ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 17


Isahluko 17

U-Efrayimi kanye neSiriya balwa noJuda—UKristu uzozalwa yintombi—Qhathanisa no-Isaya 7. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ukuthi ezinsukwini zika-Ahazi indodana kaJothamu, indodana ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uResini, inkosi yaseSiriya, kanye noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bahamba bakhuphukela ngaseJerusalema ukuyolwa nayo, kepha abakwazanga ukuyinqoba.

2 Futhi kwatshelwa indlu kaDavide, ukuthi: ISiriya ihlanganyela no-Efrayimi. Futhi inhliziyo yakhe yathuthumela, kanye nenhliziyo yabantu bakhe, njengemithi yasehlathini inyakazizwa wumoya.

3 Emva kwalokho yathi iNkosi ku-Isaya: Hamba manje uhlangabeze u-Ahazi, wena kanye noSharayi-Jashubi indodana yakho, ekugcineni komsele wechibi elingenhla komgwaqo omkhulu ensimini yomhlanzi;

4 Futhi uthi kuye: Qaphela, futhi uthule; ungesabi, noma inhliziyo yakho idangale ngenxa yemisila emibili yalezi zikhuni ezishunqayo, ngokuvutha ngolaka kukaResini neSiriya, kanye nokwendodana kaRemaliya.

5 Ngenxa yokuthi iSiriya, u-Efrayimi, kanye nendodana kaRemaliya bacebisane ngobubi ngawe, bethi:

6 Masikhuphuke siyobhekana noJuda futhi simkhathaze, masizinqobele yena, futhi sibeke inkosi phakathi kwakhe, yebo, indodana kaThabeyeli.

7 Isho kanje iNkosi uNkulunkulu: Akuyikuma, noma kwenzeke.

8 Ngokuba inhloko yeSiriya yiDamaseku, futhi inhloko yeDamaseku, nguResini; futhi phakathi kweminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu u-Efrayimi uyohlakazwa ukuze angabe esaba nabantu.

9 Futhi inhloko ka-Efrayimi yiSamariya, futhi inhloko yeSamariya yindodana kaRemaliya. Uma ningenakukholwa ngempela aniyikumiswa.

10 Phezu kwalokho, iNkosi yakhuluma futhi ku-Ahazi, ithi:

11 Cela isibonakaliso eNkosini uNkulunkulu wakho; sicele noma ekujuleni, noma ekuphakameni kwaphezulu.

12 Kepha u-Ahazi wathi: Angiyikusicela, futhi angiyikuyilinga iNkosi.

13 Futhi wathi: Yizwa manje, O ndlu kaDavide; ngabe kuyinto encane yini kuwe ukukhathaza abantu, kepha ungamkhathaza yini naye uNkulunkulu futhi na?

14 Ngakho-ke, iNkosi uqobo lwayo iyokunika isibonakaliso—Bheka, intombi iyokhulelwa, futhi iyozala indodana, futhi iyobiza igama layo ngokuthi ngu-Imanuweli.

15 Iyokudla ibhotela kanye noju, ukuze ikwazi ukwala okubi futhi ikhethe okuhle.

16 Ngokuba ngaphambi kokuthi umntwana akwazi ukwala okubi futhi akhethe okuhle, lelizwe elinengekayo liyobe selishiywe yiwo womabili amakhosi alo.

17 INkosi iyoletha phezu kwakho, naphezu kwabantu bakho, naphezu kwendlu kayihlo, izinsuku ezingafikanga kusukela ngosuku u-Efrayimi emuka ngalo kwaJuda, inkosi yase-Asiriya.

18 Futhi kuyokwenzeka ukuthi ngalolo suku iNkosi iyohlabela izimpukane ikhwela enxenyeni yokugcina yeGibithe, kanye nenyosi esezweni lase-Asiriya.

19 Futhi ziyokuza, futhi ziyophumula zonke ezigodini ezichithiweyo, nasemifantwini yamadwala, naphezu kwawo wonke ameva, naphezu kwazo zonke izihlahla.

20 Ngalo lolo suku iNkosi iyophuca ngensingo eqashiwe, ngabo abaphesheya komfula, yinkosi yase-Asiriya, ikhanda, kanye nonwele lwezinyawo; futhi phezu kwalokho iyoyiqeda nentshebe.

21 Futhi kuyokwenzeka ukuthi ngalolo suku, umuntu uyokondla isithole kanye nezimvu ezimbili;

22 Futhi kuyokwenzeka, ngenxa yobuningi bobisi eziyolukhipha uyokudla ibhotela; ngokuba ibhotela kanye noju wonke umuntu uyokudla osele ezweni.

23 Futhi kuyokwenzeka ngalolo suku, zonke izindawo eziyokuba khona, lapho kwakukhona imivini eyinkulungwane elingana nezinhlamvu eziyizinkulungwane zesiliva, kuyokuba ngezamakhakhasi nameva.

24 Ngemicibisholo kanye neminsalo abantu bayokuza lapho, ngokuba lonke izwe liyokuba ngamakhakhasi nameva.

25 Futhi wonke amagquma ayolinywa ngegeja, lapho akuseyikuba khona ukwesaba amakhakhasi kanye nameva; kepha ayoba ngawokuqhuba izinkabi, kanye nokubhudulwa yizimvu kanye nezimbuzi.