ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 31


Isahluko 31

UNefi uchaza ukuthi kungani uKristu abhabhadiswa—Abantu kufanele balandele uKristu, babhabhadiswe, bemukele uMoya oyiNgcwele, futhi babekezele kuze kube sekugcineni ukuze basindiswe—Ukuphenduka kanye nombhabhadiso kuyisango eliya endleleni engumngcingo nencane—Ukuphila okuphakade kuza kulabo abagcina imiyalelo emva kombhabhadiso. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Manje mina, Nefi, ngenza isiphetho asokuprofetha kwami kini, bafowethu abathandekayo. Futhi ngeke ngisabhala ngaphandle kwezinto ezimbalwa nje, engaziyo ukuthi kufanele nakanjani zenzeke; futhi ngeke ngisabhala ngaphandle kwamagama ambalwa omfowethu uJakobe.

2 Ngalokho-ke, izinto engizibhalile ziyanganelisa, ngaphandle nje kwamazwi ambalwa okufanele ngiwakhulume mayelana anemfundiso kaKristu; ngalokho-ke, ngizokhuluma kini ngokusobala, ngokusobala kokuphrofetha kwami.

3 Ngokuba umphefumulo wami uyathokoza ngokusobala; ngokuba iNkosi uNkulunkulu isebenza ngalendlela phakathi kwabantwana babantu. Ngokuba iNkosi uNkulunkulu inika aukukhanya kwabanokuqonda; ngokuba ikhuluma kubantu bngokolimi lwabo, ngokuqonda kwabo.

4 Ngalokho-ke, ngifuna ukuthi nikhumbule ukuthi ngikhulumile kini ngokuphathelene nalowo amphrofethi lowo iNkosi eyangikhombisa yena, oyobhabhadisa biMvana kaNkulunkulu, eyosusa izono zomhlaba.

5 Manje, uma iMvana kaNkulunkulu, yona ingcwele, inesidingo asokubhabhadiswa ngamanzi, ukugcwalisa konke ukulunga, O pho, sikhulu kangakanani isidingo sethu, sibe singekho ngcwele, sokuthi sibhabhadiswe, yebo, ngisho nangamanzi!

6 Manje, ngizonibuza, bafowethu abathandekayo, ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi iMvana kaNkulunkulu igcwalise konke ukulunga ngokubhabhadiswa ngamanzi na?

7 Anazi yini ukuthi yayingcwele na? Kepha naphezu kokuthi ingcwele, yakhombisa kubantwana babantu ukuthi, ngokwasenyameni iyazithoba phambi kukaBaba, futhi iyafakaza kuBaba ukuthi aiyomlalela ekugcineni imiyalelo yakhe.

8 Ngalokho-ke, emva kokuba seyibhabhadiswe ngamanzi uMoya oyiNgcwele wehlela phezu kwayo aunjengesimo bsejuba.

9 Futhi phezu kwalokho, kukhombisa kubantwana babantu ukuba ngumncingo kwendlela, kanye nobuncane abesango, okufanele bangene ngalo, yona isisenzile isibonelo phambi kwabo.

10 Futhi yathi kubantwana babantu: aNgilandeleni. Ngalokho-ke, bafowethu abathandekayo, bsingamlandela yini uJesu ngaphandle kokuthi sizimisele ukuthi sigcine imiyalelo kaBaba na?

11 Futhi uBaba wathi: Phendukani, phendukani, futhi nibhabhadiswe egameni leNdodana yami eThandekayo.

12 Futhi phezu kwalokho, izwi leNdodana lafika kimi, lithi: Lowo obhabhadiswe egameni lami, uBaba auyomnika uMoya oyiNgcwele, njengami; ngalokho-ke, bngilandeleni, futhi nenze izinto enibone ngizenza.

