ImiBhalo eNgcwele
2 Nefi 18


Isahluko 18

UKristu uzokuba njengetshe lesikhubekiso kanye nedwala lesinengiso—Funani iNkosi, hhayi abathakathi abalunguzayo—Phendukelani emthethweni kanye nasebufakazini ukuze nithole ukuqondiswa—Qhathanisa no-Isaya 8. Cishe ngonyaka wama 559 kuya kowama 545 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Phezu kwalokho, izwi leNkosi lathi kimi: Thatha umqulu omkhulu, futhi ubhale kuwo ngosiba lomuntu, mayelana noMahere-shalali-hashi-bazi.

2 Futhi ngathatha ofakazi abathembekile ukuthi babhale, u-Uriya umphristi, kanye noZakariya indodana kaJeberekiya.

3 Futhi ngaya kumphrofethikazi; futhi wakhulelwa wazala indodana. Emva kwalokho yathi iNkosi kimi: Qamba igama layo ngokuthi, uMahere-shalali-hashi-bazi.

4 Ngokuba bheka, umntwana akayikukwazi ukukhala athi, Baba, mama, ngaphambi kokuba ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya isuswe ngaphambi kweNkosi yase-Asiriya.

5 INkosi yaphinde yakhuluma kimi futhi, ithi:

6 Kangangokuba laba bantu benqabe amanzi aseShilowa ahamba kancane, futhi bethokoza ngoResini kanye nendodana kaRemaliya;

7 Ngalokho-ke manje, bheka, iNkosi iletha kubo amanzi omfula, anamandla futhi amaningi, ngisho neNkosi yase-Asiriya kanye nenkazimulo yayo yonke; futhi iyokuza ikhuphukele kuyo yonke imigudu yayo, futhi yeqe kulo lonke usebe lwayo.

8 Futhi iyodlula kwaJuda; iyogcwala ichichime futhi ikhukhule, iyofinyelela ngisho nasentanyeni; futhi ukuvuleka kwamaphiko ayo kuyogcwalisa ububanzi bezwe lakho, O Imanuweli.

9 Zihlanganiseni, O nina bantu, futhi niyohleshulwa nibe yizicucu; futhi yiphani indlebe nonke nina mazwe akude; zibopheni, futhi niyohleshulwa nibe yizicucu; zibopheni, futhi niyohleshulwa nibe yizicucu.

10 Yenzani isigungu ngokuhlanganyela, futhi kuyoba yize; khulumani izwi, futhi aliyikuma; ngokuba uNkulunkulu unathi.

11 Ngokuba iNkosi yakhuluma kanje kimi ngesandla esinamandla, futhi yangiyala ukuthi ngingahambi ngendlela yalaba bantu, ithi:

12 Ningasho ukuthi, Kuyisivumelwano, kubo bonke labo bantu abayokuthi, Kuyisivumelwano; futhi ningakwesabi abakwesabayo, noma nibe novalo.

13 Yingcweliseni iNkosi yamaBandla uqobo lwayo, futhi yenzeni ibe wukwesaba kwenu, futhi yenzeni ibe wukwesaba kwenu okukhulu.

14 Futhi iyokuba yisiphephelo; kepha iyokuba yitshe lesikhubekiso, futhi ibe yidwala lesinengiso kuzo zombili izindlu zakwa-Israyeli, ngokuba iyokuba wugibe kanye nesihibe kwabakhile eJerusalema.

15 Futhi abaningi phakathi kwabo bayokhubeka bawe, futhi bephuke, bacushwe, futhi bathathwe.

16 Qinisekisa ubufakazi, uwunamathisele umthetho phakathi kwabafundi bami.

17 Futhi ngizoyilinda iNkosi, efihle ubuso bayo kuyo indlu kaJakobe, futhi ngizoyilindela.

18 Bheka, mina kanye nabantwana iNkosi enginike bona singabezibonakaliso kanye nezimangaliso kwa-Israyeli ezivela eNkosini yamaBandla, ehlala eNtabeni yaseSiyoni.

19 Futhi lapho beyothi kini: Funani kwabanamadlozi, kanye nakubathakathi abashaya imilozi futhi babubule—akufanele yini abantu bafune kuNkulunkulu wabo kunokuba abaphilayo bezwe ngabafileyo na?

20 Kuwo umthetho kanye nakubo ubufakazi; futhi uma bengakhulumi ngokwalelizwi, kungenxa yokuthi akukho ukukhanya kubo.

21 Futhi bayodlula ezinhluphekweni behaqwe kalukhuni futhi belambile; futhi kuyokwenzeka ukuthi uma sebelambile, bayozicanukela bona, futhi bayiqalekise inkosi yabo kanye noNkulunkulu wabo, futhi babheke phezulu.

22 Futhi bayobheka emhlabeni futhi babone ukukhathazeka, kanye nobumnyama, nokufiphala ngenxa yosizi, futhi bayophushelwa ebumnyameni.