Amasu Okufunda
HJS, UGenesise 50


HJS, UGenesise 50:24–38. Qhathanisa noGenesise 50:24–26; bheka futhi ku 2 Nefi 3:4–22

UJosefa eGibithe uphrofetha ngo Mose ekhulula u-Israyeli ebugqilini; ngegatsha lozalo luka Josefa liholelwa ezweni elikude, lapho abayokhunjulwa khona ngokwezivumelwano zeNkosi; ngoNkulunkulu ebiza umphrofethi wezinsuku zokugcina okuthiwa ngu Joseph ukuba ahlanganise imibhalo ka Juda neka Josefa; nango Aroni esebenza njengo mkhulumeli ka Mose.

24 Futhi uJosefa wathi kubafowabo, ngiyafa, futhi ngiya kokhokho bami; futhi ngiya ethuneni lami ngentokozo. UNkulunkulu kababa uJakobe abe nani, ukuze anikhulule ekuhlushweni ngezinsuku zobugqili benu; ngokuba iNkosi ingihambele, futhi ngisitholile isethembiso eNkosini, sokuthi enzalweni yokhalo lwami, iNkosi uNkulunkulu iyovusa igatsha elilungileyo eliyophuma okhalweni lwami, nakini, ubaba uJakobe anibize ngo-Israyeli, umphrofethi; (hhayi uMesiya obizwa ngokuthi uShilo;) futhi lomphrofethi uyokhulula abantu bami eGibithe ezinsukwini zobugqili benu.

25 Futhi kuyokwenzeka ukuthi bayohlakazeka futhi; negatsha liyohleshulwa, liyiswe ezweni elikude; nokho bayokhunjulwa ezivumelwaneni zeNkosi, uma uMesiya eseza; ngokuba uyobonakaliswa kubo ezinsukwini zokugcina, ngoMoya wamandla; uyobakhipha ebumnyameni abalethe ekukhanyeni; baphume ebumnyameni obucashile, baphume ebugqilini beze enkululekweni.

26 INkosi uNkulunkulu wami iyovusa umboni, oyokuba ngumboni okhethiweyo kuyo inzalo yokhalo lwami.

27 Isho kanje iNkosi uNkulunkulu wokhokho bami kimi, Umboni okhethiweyo ngiyomvusa enzalweni yokhalo lwakho, uyokwaziswa kakhulu phakathi kwenzalo yokhalo lwakho; kuye ngiyonika umyalelo wokuthi uyokwenzela inzalo yokhalo lwakho umsebenzi, abafowabo.

28 Futhi uyobazisa ngezivumelwano engazenza nokhokho bakho; futhi uyokwenza noma yimuphi umsebenzi engiyomyalela wona.

29 Futhi ngizomenza abe mukhulu emehlweni ami, ngokuba uyokwenza umsebenzi wami; futhi uyoba mkhulu njengaye lowo engithe ngiyomvusa kini, ukuze akhulule abantu bami, O ndlu ka-Israyeli, baphume ezweni laseGibithe; ngokuba ngiyovusa umboni ukuba akhulule abantu bami baphume ezweni laseGibithe; futhi uyobizwa ngoMose. Ngaleligama uyokwazi ukuthi ungowendlu yakho; ngokuba uyokhuliswa yindodakazi yenkosi, futhi uyobizwa ngendodana yayo.

30 Futhi phezu kwalokho, ngiyovusa umboni enzalweni yokhalo lwakho, kuye ngizomnika amandla okuveza izwi lami liye enzalweni yokhalo lwakho; kungekona ukuveza izwi lami kuphela, kusho iNkosi, kodwa ekubenzeni bakholwe yizwi lami, eliyobe selivelile phakathi kwabo ezinsukwini zokugcina;

31 Ngalokho-ke inzalo yokhalo lwakho iyobhala, futhi nenzalo yokhalo lukaJuda iyobhala; futhi lokho okuyobhalwa yinzalo yokhalo lwakho, nalokho futhi okuyobhalwa yinzalo yokhalo lukaJuda, kuyokhula ndawonye kuze kunqotshwe izimfundiso zamanga, futhi kuqede nemibango, kumise nokuthula phakathi kwenzalo yokhalo lwakho, futhi kubazise ngokhokho babo ezinsukwini zokugcina; futhi kubazise ngezivumelwano zami, kusho iNkosi.

32 Futhi uyoqiniswa ebuthakathakeni, ngalolo suku lapho umsebenzi wami oyokhula ngalo phakathi kwabo bonke abantu bami, oyobabuyisela, abangabendlu ka-Israyeli, ezinsukwini zokugcina.

33 Futhi lowo mboni ngizombusisa, futhi labo abafuna ukucekela phansi isithunzi sakhe bayohlulwa; ngokuba lesi sethembiso ngikunika sona; ngokuba ngizokukhumbula isizukulwane ngesizukulwane; futhi igama lakhe liyobizwa ngokuthi nguJosefa, futhi liyokuba yigama likayise; futhi uyofuza wena; ngokuba lento iNkosi eyoyiveza ngesandla sakhe iyoletha abantu bami ensindisweni.

34 Futhi iNkosi yafunga kuJosefa ukuthi yayizolondoloza inzalo yakhe ingunaphakade, ithi, ngizovusa uMose, futhi intonga iyoba sesandleni sakhe, futhi uyoqoqela ndawonye abantu bami, uyobahola njengomhlambi, futhi uyoshaya amanzi oLwandle oluBomvu ngentonga yakhe.

35 Futhi uyoba nokwahlulela, uyobhala izwi leNkosi. Ngeke akhulume amazwi amaningi, ngokuba ngizombhalela umthetho wami ngomunwe wesandla sami uqobo. Futhi ngizomenzela umkhulumeli wakhe, igama lakhe liyobizwa ngokuthi u-Aroni.

36 Futhi kuyophinda kwenziwa kuwe ezinsukwini zokugcina, ngisho njengoba ngifungile. Ngakho-ke, uJosefa wathi kubafowabo, uNkulunkulu uzonihambela nokunihambela, futhi anikhiphe kulelizwe, aniyise ezweni alifungile ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe.

37 Futhi uJosefa waqinisekisa eziningi ezinye izinto kubafowabo, wathatha isifungo sabantwana bakwa-Israyeli, ethi kubo, uNkulunkulu uzonihambela nokunihambela, futhi niyothwala amathambo ami kusuka lapha.

38 UJosefa wafa kanjalo-ke ngesikhathi eseneminyaka eyikhulu neshumi ubudala; bamgqumisa ngemithi, bamfaka ebhokisini lokungcwaba eGibithe; wagcinwa wangangcwatshwa ngabantwana bakwa-Israyeli, ukuze athwalwe alaliswe ethuneni noyise. Futhi basikhumbula kanjalo-ke isifungo abasifunga kuye.