ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 10


Isahluko 10

UJakobe uyachaza ukuthi amaJuda ayombethela uNkulunkulu wawo—Ayohlakazwa aze aqale ukukholwa Kuye—IMelika iyokuba yizwe lenkululeko lapho kungayikuba bikho nkosi eyobusa—Buyisanani noNkulunkulu futhi nizuze insindiso ngesihawu Sakhe. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje mina, Jakobe, ngikhuluma kini futhi, bafowethu abathandekayo, mayelana analeligatsha elilungileyo engikhulume ngalo.

2 Ngokuba bhekani, aizethembiso esizitholile ziyizethembiso ngokwasenyameni; ngalokho-ke, njengokuba kukhonjisiwe kimi ukuthi abaningi babantwana bethu bayobhubha enyameni ngenxa yokungakholwa, nokho, uNkulunkulu uyokuba nomusa kwabaningi; futhi abantwana bethu bayobuyiswa, ukuze beze kukho lokho okuyobanika ulwazi lweqiniso ngoMkhululi wabo.

3 Ngalokho-ke, njengokuba ngishilo kini, kufanele ukuthi uKristu—ngokuba ngobusuku bayizolo aingelosi ikhulumile kimi ukuthi leli kuyokuba yigama lakhe—buyofika phakathi kwamaJuda, phakathi kwalabo abayinxenye yomhlaba enobubi obukhulu; futhi cbayombethela—ngokuba ngalendlela kudingekile kuNkulunkulu wethu, futhi akukho nasinye esinye isizwe emhlabeni desiyobethela euNkulunkulu waso.

4 Ngokuba uma aizibonakaliso ezinkulu zenzeka phakathi kwezinye izizwe ziyophenduka, futhi zazi ukuthi unguNkulunkulu wazo.

5 Kepha ngenxa ayobuphristi-mbumbulu kanye nobubi obukhulu, abaseJerusalema bayoqinisa izintamo zabo ngokumelene naye, kangangoba uyobethelwa.

6 Ngalokho-ke, ngenxa yobubi babo, izimbubhiso, indlala, umashaya-bhuqe wezifo, kanye nokuchitheka kwegazi kuyoza kubo; futhi labo abangeyikubhujiswa abayohlakazwa phakathi kwazo zonke izizwe.

7 Kepha bheka, isho kanje aiNkosi uNkulunkulu: bUma usuku lufika lapho beyokholwa kimi, ukuthi nginguKristu, uma sekunjalo ngavumelana noyise ukuthi bayobuyiselwa enyameni, emhlabeni, kuwo amazwe angamafa abo.

8 Futhi kuyokwenzeka ukuthi abayoqoqwa kukho ukuhlakazeka kwabo kwesikhathi eside, kuzo biziqhingi zolwandle, kanye nakuwo amagumbi amane omhlaba; futhi izizwe zabeZizwe ziyoba zinkulu emehlweni ami, kusho uNkulunkulu, cekubathwaleni baye emazweni abo angamafa abo.

9 aYebo, amakhosi abeZizwe ayokuba ngoyise abondlayo, futhi nezindlovukazi zabo ziyokuba ngonina abancelisayo kubo; ngalokho-ke, bizethembiso zeNkosi zinkulu kubo abeZizwe, ngokuba ikukhulumile lokhu, futhi ngubani ongakuphikisa na?

10 Kepha bheka, lelizwe, kusho uNkulunkulu, liyokuba yizwe eliyifa lakho, futhi aabeZizwe bayobusiswa kulelizwe.

11 Futhi lelizwe liyokuba yizwe alenkululeko kubo abeZizwe, futhi akuyikuba-bikho bmakhosi kulelizwe, ayokhuliswa kubo abeZizwe.

12 Futhi ngiyoliqinisa lelizwe ngokumelene nazo zonke ezinye izizwe.

13 Futhi lowo aolwa neSiyoni buyoshabalala, kusho uNkulunkulu.

14 Ngokuba lowo oyokhulisa inkosi ngokuphikisana nami uyoshabalala, ngokuba mina, Nkosi, ainkosi yezulu, ngiyokuba yinkosi yabo, futhi ngiyokuba bngukukhanya kubo ingunaphakade, labo abezwa amazwi ami.