13 Ngalokho-ke, bafowethu abathandekayo, ngiyazi ukuthi uma niyolandela iNdodana, ngenhloso egcwele enhliziyweni, ningabi nakuzenzisa kanye nankohliso phambi kukaNkulunkulu, kepha ngenhloso yangempela, niphenduka ezonweni zenu, nifakaza kuBaba ukuthi nizimisele ukubizwa ngegama likaKristu, angombhabhadiso—yebo, ngokulandela iNkosi yenu kanye nomSindisi wenu nehlele phansi emanzini, njengokwezwi lakhe, bhekani, emva kwalokho niyophiwa uMoya oyiNgcwele; yebo, emva kwalokho kuza bumbhabhadiso womlilo kanye nokaMoya oyiNgcwele; futhi ngaleso sikhathi ningakhuluma cngolimi lwezingelosi, futhi nimemeze indumiso koNgcwele ka-Israyeli.

14 Kepha, bhekani, bafowethu abathandekayo, njengoba lamagama alandelayo ekhombisa kweza izwi leNdodana kimi, lithi: Emva kokuba seniphendukile ezonweni zenu, nafakaza kuBaba ukuthi nizimisele ukugcina imiyalelo yami, ngombhabhadiso wamanzi, futhi nezwa umbhabhadiso womlilo kanye nokaMoya oyiNgcwele, futhi senikwazi ukukhuluma ngolimi olusha, yebo, ngisho nangolimi lwezingelosi, futhi emva kwalokhu aningiphike, bekuyoba bngcono kini ukuthi beningangazanga.

15 Futhi ngezwa izwi livela kuBaba, lithi: Yebo, amazwi oThandekayo wami ayiqiniso futhi athembekile. Lowo oyobekezela kuze kube sekugcineni, yilowo kanye oyosindiswa.

16 Manje, bafowethu abathandekayo, ngiyazi ngalokhu ukuthi ngaphandle kokuthi umuntu aabekezele kuze kube sekugcineni, ngokulandela bisibonelo seNdodana kaNkulunkulu ophilayo, akanakusindiswa.

17 Ngalokho-ke, yenzani lezo zinto enginitshele zona ukuthi ngizibonile ukuthi iNkosi yenu kanye noMkhululi wenu uyozenza; ngokuba, ngalesi sizathu zibonisiwe kimi, ukuze nilazi isango okufanele ningene ngalo. Ngokuba isango okufanele ningene ngalo ngukuphenduka kanye anokubhabhadiswa ngamanzi; bese kuza bukuthethelelwa kwezono zenu ngomlilo kanye nangoMoya oyiNgcwele.

18 Futhi ngaleso sikhathi asenikulendlela bengumngcingo nencane eholela ekuphileni okuphakade; yebo, seningene ngesango; senenze njengokwemiyalo kaBaba kanye neNdodana; futhi senamukele uMoya oyiNgcwele, cofakaza ngoBaba kanye neNdodana, ekugcwaliseni isethembiso asenzile, sokuthi uma ningena ngendlela niyosithola.

19 Manje, bafowethu abathandekayo, emva kokuthi seningene kulendlela engumngcingo futhi nencane, ngizonibuza ukuthi ngabe konke asekwenziwe na? Bhekani, ngithi kini, Cha; ngokuba beningenakufika kude kangaka ngaphandle kokuthi kungezwi likaKristu bnokukholwa kuye okungenakunyakaziswa, cnethembela ngokugcwele kuzo izenzo zakhe ezinhle lowo onamandla okusindisa.

20 Ngalokho-ke, kufanele aniphikelele ngokwethembeka kuKristu, bninethemba elimsulwa elipheleleyo, kanye cnothando lukaNkulunkulu kanye nolwabantu bonke. Ngalokho-ke, uma niyophikelela, nizitike ngezwi likaKristu, futhi dnibekezele kuze kube sekugcineni, bhekani, usho kanje uBaba: Niyoba nokuphila okuphakade.

21 Manje, bhekani, bafowethu abathandekayo, yiyo lena ayindlela; futhi akukho bnayinye enye indlela noma cigama elinikwe ngaphansi kwezulu umuntu angasindiswa ngalo embusweni kaNkulunkulu. Manje, bhekani, lokhu dyimfundiso kaKristu, futhi yiyona mfundiso kuphela eyiqiniso ekaBaba, kanye neyeNdodana, kanye nekaMoya oyiNgcwele, fokunguNkulunkulu munye, ongenasiphelo. Amen.