ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 31


Isahluko 31

UNefi uchaza ukuthi kungani uKristu abhabhadiswa—Abantu kufanele balandele uKristu, babhabhadiswe, bemukele uMoya oyiNgcwele, futhi babekezele kuze kube sekugcineni ukuze basindiswe—Ukuphenduka kanye nombhabhadiso kuyisango eliya endleleni engumngcingo nencane—Ukuphila okuphakade kuza kulabo abagcina imiyalelo emva kombhabhadiso. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje mina, Nefi, ngenza isiphetho sokuprofetha kwami kini, bafowethu abathandekayo. Futhi ngeke ngisabhala ngaphandle kwezinto ezimbalwa nje, engaziyo ukuthi kufanele nakanjani zenzeke; futhi ngeke ngisabhala ngaphandle kwamagama ambalwa omfowethu uJakobe.

2 Ngalokho-ke, izinto engizibhalile ziyanganelisa, ngaphandle nje kwamazwi ambalwa okufanele ngiwakhulume mayelana nemfundiso kaKristu; ngalokho-ke, ngizokhuluma kini ngokusobala, ngokusobala kokuphrofetha kwami.

3 Ngokuba umphefumulo wami uyathokoza ngokusobala; ngokuba iNkosi uNkulunkulu isebenza ngalendlela phakathi kwabantwana babantu. Ngokuba iNkosi uNkulunkulu inika ukukhanya kwabanokuqonda; ngokuba ikhuluma kubantu ngokolimi lwabo, ngokuqonda kwabo.

4 Ngalokho-ke, ngifuna ukuthi nikhumbule ukuthi ngikhulumile kini ngokuphathelene nalowo mphrofethi lowo iNkosi eyangikhombisa yena, oyobhabhadisa iMvana kaNkulunkulu, eyosusa izono zomhlaba.

5 Manje, uma iMvana kaNkulunkulu, yona ingcwele, inesidingo sokubhabhadiswa ngamanzi, ukugcwalisa konke ukulunga, O pho, sikhulu kangakanani isidingo sethu, sibe singekho ngcwele, sokuthi sibhabhadiswe, yebo, ngisho nangamanzi!

6 Manje, ngizonibuza, bafowethu abathandekayo, ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi iMvana kaNkulunkulu igcwalise konke ukulunga ngokubhabhadiswa ngamanzi na?

7 Anazi yini ukuthi yayingcwele na? Kepha naphezu kokuthi ingcwele, yakhombisa kubantwana babantu ukuthi, ngokwasenyameni iyazithoba phambi kukaBaba, futhi iyafakaza kuBaba ukuthi iyomlalela ekugcineni imiyalelo yakhe.

8 Ngalokho-ke, emva kokuba seyibhabhadiswe ngamanzi uMoya oyiNgcwele wehlela phezu kwayo unjengesimo sejuba.

9 Futhi phezu kwalokho, kukhombisa kubantwana babantu ukuba ngumncingo kwendlela, kanye nobuncane besango, okufanele bangene ngalo, yona isisenzile isibonelo phambi kwabo.

10 Futhi yathi kubantwana babantu: Ngilandeleni. Ngalokho-ke, bafowethu abathandekayo, singamlandela yini uJesu ngaphandle kokuthi sizimisele ukuthi sigcine imiyalelo kaBaba na?

11 Futhi uBaba wathi: Phendukani, phendukani, futhi nibhabhadiswe egameni leNdodana yami eThandekayo.

12 Futhi phezu kwalokho, izwi leNdodana lafika kimi, lithi: Lowo obhabhadiswe egameni lami, uBaba uyomnika uMoya oyiNgcwele, njengami; ngalokho-ke, ngilandeleni, futhi nenze izinto enibone ngizenza.

