ImiBhalo eNgcwele
1 Nefi 11


Isahluko 11

UNefi ubona uMoya weNkosi futhi ukhonjiswa embonweni umuthi wokuphila—Ubona unina weNdodana kaNkulunkulu futhi ufunda ngokuzehlisa kukaNkulunkulu—Ubona ukubhabhadiswa, ubufundisi, kanye nokubethelwa kweMvana kaNkulunkulu—Ubona ukubizwa ngokunjalo nobufundisi babaPhostoli abayiShumi namBili beMvana. Cishe ngonyaka wama 600 kuya kowama 592 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Ngokuba kwenzeka ukuthi emuva kokuthi sengibe nesifiso sokwazi ngezinto ubaba ayezibonile, futhi ngikholwa ukuthi iNkosi yayikwazi ukuthi izembule kimi, ngesikhathi ngisahlezi ngizindla enhliziyweni yami ngahlwithwa nguMoya weNkosi, yebo, wangiyisa kwephakeme kakhulu intaba, engangingakaze ngiyibone ngaphambilini, futhi kwengangingakaze naphambilini ngilubeke olwami unyawo kuyo.

2 Futhi uMoya wathi kimi: Bheka, ngabe ufisani na?

3 Futhi ngathi: Ngifisa ukubona izinto ubaba azibona.

4 Futhi uMoya wathi kimi: Uyakholwa yini ukuthi uyihlo wabona isihlahla leso akhulume ngaso na?

5 Futhi ngathi: Yebo, uyazi ukuthi ngiyawakholelwa wonke amazwi kababa.

6 Futhi ngesikhathi sengiwakhulumile lamazwi, uMoya wakhala ngezwi elikhulu, uthi: Hosana eNkosini, uNkulunkulu ophakeme kakhulu; ngokuba unguNkulunkulu ophezu komhlaba wonke, yebo, ngisho nangaphezu kwakho konke. Futhi ubusisiwe wena, Nefi, ngokuba ukholwa kuyo iNdodana kaNkulunkulu ophakeme kakhulu; ngalokho-ke, uzozibona lezo zinto ozifisayo.

7 Futhi bheka lento izonikezwa kuwe njengesibonakaliso, ukuthi emuva kokuthi ususibonile isihlahla leso esasinesithelo uyihlo asinambitha, uzobona futhi indoda yehla iphuma ezulwini, futhi uyoyibona; futhi emuva kokuthi usuyibonile uyonikeza ubufakazi bokuthi iyiNdodana kaNkulunkulu.

8 Futhi kwenzeka ukuthi uMoya wathi kimi: Buka! Futhi ngabuka ngabona isihlahla; futhi sasifana nesihlahla leso ubaba ayesibonile; futhi ubuhle baso babedlulele kakhulu, yebo, babedlula bonke ubuhle; futhi nobumhlophe baso nempela babedlula ubumhlophe beqhwa elikhithikileyo.

9 Futhi kwenzeka ukuthi emuva kokuba sengisibonile isihlahla, ngathi kuye uMoya: Ngiyabona ungikhombisile isihlahla esiligugu ngaphezu kwazo zonke.

10 Futhi wathi kimi: Ngabe ufisani na?

11 Futhi ngathi kuye: Ukwazi incazelo ngaso—ngokuba ngakhuluma naye njengomuntu ekhuluma; ngokuba ngabona ukuthi wayesesimweni somuntu; kodwa nokho, ngangazi ukuthi kwakunguMoya weNkosi; futhi wakhuluma kimi njengomuntu ekhuluma nomunye.

12 Futhi kwenzeka ukuthi wathi kimi: Buka! Futhi ngabuka sengathi ngibuka kuye, futhi angimbonanga; ngokuba wabe esehambile phambi kwami.

13 Futhi kwenzeka ukuthi ngabuka futhi ngabona idolobha elikhulu laseJerusalema, futhi kanye namanye amadolobha. Futhi ngabona idolobha laseNazaretha; futhi edolobheni laseNazaretha ngabona intombi, futhi yayibukeka kahle kakhulu futhi imhlophe.

14 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona amazulu evuleka; futhi ingelosi yehla yema phambi kwami; futhi yathi kimi: Nefi, ubonani na?

15 Futhi ngathi kuyo: Intombi, enhle kakhulu futhi ebukeka ngaphezu kwazo zonke ezinye izintombi.

16 Futhi yathi kimi: Uyakwazi yini ukuzehlisa kukaNkulunkulu na?

17 Futhi ngathi kuyo: Ngiyazi ukuthi uyabathanda abantwana bakhe; nokho, angiyazi incazelo yazo zonke izinto.

18 Futhi yathi kimi: Bheka, intombi leyo oyibonayo ingunina weNdodana kaNkulunkulu, ngokwesimo sasenyameni.

19 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona ukuthi yahlwithwa nguMoya, futhi emuva kokuba isihlwithwe nguMoya okwesikhashana ingelosi yakhuluma kimi, ithi: Buka!

