ImiBhalo eNgcwele
1 Nefi 11


Isahluko 11

UNefi ubona uMoya weNkosi futhi ukhonjiswa embonweni umuthi wokuphila—Ubona unina weNdodana kaNkulunkulu futhi ufunda ngokuzehlisa kukaNkulunkulu—Ubona ukubhabhadiswa, ubufundisi, kanye nokubethelwa kweMvana kaNkulunkulu—Ubona ukubizwa ngokunjalo nobufundisi babaPhostoli abayiShumi namBili beMvana. Cishe ngonyaka wama 600 kuya kowama 592 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Ngokuba kwenzeka ukuthi emuva kokuthi sengibe nesifiso sokwazi ngezinto ubaba ayezibonile, futhi ngikholwa ukuthi iNkosi yayikwazi ukuthi izembule kimi, ngesikhathi ngisahlezi angizindla enhliziyweni yami bngahlwithwa nguMoya weNkosi, yebo, wangiyisa kwephakeme kakhulu cintaba, engangingakaze ngiyibone ngaphambilini, futhi kwengangingakaze naphambilini ngilubeke olwami unyawo kuyo.

2 Futhi uMoya wathi kimi: Bheka, ngabe ufisani na?

3 Futhi ngathi: Ngifisa ukubona izinto ubaba aazibona.

4 Futhi uMoya wathi kimi: Uyakholwa yini ukuthi uyihlo wabona aisihlahla leso akhulume ngaso na?

5 Futhi ngathi: Yebo, uyazi ukuthi angiyawakholelwa wonke amazwi kababa.

6 Futhi ngesikhathi sengiwakhulumile lamazwi, uMoya wakhala ngezwi elikhulu, uthi: Hosana eNkosini, uNkulunkulu ophakeme kakhulu; ngokuba unguNkulunkulu ophezu akomhlaba wonke, yebo, ngisho nangaphezu kwakho konke. Futhi ubusisiwe wena, Nefi, ngokuba bukholwa kuyo iNdodana kaNkulunkulu ophakeme kakhulu; ngalokho-ke, uzozibona lezo zinto ozifisayo.

7 Futhi bheka lento izonikezwa kuwe anjengesibonakaliso, ukuthi emuva kokuthi ususibonile isihlahla leso esasinesithelo uyihlo asinambitha, uzobona futhi indoda yehla iphuma ezulwini, futhi uyoyibona; futhi emuva kokuthi usuyibonile buyonikeza ubufakazi bokuthi iyiNdodana kaNkulunkulu.

8 Futhi kwenzeka ukuthi uMoya wathi kimi: Buka! Futhi ngabuka ngabona isihlahla; futhi sasifana anesihlahla leso ubaba ayesibonile; futhi ubuhle baso babedlulele kakhulu, yebo, babedlula bonke ubuhle; futhi bnobumhlophe baso nempela babedlula ubumhlophe beqhwa elikhithikileyo.

9 Futhi kwenzeka ukuthi emuva kokuba sengisibonile isihlahla, ngathi kuye uMoya: Ngiyabona ungikhombisile isihlahla aesiligugu ngaphezu kwazo zonke.

10 Futhi wathi kimi: Ngabe ufisani na?

11 Futhi ngathi kuye: Ukwazi aincazelo ngaso—ngokuba ngakhuluma naye njengomuntu ekhuluma; ngokuba ngabona ukuthi bwayesesimweni somuntu; kodwa nokho, ngangazi ukuthi kwakunguMoya weNkosi; futhi wakhuluma kimi njengomuntu ekhuluma nomunye.

12 Futhi kwenzeka ukuthi wathi kimi: Buka! Futhi ngabuka sengathi ngibuka kuye, futhi angimbonanga; ngokuba wabe esehambile phambi kwami.

13 Futhi kwenzeka ukuthi ngabuka futhi ngabona idolobha elikhulu laseJerusalema, futhi kanye namanye amadolobha. Futhi ngabona idolobha laseNazaretha; futhi edolobheni alaseNazaretha ngabona bintombi, futhi yayibukeka kahle kakhulu futhi imhlophe.

14 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona aamazulu evuleka; futhi ingelosi yehla yema phambi kwami; futhi yathi kimi: Nefi, ubonani na?

15 Futhi ngathi kuyo: Intombi, enhle kakhulu futhi ebukeka ngaphezu kwazo zonke ezinye izintombi.

16 Futhi yathi kimi: Uyakwazi yini ukuzehlisa kukaNkulunkulu na?

17 Futhi ngathi kuyo: Ngiyazi ukuthi uyabathanda abantwana bakhe; nokho, angiyazi incazelo yazo zonke izinto.

18 Futhi yathi kimi: Bheka, aintombi leyo oyibonayo bingunina weNdodana kaNkulunkulu, ngokwesimo sasenyameni.

19 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona ukuthi yahlwithwa nguMoya, futhi emuva kokuba isihlwithwe anguMoya okwesikhashana ingelosi yakhuluma kimi, ithi: Buka!

