ImiBhalo eNgcwele
1 Nefi 15


Isahluko 15

Inzalo kaLehi kufanele ilithole kwabeZizwe ivangeli ngezinsuku zokugcina—Ukuqoqwa kuka-Israyeli kufaniswa nesihlahla somnqumo amagatsha aso emvelo ayoxhumelelwa futhi—UNefi uhumusha umbono womuthi wokuphila futhi ukhuluma ngokulunga kukaNkulunkulu ekuhlukaniseni ababi kwabalungile. Cishe ngonyaka wama 600 kuya kowama 592 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ukuthi emva kokuthi mina, Nefi, kade sengihlwithiwe nguMoya, futhi sengizibonile zonke lezi zinto, ngabuyela etendeni likababa.

2 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona abafowethu, futhi babephikisana omunye nomunye mayelana nezinto lezo ubaba ayezikhulumile kubo.

3 Ngokuba ngempela wakhuluma izinto eziningi nezinkulu kubo, ezazinzima ukuthi aziqondakale, ngaphandle kokuthi umuntu abuze eNkosini; futhi ngenxa yokuthi babenezinhliziyo ezilukhuni, ngakho-ke abazange babheke eNkosini njengoba kwakufanele benze.

4 Manje mina, Nefi, ngangidabukile ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo, futhi, nangenxa yezinto engangizibonile, futhi ngazi ukuthi kwakufanele zenzeke ngokungenakuvinjelwa ngenxa yobubi obukhulu babantwana babantu.

5 Futhi kwenzeka ukuthi ngaphela amandla ngenxa yezinkathazo zami, ngokuba ngabona ukuthi aizinkathazo zami zazinkulu ngaphezu kwazo zonke, ngenxa byokubhujiswa kwabantu bami, ngokuba ngangikubonile ukuwa kwabo.

6 Futhi kwenzeka ukuthi emuva kokuthi sengithole aamandla ngakhuluma nabafowethu, nginesifiso sokwazi kubo isizathu sokuhilizisana kwabo.

7 Futhi bathi: Bheka, asikwazi ukuwaqonda amazwi ubaba awakhulumile mayelana namagatsha emvelo esihlahla somnqumo, futhi ngokunjalo mayelana nabeZizwe.

8 Futhi ngathi kubo: Senike anabuza yini eNkosini na?

9 Bona bathi kimi: Asizange; ngokuba iNkosi ayiyembuli into enje kithi.

10 Bheka, ngathi kubo: Kungani ukuthi ningayigcini imiyalelo yeNkosi na? Kungani ukuthi nizolahleka, ngenxa ayobulukhuni bezinhliziyo zenu na?

11 Anizikhumbuli yini izinto iNkosi ezishilo na?—Uma ningayikuzenza lukhuni izinhliziyo zenu, futhi aningibuza ngokukholwa, nikholwa ukuthi nizonikwa, nikhuthele ekugcineni imiyalelo yami, ngempela lezi zinto ziyokwembulwa kini.

12 Bhekani, ngithi kini, indlu ka-Israyeli yafaniswa nesihlahla somnqumo, nguMoya weNkosi owawukuye ubaba; futhi bhekani thina asihleshulwanga yini kuyo indlu ka-Israyeli, futhi asiyilo yini aigatsha lendlu ka-Israyeli na?