20 Futhi ngabuka ngayibona intombi futhi, igone umntwana ezingalweni zayo.

21 Futhi ingelosi yathi kimi: Bheka iMvana kaNkulunkulu, yebo, ngisho iNdodana kaBaba ongunaPhakade! Uyayazi yini incazelo yesihlahla leso uyihlo asibona na?

22 Futhi ngayiphendula ngithi: Yebo, wuthando lukaNkulunkulu, oluzisabalalisa ndawo zonke ezinhliziyweni zabantwana babantu; ngalokho-ke, luthandeka kakhulu ngaphezu kwezinto zonke.

23 Futhi yakhuluma kimi, ithi: Yebo, futhi luyintokozo enkulu emphefumulweni.

24 Futhi emuva kokuthi isisho lamazwi, yathi kimi: Buka! Futhi ngabuka, futhi ngabona iNdodana kaNkulunkulu ihamba phakathi kwabantwana babantu; futhi ngabona abaningi bewa phansi ezinyaweni zayo futhi beyikhonza.

25 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona ukuthi induku yensimbi, leyo ubaba ayeyibonile, kwakuyizwi likaNkulunkulu, elaliholela emthonjeni wamanzi okuphila, noma emthini wokuphila; lawo manzi angumfanekiso wothando lukaNkulunkulu; futhi ngaphinda ngabona ukuthi umuthi wokuphila wawungumfanekiso wothando lukaNkulunkulu.

26 Futhi ingelosi yaphinda yathi kimi: Buka futhi ubone ukuzehlisa kukaNkulunkulu!

27 Futhi ngabuka futhi ngambona uMkhululi womhlaba, lowo ubaba ayekhulume ngaye; futhi ngaphinda ngabona umphrofethi owayezolungisa indlela phambi kwakhe. Futhi iMvana kaNkulunkulu yaya phambili futhi yabhabhadiswa nguye; futhi emuva kokuthi isibhabhadisiwe, ngabona amazulu evuleka, futhi uMoya oyiNgcwele wehla uvela ezulwini futhi wahlala phezu kwayo unjengesimo sejuba.

28 Futhi ngabona ukuthi yahamba isebenzela abantu, ngamandla nangenkazimulo enkulu; futhi izixuku zabuthana ndawonye ukuyizwa; futhi ngabona ukuthi bayixosha phakathi kwabo.

29 Futhi ngaphinda ngabona abanye abayishumi nambili beyilandela. Futhi kwenzeka ukuthi bahlwithwa nguMoya phambi kobuso bami, futhi angabe ngisababona.

30 Futhi kwenzeka ukuthi ingelosi yakhuluma kimi futhi, ithi: Buka! Futhi ngabuka, futhi ngabona amazulu evuleka futhi, futhi ngabona izingelosi zehlela kubantwana babantu; futhi nempela zabasebenzela.

31 Futhi yaphinda yakhuluma kimi, ithi; Buka! Futhi ngabuka, futhi ngabona iMvana kaNkulunkulu ihamba phakathi kwabantwana babantu. Futhi ngabona izixuku zabantu ababegula, kanye nababenazo zonke izinhlobonhlobo zezifo, kanye nababenodeveli kanye nemimoya engcolile; futhi ingelosi yakhuluma futhi yangibonisa zonke lezi zinto. Futhi baphiliswa ngamandla eMvana kaNkulunkulu; futhi odeveli kanye nemimoya engcolile kwakhishwa.

32 Futhi kwenzeka ukuthi ingelosi yakhuluma kimi futhi, ithi: Buka! Futhi ngabuka futhi ngabona iMvana kaNkulunkulu, ukuthi yathathwa ngabantu; yebo, iNdodana kaNkulunkulu ongunaphakade yehlulelwa ngumhlaba; futhi ngakubona lokho ngakufakazela.

33 Futhi mina, Nefi, ngabona ukuthi yaphakanyiselwa esiphambanweni futhi yabulawa ngenxa yezono zomhlaba.

34 Futhi emuva kokuthi isibulewe ngabona izixuku zomhlaba, ukuthi zazibuthene ndawonye ukulwa nabaphostoli beMvana; ngokuba babebizwe kanjalo abayishumi nambili yingelosi yeNkosi.

35 Futhi isixuku somhlaba sasibuthene ndawonye; futhi ngabona ukuthi sasikuso isakhiwo esikhulu nesivulekile, njengaleso sakhiwo ubaba asibonayo. Futhi ingelosi yeNkosi yakhuluma kimi futhi, ithi: Bheka izwe kanye nokuhlakanipha kwalo; yebo, bheka indlu ka-Israyeli ibuthene ndawonye ukulwa nabaphostoli abayishumi nambili beMvana.

36 Futhi kwenzeka ukuthi ngakubona lokho futhi ngakufakazela, ukuthi isakhiwo esikhulu nesivulekile kwakunguku zikhukhumeza kwezwe; futhi sawa, futhi ukuwa kwaso kwakukukhulu kakhulu. Ingelosi yeNkosi yakhuluma kimi futhi, ithi: Kuyoba njalo-ke nokubhujiswa kwazo zonke izizwe, imindeni, izilimi, kanye nabantu, abayokulwa nabaphostoli abayishumi nambili beMvana.