13 Ngalokho-ke, bafowethu abathandekayo, ngiyazi ukuthi uma niyolandela iNdodana, ngenhloso egcwele enhliziyweni, ningabi nakuzenzisa kanye nankohliso phambi kukaNkulunkulu, kepha ngenhloso yangempela, niphenduka ezonweni zenu, nifakaza kuBaba ukuthi nizimisele ukubizwa ngegama likaKristu, ngombhabhadiso—yebo, ngokulandela iNkosi yenu kanye nomSindisi wenu nehlele phansi emanzini, njengokwezwi lakhe, bhekani, emva kwalokho niyophiwa uMoya oyiNgcwele; yebo, emva kwalokho kuza umbhabhadiso womlilo kanye nokaMoya oyiNgcwele; futhi ngaleso sikhathi ningakhuluma ngolimi lwezingelosi, futhi nimemeze indumiso koNgcwele ka-Israyeli.

14 Kepha, bhekani, bafowethu abathandekayo, njengoba lamagama alandelayo ekhombisa kweza izwi leNdodana kimi, lithi: Emva kokuba seniphendukile ezonweni zenu, nafakaza kuBaba ukuthi nizimisele ukugcina imiyalelo yami, ngombhabhadiso wamanzi, futhi nezwa umbhabhadiso womlilo kanye nokaMoya oyiNgcwele, futhi senikwazi ukukhuluma ngolimi olusha, yebo, ngisho nangolimi lwezingelosi, futhi emva kwalokhu ningiphike, bekuyoba ngcono kini ukuthi beningangazanga.

15 Futhi ngezwa izwi livela kuBaba, lithi: Yebo, amazwi oThandekayo wami ayiqiniso futhi athembekile. Lowo oyobekezela kuze kube sekugcineni, yilowo kanye oyosindiswa.

16 Manje, bafowethu abathandekayo, ngiyazi ngalokhu ukuthi ngaphandle kokuthi umuntu abekezele kuze kube sekugcineni, ngokulandela isibonelo seNdodana kaNkulunkulu ophilayo, akanakusindiswa.

17 Ngalokho-ke, yenzani lezo zinto enginitshele zona ukuthi ngizibonile ukuthi iNkosi yenu kanye noMkhululi wenu uyozenza; ngokuba, ngalesi sizathu zibonisiwe kimi, ukuze nilazi isango okufanele ningene ngalo. Ngokuba isango okufanele ningene ngalo ngukuphenduka kanye nokubhabhadiswa ngamanzi; bese kuza ukuthethelelwa kwezono zenu ngomlilo kanye nangoMoya oyiNgcwele.

18 Futhi ngaleso sikhathi senikulendlela engumngcingo nencane eholela ekuphileni okuphakade; yebo, seningene ngesango; senenze njengokwemiyalo kaBaba kanye neNdodana; futhi senamukele uMoya oyiNgcwele, ofakaza ngoBaba kanye neNdodana, ekugcwaliseni isethembiso asenzile, sokuthi uma ningena ngendlela niyosithola.

19 Manje, bafowethu abathandekayo, emva kokuthi seningene kulendlela engumngcingo futhi nencane, ngizonibuza ukuthi ngabe konke sekwenziwe na? Bhekani, ngithi kini, Cha; ngokuba beningenakufika kude kangaka ngaphandle kokuthi kungezwi likaKristu nokukholwa kuye okungenakunyakaziswa, nethembela ngokugcwele kuzo izenzo zakhe ezinhle lowo onamandla okusindisa.

20 Ngalokho-ke, kufanele niphikelele ngokwethembeka kuKristu, ninethemba elimsulwa elipheleleyo, kanye nothando lukaNkulunkulu kanye nolwabantu bonke. Ngalokho-ke, uma niyophikelela, nizitike ngezwi likaKristu, futhi nibekezele kuze kube sekugcineni, bhekani, usho kanje uBaba: Niyoba nokuphila okuphakade.

21 Manje, bhekani, bafowethu abathandekayo, yiyo lena yindlela; futhi akukho nayinye enye indlela noma igama elinikwe ngaphansi kwezulu umuntu angasindiswa ngalo embusweni kaNkulunkulu. Manje, bhekani, lokhu yimfundiso kaKristu, futhi yiyona mfundiso kuphela eyiqiniso kaBaba, kanye neyeNdodana, kanye nekaMoya oyiNgcwele, okunguNkulunkulu munye, ongenasiphelo. Amen.