13 Manje, into ubaba ayiqondile mayelana nokuxhumelelwa kwamagatsha emvelo ngokuphelela kwabeZizwe, kungukuthi ngezinsuku zokugcina, lapho inzalo yethu aseyincishelwe wukholo, yebo, isikhathi esiyiminyaka eminingi, futhi izizukulwane eziningi emuva kokuba buMesiya eyobonakaliswa esenyameni kubo abantwana babantu, ngaleso sikhathi civangeli elipheleleyo likaMesiya liyoza kwabeZizwe, futhi liyosuka kubo dabeZizwe liye kuyo insalela yenzalo yethu—

14 Futhi ngalo lolo suku insalela ayenzalo yethu iyokwazi ukuthi bona bayibo abendlu ka-Israyeli, futhi nokuthi bayibo babantu besivumelwano beNkosi; futhi ngaleso sikhathi bayokwazi futhi bafinyelele colwazini lokhokho babo, futhi ngokunjalo nasolwazini lwevangeli loMkhululi wabo, elafundiswa kokhokho babo nguye; ngalokho-ke, bayofinyelela ekumazini uMkhululi wabo futhi nangazo izihloko zemfundiso yakhe ngazinye, ukuze bazi ukuthi bangeza kanjani kuye futhi basindiswe.

15 Futhi ngalolo suku abayikujabula yini futhi banikeze udumo kuye uNkulunkulu wabo ongunaphakade, aidwala labo, kanye nensindiso yabo na? Yebo, ngalolo suku, abayikuthola yini amandla kanye nokondleka kuwo bumvini weqiniso na? Yebo, abayi kuza yini emhlambini weqiniso kaNkulunkulu na?

16 Bhekani, ngithi kini, Yebo; bayokhunjulwa futhi phakathi kwendlu ka-Israyeli; abayoxhunyelelwa, beyilo igatsha lemvelo lesihlahla somnqumo, kuso isihlahla seqiniso somnqumo.

17 Futhi yikho lokhu ubaba abekusho; futhi ubeqonde ukuthi lokhu akuyikwenzeka kuze kube ngemuva kokuthi sebehlakazwe ngabeZizwe; futhi ubeqonde ukuthi kuyofika ngendlela yabeZizwe, ukuze iNkosi ikhombise amandla ayo kwabeZizwe, ngaso leso sizathu sokuthi aiyokwenqatshwa ngamaJuda, noma ngabendlu ka-Israyeli.

18 Ngalokho-ke, ubaba akakhulumanga ngenzalo yethu kuphela, kodwa futhi nangayo yonke indlu ka-Israyeli, ekhombisa isivumelwano okufanele sigcwaliseke ngezinsuku zokugcina; leso sivumelwano iNkosi eyasenza kubaba u-Abrahama, ithi: aEnzalweni yakho yonke imindeni yomhlaba iyobusiswa.

19 Futhi kwenzeka ukuthi mina, Nefi, ngakhuluma kabanzi nabo mayelana nalezi zinto; yebo, ngakhuluma kubo mayelana anokubuyiselwa kwamaJuda ngezinsuku zokugcina.

20 Futhi ngabalandisa amazwi aka-Isaya, awakhuluma mayelana nokubuyiselwa kwamaJuda, noma kwendlu ka-Israyeli; futhi emuva kokuthi esebuyiselwe ngeke esaphinde nanini axutshwe, noma aphinde ahlakazwe futhi. Futhi kwenzeka ukuthi ngakhuluma amaningi amazwi kubo abafowethu, kangangokuthi baxoliswa futhi nempela bbazithoba phambi kweNkosi.

21 Futhi kwenzeka ukuthi baphinda bakhuluma kimi, bethi: Isho ukuthini lento ubaba ayibona ephusheni na? Sisho ukuthini aisihlahla asibona na?

22 Futhi ngathi kubo: Kwakungumfanekiso awomuthi wokuphila.

23 Futhi bathi kimi: Isho ukuthini ainduku yensimbi ubaba ayibona, leyo eyayiholeleka esihlahleni na?

24 Futhi ngathi kubo akwakuyizwi likaNkulunkulu; futhi labo ababeyolizwa izwi likaNkulunkulu, futhi bbabambelele baqine kulo, babengasoze balahleke nanini; futhi cizilingo kanye dnemicibisholo evuthayo eyesitha ngeke kwabanqobela ekungazini, ukuze sibaholele le ekubhujisweni.