15 Ngalokho-ke, ngalesi sizathu, ukuze aizivumelwano zami zigcwaliseke engazenza kubo abantwana babantu, ukuthi ngiyozenza kubo ngesikhathi besesenyameni, kufanele ngibhubhise imisebenzi befihlakeleyo cyobumnyama, kanye neyababulali, kanye neyezinengiso.

16 Ngalokho-ke, lowo olwa aneSiyoni, iJuda kanye noweZizwe, oboshiwe kanye nokhululekile, owesilisa kanye nowesifazane, uyoshabalala; ngokuba byibo labo abayisifebe somhlaba wonke; ngokuba clabo dokungesibo abami ebamelene nami kusho uNkulunkulu wethu.

17 Ngokuba angiyozigcwalisa izethembiso zami engazenza kubo abantwana babantu, zokuthi ngiyozenza kubo ngesikhathi besesenyameni—

18 Ngalokho-ke, bafowethu abathandekayo, usho kanje uNkulunkulu wethu: ngiyoyihlupha inzalo yakho ngesandla sabeZizwe; nokho, ngiyozithambisa izinhliziyo azabeZizwe, ukuze babe njengoyise kuyo; ngalokho-ke, abeZizwe bbayobusiswa futhi cbabalwe nendlu ka-Israyeli.

19 Ngalokho-ke, angiyolingcwelisa lelizwe kuyo inzalo yakho, kanye nalabo abayobalwa nenzalo yakho, ingunaphakade, kube yizwe eliyifa labo; ngokuba liyizwe elikhethiweyo, kusho uNkulunkulu kimi, ngaphezu kwawo wonke amanye amazwe, ngalokho-ke ngiyokwenza bonke abantu abahlala kulo ukuthi bangikhonze, kusho uNkulunkulu.

20 Manje, bafowethu abathandekayo, ngokubona ukuthi uNkulunkulu wethu onomusa usinikile ulwazi olukhulu kakhulu mayelana nalezi zinto, masimkhumbule, futhi sibeke eceleni izono zethu, singawalengisi amakhanda ethu, ngokuba asilahlwanga; nokho, asibalekisiwe sakhishwa ezweni eliyifa lethu; kepha siholelwe ezweni belingcono, ngokuba iNkosi yenze ulwandle lwaba cyindlela yethu, futhi siphezu dkwesiqhingi solwandle.

21 Kepha zinkulu izethembiso zeNkosi kulabo aabaseziqhingini zolwandle; ngalokho-ke njengoba kuthiwa yiziqhingi, kufanele ukuthi kukhona ezingaphezulu kwalesi, futhi nazo ngokunjalo zigcwaliswe ngabafowethu.

22 Ngokuba bhekani, iNkosi uNkulunkulu aibaholele kude izikhathi ngezikhathi indlu ka-Israyeli, ngokwentando nangokwesifiso sayo. Manje bhekani, iNkosi iyabakhumbula bonke labo abahleshuliwe, ngalokho-ke iyasikhumbula sonke nathi.

23 Ngalokho-ke, thokozani ezinhliziyweni zenu, futhi nikhumbule ukuthi anikhululekile bukuzenzela ngokwenu—cukukhetha indlela yokufa okuphakade noma indlela yokuphila okuphakade.

24 Ngalokho-ke, bafowethu abathandekayo, buyisanani nentando kaNkulunkulu, futhi hhayi nentando kadeveli kanye neyenyama; nikhumbule, emva kokuthi senibuyisene noNkulunkulu, ukuthi kukuso futhi kungaso aisihawu sikaNkulunkulu kuphela ukuthi bniyasindisiwa.

25 Ngalokho-ke, sengathi uNkulunkulu anganivusa ekufeni ngamandla ovuko, futhi ngokunjalo nakukho ukufa okuphakade ngamandla aenhlawulo, ukuze namukelwe embusweni ophakade kaNkulunkulu, ukuze nimdumise ngesihawu sikaNkulunkulu. Amen.