela sawagxumeka amatende ethu.

8 Abantu bami bafuna ukuthi siyibize indawo ngegama likaNefi; ngalokho-ke, nempela sayibiza ngoNefi.

9 Futhi bonke labo ababenami banquma ukuthi bazibize ngabantu baNefi.

10 Futhi nempela sazama ukuthi sigcine izahlulelo, nemithetho, kanye nemiyalelo yeNkosi kuzo zonke izinto, ngokomthetho kaMose.

11 Futhi iNkosi yayinathi; futhi saphumelela kakhulu; ngokuba sahlwanyela imbewu, futhi saphinda savuna kwaba yinala. Futhi saqala ukukhulisa imihlambi yezimvu, nemihlambi yezinkomo, kanye nezilwane ezinhlobonhlobo.

12 Futhi mina, Nefi, phezu kwalokho ngangiyilethile nemibhalo eyayiqoshwe ezingcwepheni zethusi; futhi ngokunjalo nebhola, noma ikhampasi, eyayilungiselwe ubaba ngesandla seNkosi, njengoba kubhaliwe.

13 Futhi kwenzeka ukuthi saqala ukuphumelela kakhulu, futhi sanda ezweni.

14 Futhi mina, Nefi, nempela ngayithatha inkemba kaLabani, futhi ngakha eziningi izinkemba ezinjengayo, ngokwesaba ukuthi hleze noma ngayiphi indlela abantu labo manje abase bebizwa ngamaLamani beze bazosihlasela futhi basibhubhise; ngokuba ngangiyazi inzondo yabo kithi kanye nakubantwana bami kanye nalabo ababebizwa ngabantu bami.

15 Futhi ngabafundisa abantu bami ukwakha izakhiwo, kanye nokusebenza ngalo lonke uhlobo lokhuni, nolwensimbi, nolwekhopa, nolwethusi, nolwensimbi, nolwegolide, nolwesiliva, kanye nolwezinsimbi ezixubene namatshe eziyigugu, ezaziziningi kakhulu.

16 Futhi mina, Nefi, nempela ngakha ithempeli; futhi ngalakha ngendlela yethempeli likaSolomoni ngaphandle nje kokuthi lalingakhiwanga ngezinto eziningi kakhulu eziyigugu; ngokuba lezo zazingenakutholakala kulelizwe, ngalokho-ke, lalingenakwakhiwa njenge thempeli likaSolomoni. Kepha indlela yokwakhiwa kwakunjengethempeli likaSolomoni; futhi ukwakhiwa kwalo kwakukuhle kakhulu.

17 Futhi kwenzeka ukuthi mina, Nefi, ngenza abantu bami ukuthi bakhuthale, nokuthi basebenze ngezabo izandla.

18 Futhi kwenzeka ukuthi bafuna ukuthi ngibe yinkosi yabo. Kepha mina, Nefi, ngangifisa ukuthi bangabi nayo inkosi; nokho, ngabenzela njengalokho okwakusemandleni ami.

19 Futhi bheka, amazwi eNkosi ayesegcwalisekile kubafowethu, eyawakhuluma mayelana nabo, okuthi ngiyokuba wumbusi wabo kanye nomfundisi wabo. Ngalokho-ke, ngaba nguye umbusi wabo kanye nomfundisi wabo, ngokwemiyalelo yeNkosi, kwaze kwaba yisikhathi lapho befuna ukuthatha impilo yami.

20 Ngalokho-ke, izwi leNkosi lagcwaliseka eyalikhuluma kimi; isho ukuthi: Kangangokuba bengenakuwalalela amazwi akho bayohlukaniswa neNkosi. Futhi bheka, bahlukaniswa nayo.

21 Futhi yenza ukuba isiqalekiso sehlele phezu kwabo, yebo, ngisho isiqalekiso esibuhlungu, ngenxa yobubi babo. Ngokuba bheka, babezenze lukhuni izinhliziyo zabo ngokumelene nayo, kangangokuthi base befana netshe eliqine kakhulu; ngalokho-ke, njengoba babe mhlophe, futhi bebukeka kahle kakhulu futhi bethandeka, ukuze bangabe besakwazi ukuyenga abantu bami iNkosi uNkulunkulu yenza ukuthi isikhumba sobumnyama sibe kubo.

22 Futhi yasho kanje iNkosi uNkulunkulu: Ngiyokwenza ukuthi banengeke kubantu bakho, ngaphandle kokuthi baphenduke ebubini babo.

23 Futhi iyoqalekiswa inzalo yakhe lowo ohlangana nenzalo yabo; ngokuba iyoqalekiswa ngisho nangesiqalekiso esifanayo. Futhi iNkosi yakukhuluma lokhu, futhi kwenzeka.

24 Futhi ngenxa yesiqalekiso sabo esasikubo nempela baba ngabantu abangamavila, abagcwele ukuganga kanye nobuqili, futhi nempela bafuna ehlane izilwane zasendle ezidliwayo.

25 Futhi iNkosi uNkulunkulu yathi kimi: Bayokuba wuhlupho kuyo inzalo yakho, ukuyiphehlela ukuthi ingikhumbule; futhi kangangoba ingenakungikhumbula, futhi ilalele amazwi ami, bayoyihlupha ngisho kuze kube sekubhujisweni.

26 Futhi kwenzeka ukuthi mina, Nefi, nempela ngangcwelisa uJakobe, kanye noJosefa, ukuze babe ngabaphristi kanye nabafundisi ezweni labantu bami.

27 Futhi kwenzeka ukuthi saphila ngendlela yokujabula.

28 Iminyaka engamashumi amathathu yabe isidlulile kusukela ngesikhathi sasuka eJerusalema.

29 Futhi mina, Nefi, ngangiyigcinile imibhalo ezingcwepheni zami, lezo engangizenzile, ngabantu bami kuze kube manje.

30 Futhi kwenzeka ukuthi iNkosi uNkulunkulu yathi kimi: Yenza ezinye izingcwephe; futhi uzoqopha eziningi izinto kuzo ezinhle emehlweni ami, ukuze bazuze abantu bakho.

31 Ngalokho-ke, mina, Nefi, ukulalela imiyalelo yeNkosi, ngahamba futhi ngazenza lezi zingcwephe engiqophe kuzo lezi zinto.

32 Futhi ngaqopha lokho okuthandekayo kuNkulunkulu. Futhi uma abantu bami bezithanda izinto zikaNkulunkulu bayoyithanda imibhalo eyenziwe ngokuqoshwa ekulezi zingcwephe.

33 Futhi uma abantu bami benesifiso sokwazi kabanzi ngenxenye ethize yomlando wabantu bami kufanele bacwaninge izingcwephe zami ezinye.

34 Futhi kuyanganelisa ukusho ukuthi iminyaka engamashumi amane yase idlulile, futhi sase sike saba nezimpi kanye nemibango nabafowethu.