ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 18


Isahluko 18

UKristu uzokuba njengetshe lesikhubekiso kanye nedwala lesinengiso—Funani iNkosi, hhayi abathakathi abalunguzayo—Phendukelani emthethweni kanye nasebufakazini ukuze nithole ukuqondiswa—Qhathanisa no-Isaya 8. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Phezu kwalokho, izwi leNkosi lathi kimi: Thatha umqulu omkhulu, futhi ubhale kuwo ngosiba lomuntu, mayelana anoMahere-shalali-hashi-bazi.

2 Futhi ngathatha aofakazi abathembekile ukuthi babhale, u-Uriya umphristi, kanye noZakariya indodana kaJeberekiya.

3 Futhi ngaya akumphrofethikazi; futhi wakhulelwa wazala indodana. Emva kwalokho yathi iNkosi kimi: Qamba igama layo ngokuthi, uMahere-shalali-hashi-bazi.

4 Ngokuba bheka, aumntwana bakayikukwazi ukukhala athi, Baba, mama, ngaphambi kokuba ingcebo yaseDamaseku cnempango yaseSamariya isuswe ngaphambi kweNkosi yase-Asiriya.

5 INkosi yaphinde yakhuluma kimi futhi, ithi:

6 Kangangokuba laba bantu benqabe amanzi aaseShilowa ahamba kancane, futhi bethokoza bngoResini kanye nendodana kaRemaliya;

7 Ngalokho-ke manje, bheka, iNkosi iletha akubo amanzi omfula, anamandla futhi amaningi, ngisho neNkosi yase-Asiriya kanye nenkazimulo yayo yonke; futhi iyokuza ikhuphukele kuyo yonke imigudu yayo, futhi yeqe kulo lonke usebe lwayo.

8 Futhi aiyodlula kwaJuda; iyogcwala ichichime futhi ikhukhule, iyofinyelela ngisho nasentanyeni; futhi ukuvuleka kwamaphiko ayo kuyogcwalisa ububanzi bezwe lakho, O bImanuweli.

9 Zihlanganiseni, O nina bantu, futhi niyohleshulwa nibe yizicucu; futhi yiphani indlebe nonke nina mazwe akude; zibopheni, futhi niyohleshulwa nibe yizicucu; zibopheni, futhi niyohleshulwa nibe yizicucu.

10 Yenzani isigungu ngokuhlanganyela, futhi kuyoba yize; khulumani izwi, futhi aliyikuma; angokuba uNkulunkulu unathi.

11 Ngokuba iNkosi yakhuluma kanje kimi ngesandla esinamandla, futhi yangiyala ukuthi ngingahambi ngendlela yalaba bantu, ithi:

12 Ningasho ukuthi, aKuyisivumelwano, kubo bonke labo bantu abayokuthi, Kuyisivumelwano; futhi ningakwesabi abakwesabayo, noma nibe novalo.

13 Yingcweliseni iNkosi yamaBandla uqobo lwayo, futhi ayenzeni ibe wukwesaba kwenu, futhi yenzeni ibe wukwesaba kwenu okukhulu.

14 Futhi iyokuba ayisiphephelo; kepha iyokuba byitshe lesikhubekiso, futhi ibe yidwala lesinengiso kuzo zombili izindlu zakwa-Israyeli, ngokuba iyokuba wugibe kanye nesihibe kwabakhile eJerusalema.

15 Futhi abaningi phakathi kwabo abayokhubeka bawe, futhi bephuke, bacushwe, futhi bathathwe.

16 Qinisekisa ubufakazi, uwunamathisele aumthetho phakathi kwabafundi bami.

17 Futhi ngizoyilinda iNkosi, aefihle ubuso bayo kuyo indlu kaJakobe, futhi ngizoyilindela.

18 Bheka, mina kanye nabantwana iNkosi enginike bona asingabezibonakaliso kanye nezimangaliso kwa-Israyeli ezivela eNkosini yamaBandla, ehlala eNtabeni yaseSiyoni.

19 Futhi lapho beyothi kini: Funani akwabanamadlozi, kanye bnakubathakathi abashaya imilozi futhi babubule—cakufanele yini abantu bafune kuNkulunkulu wabo kunokuba abaphilayo bezwe dngabafileyo na?

20 Kuwo umthetho kanye nakubo ubufakazi; futhi uma abengakhulumi ngokwalelizwi, kungenxa yokuthi akukho ukukhanya kubo.

21 Futhi abayodlula ezinhluphekweni behaqwe kalukhuni futhi belambile; futhi kuyokwenzeka ukuthi uma sebelambile, bayozicanukela bona, futhi bayiqalekise inkosi yabo kanye noNkulunkulu wabo, futhi babheke phezulu.

22 Futhi bayobheka emhlabeni futhi babone ukukhathazeka, kanye nobumnyama, nokufiphala ngenxa yosizi, futhi bayophushelwa ebumnyameni.