20 Futhi ngabuka ngayibona intombi futhi, igone aumntwana ezingalweni zayo.

21 Futhi ingelosi yathi kimi: Bheka aiMvana kaNkulunkulu, yebo, ngisho biNdodana ckaBaba ongunaPhakade! Uyayazi yini incazelo dyesihlahla leso uyihlo asibona na?

22 Futhi ngayiphendula ngithi: Yebo, awuthando lukaNkulunkulu, oluzisabalalisa ndawo zonke ezinhliziyweni zabantwana babantu; ngalokho-ke, luthandeka kakhulu ngaphezu kwezinto zonke.

23 Futhi yakhuluma kimi, ithi: Yebo, futhi aluyintokozo enkulu emphefumulweni.

24 Futhi emuva kokuthi isisho lamazwi, yathi kimi: Buka! Futhi ngabuka, futhi ngabona iNdodana kaNkulunkulu aihamba phakathi kwabantwana babantu; futhi ngabona abaningi bewa phansi ezinyaweni zayo futhi beyikhonza.

25 Futhi kwenzeka ukuthi ngabona ukuthi ainduku yensimbi, leyo ubaba ayeyibonile, kwakuyizwi likaNkulunkulu, elaliholela emthonjeni bwamanzi okuphila, noma cemthini wokuphila; lawo manzi angumfanekiso wothando lukaNkulunkulu; futhi ngaphinda ngabona ukuthi umuthi wokuphila wawungumfanekiso wothando lukaNkulunkulu.

26 Futhi ingelosi yaphinda yathi kimi: Buka futhi ubone aukuzehlisa kukaNkulunkulu!

27 Futhi ngabuka futhi angambona uMkhululi womhlaba, lowo ubaba ayekhulume ngaye; futhi ngaphinda ngabona bumphrofethi owayezolungisa indlela phambi kwakhe. Futhi iMvana kaNkulunkulu yaya phambili futhi cyabhabhadiswa nguye; futhi emuva kokuthi isibhabhadisiwe, ngabona amazulu evuleka, futhi uMoya oyiNgcwele wehla uvela ezulwini futhi wahlala phezu kwayo unjengesimo dsejuba.

28 Futhi ngabona ukuthi yahamba isebenzela abantu, angamandla nangenkazimulo enkulu; futhi izixuku zabuthana ndawonye ukuyizwa; futhi ngabona ukuthi bayixosha phakathi kwabo.

29 Futhi ngaphinda ngabona abanye aabayishumi nambili beyilandela. Futhi kwenzeka ukuthi bahlwithwa nguMoya phambi kobuso bami, futhi angabe ngisababona.

30 Futhi kwenzeka ukuthi ingelosi yakhuluma kimi futhi, ithi: Buka! Futhi ngabuka, futhi ngabona amazulu evuleka futhi, futhi ngabona aizingelosi zehlela kubantwana babantu; futhi nempela zabasebenzela.

31 Futhi yaphinda yakhuluma kimi, ithi; Buka! Futhi ngabuka, futhi ngabona iMvana kaNkulunkulu ihamba phakathi kwabantwana babantu. Futhi ngabona izixuku zabantu ababegula, kanye nababenazo zonke izinhlobonhlobo zezifo, kanye anababenodeveli kanye bnemimoya engcolile; futhi ingelosi yakhuluma futhi yangibonisa zonke lezi zinto. Futhi cbaphiliswa ngamandla eMvana kaNkulunkulu; futhi odeveli kanye nemimoya engcolile kwakhishwa.

32 Futhi kwenzeka ukuthi ingelosi yakhuluma kimi futhi, ithi: Buka! Futhi ngabuka futhi ngabona iMvana kaNkulunkulu, ukuthi yathathwa ngabantu; yebo, iNdodana kaNkulunkulu ongunaphakade ayehlulelwa ngumhlaba; futhi ngakubona lokho ngakufakazela.

33 Futhi mina, Nefi, ngabona ukuthi yaphakanyiselwa aesiphambanweni futhi byabulawa ngenxa yezono zomhlaba.

34 Futhi emuva kokuthi isibulewe ngabona izixuku zomhlaba, ukuthi zazibuthene ndawonye ukulwa nabaphostoli beMvana; ngokuba babebizwe kanjalo abayishumi nambili yingelosi yeNkosi.

35 Futhi isixuku somhlaba sasibuthene ndawonye; futhi ngabona ukuthi sasikuso aisakhiwo esikhulu nesivulekile, njengaleso sakhiwo ubaba asibonayo. Futhi ingelosi yeNkosi yakhuluma kimi futhi, ithi: Bheka izwe kanye nokuhlakanipha kwalo; yebo, bheka indlu ka-Israyeli ibuthene ndawonye ukulwa nabaphostoli abayishumi nambili beMvana.

36 Futhi kwenzeka ukuthi ngakubona lokho futhi ngakufakazela, ukuthi isakhiwo esikhulu nesivulekile akwakunguku zikhukhumeza kwezwe; futhi sawa, futhi ukuwa kwaso kwakukukhulu kakhulu. Ingelosi yeNkosi yakhuluma kimi futhi, ithi: Kuyoba njalo-ke nokubhujiswa kwazo zonke izizwe, imindeni, izilimi, kanye nabantu, abayokulwa nabaphostoli abayishumi nambili beMvana.