25 Ngalokho-ke, mina, Nefi, ngabanxusa ukuthi abalinake izwi leNkosi; yebo, ngabanxusa ngawo wonke amandla omphefumulo wami, kanye nangalo lonke ulwazi lwami enganginalo, ukuthi balinake izwi likaNkulunkulu futhi bakhumbule ukugcina imiyalelo yakhe njalo kuzo zonke izinto.

26 Futhi bathi kimi: Usho ukuthini aumfula wamanzi ubaba awubona na?

27 Futhi ngathi kubo aamanzi lawo ubaba awabona bkwakungukungcola; futhi umqondo wakhe wawuthatheke kakhulu ngezinye izinto kangangokuthi akakubonanga ukungcola kwamanzi.

28 Futhi ngathi kubo akwakungumhosha owesabekayo, owawuhlukanisa ababi emthini wokuphila, futhi ngokunjalo nakubo abangcwele baNkulunkulu.

29 Futhi ngathi kubo kwakungumfanekiso waleso asihogo esesabekayo, leso ingelosi eyathi kimi sasilungiselwe ababi.

30 Futhi ngathi kubo ubaba waphinda wabona ukuthi aukwahlulela ngokulunga kukaNkulunkulu kwabehlukanisa ababi kwabalungile; futhi nokukhanya kwakho kwakunjengo kukhanya kwelangabi lomlilo, elalenyukela kuNkulunkulu ingunaphakade, futhi lingenamkhawulo.

31 Futhi bathi kimi: Ngabe lento isho ukuhlushwa komzimba ezinsukwini azokuvivinywa, noma isho isimo sokugcina somphefumulo emuva bkokufa komzimba wenyama, noma ngabe ikhuluma ngezinto ezingezesikhashana na?

32 Futhi kwenzeka ukuthi ngathi kubo kwakungumfanekiso wezinto zesikhashana kanye nezikamoya; ngokuba usuku luyeza lapho kufanele bahlulelwe angokwemisebenzi yabo, yebo, ngisho imisebenzi leyo eyenziwa wumzimba wenyama ngezinsuku zokuvivinywa kwabo.

33 Ngalokho-ke, uma abengafela ebubini babo kufanele bbalahlwe futhi, ngokuphathelene nezinto zikamoya, lezo eziphathelene nokulunga; ngalokho-ke, kufanele balethwe bazoma phambi kukaNkulunkulu, ukuze cbahlulelwe dngokwemisebenzi yabo; futhi uma imisebenzi yabo ibingeyokungcola kufanele ukuthi ebangcolile; futhi uma bengcolile kufanele ukuthi bangekwazi fukuhlala embusweni kaNkulunkulu; uma kunjalo, umbuso kaNkulunkulu kufanele ungcole nawo futhi.

34 Kodwa bhekani, ngithi kini, umbuso kaNkulunkulu aawungcolile, futhi akukho nto engcolileyo engangena embusweni kaNkulunkulu; ngalokho-ke kufanele ukuthi kube khona indawo yokungcola elungiselelwe lokho okungcolile.

35 Futhi ikhona indawo elungisiwe, yebo, ngisho leso asihogo esesabekayo engikhulume ngaso, futhi budeveli ungumlungisi waso; ngalokho-ke isimo sokugcina semiphefumulo yabantu ngukuhlala embusweni kaNkulunkulu, noma-ke kube wukulahlwa ngenxa yalokho ckwahlulela ngokulunga engikhulume ngakho.

36 Ngalokho-ke, ababi bayenqatshwa kwabalungileyo, futhi ngokunjalo nakulowo amuthi wokuphila, isithelo sawo esiyigugu elikhulu futhi besithandeka kakhulu ngaphezu kwazo zonke ezinye izithelo; yebo, futhi ckuyisipho esikhulu kunazo zonke dizipho zikaNkulunkulu. Futhi ngakhuluma ngalendlela kubafowethu. Amen.