ImiBhalo eNgcwele
Mose 1


OkuKhethiweyo okuThathwe
eNcwadini kaMose

Ingxenye ethathwe ekuhunyushweni kweBhayibheli njengoba yembulwa kuJoseph Smith umPhrofethi, ngoJuni 1830–Februwari 1831.

Isahluko 1

(Juni 1830)

UNkulunkulu uzembula kuMose—UMose uyaguqulwa—Unqwamana noSathane—UMose ubona imihlaba eminingi enabantu kuyo—Imihlaba enganakubaleka yadalwa yiNdodana—Umsebenzi nenkazimulo kaNkulunkulu kuwukufeza ukungafi nokuphila okuphakade komuntu.

1 Amazwi kaNkulunkulu, aawakhuluma ku bMose langa limbe ngesikhathi uMose ehlwithwa eya entabeni ephakeme kakhulu,

2 Futhi awabona uNkulunkulu bubuso nobuso, futhi wakhuluma naye, futhi cinkazimulo kaNkulunkulu yaba kuMose; ngakho-ke uMose wakwazi dukumelana nenkazimulo yakhe.

3 Futhi uNkulunkulu wakhuluma kuMose, ethi: Bheka, ngiyiNkosi uNkulunkulu auMninimandla Onke, futhi igama lami bngu-Ongenasiphelo; ngokuba anginasiqalo sezinsuku noma isiphelo seminyaka; ngabe akukona yini lokhu ukungabi nasiphelo na?

4 Futhi, bheka, uyindodana yami; ngalokho-ke abuka, futhi ngizokutshengisa umsebenzi bwezandla zami; kodwa hhayi wonke, ngokuba cimisebenzi yami dayinasiphelo, ngokunjalo enamazwi ami, ngokuba awaphezi.

5 Ngalokho-ke, akukho muntu ongabona yonke imisebenzi yami, ngaphandle kokuba abone yonke inkazimulo yami; futhi akukho muntu ongabona yonke inkazimulo yami, futhi emva kwalokho ahlale esenyameni emhlabeni.

6 Futhi nginomsebenzi engizokunika wona, Mose, ndodana yami; futhi wena aufana no bZelwe Yedwa wami; futhi oZelwe Yedwa wami unguye futhi uyoba ngu cmSindisi, ngokuba ugcwele dumusa ne eqiniso; kodwa fakukho Nkulunkulu ngaphandle kwami, futhi zonke izinto ziphambi kwami, ngokuba gngizazi zonke.

7 Manje, bheka, lento eyodwa ngikutshengisa yona, Mose, ndodana yami, ngokuba usemhlabeni, manje ngikutshengisa yona.

8 Futhi kwenzeka ukuthi uMose wabuka, futhi wabona aumhlaba adalelwa kuwo; futhi uMose bwabona umhlaba nesiphelo sawo, nabo bonke abantwana babantu abakhona, futhi nababedaliwe; ngalokho cwamangala kakhulu futhi wababaza.

9 Futhi inkazimulo kaNkulunkulu yasuka kuMose, kangangoba inkazimulo yakhe yayingasekho kuMose; futhi uMose wasala yedwa. Futhi ngesikhathi esesele yedwa, wawela phansi.

10 Futhi kwenzeka ukuthi kwaba yisikhathi samahora amaningi ngaphambi kokuba uMose athole futhi aamandla akhe emvelo njengawomuntu; futhi wathi kuye: Manje, ngenxa yalokhu sengiyazi ukuthi umuntu bakalutho, okuyinto ebengingakaze ngiyicabange.

11 Kodwa manje amehlo ami abone auNkulunkulu; kodwa hhayi bemvelo, kodwa amehlo ami omoya, ngokuba amehlo ami emvelo abengeke akwazi ukubona; ngokuba bekufanele cngibune futhi dngife enkazimulweni yakhe; kodwa inkazimulo yakhe ibiphezu kwami; futhi ngabona eubuso bakhe, ngokuba fngiguquliwe phambi kwakhe.

12 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi uMose esewashilo lamazwi, bheka, auSathane weza ezo bmlinga, ethi: Mose, ndodana yomuntu, ngikhonze.

13 Futhi kwenzeka ukuthi uMose wabheka kuSathane wathi: Ungubani wena na? Ngokuba bheka, ngiyi andodana kaNkulunkulu, efana noZelwe Yedwa wakhe; futhi iphi inkazimulo yakho, ukuze ngikhonze wena na?

14 Ngokuba bheka, ngangingeke ngibheke kuNkulunkulu, ngaphandle kokuba inkazimulo yakhe ibe kimi, futhi nginga aguqulwanga phambi kwakhe. Kodwa ngingakubheka wena ngamehlo ami emvelo. Akunjalo, ngempela na?

15 Malibusiswe igama likaNkulunkulu wami, ngokuba uMoya wakhe awusukanga wonke kimi, kungenjalo ikuphi inkazimulo yakho na, ngokuba kuwubumnyama kimi? Futhi ngingahlukanisa phakathi kwakho noNkulunkulu; ngokuba uNkulunkulu uthe kimi: aKhonza uNkulunkulu, ngokuba uyena yedwa oyo bmsebenzela.

16 Suka lapha, Sathane; ungangikhohlisi; ngokuba uNkulunkulu uthe kimi: aUfana noZelwe Yedwa wami.

17 Futhi wabuye wanginika imiyalelo ngesikhathi engibizela aesihlahleni esivuthayo, ethi: bBiza uNkulunkulu egameni loZelwe Yedwa wami, futhi ungikhonze.

18 Futhi phezu kwalokho uMose wathi: Ngeke ngiyeke ukubiza uNkulunkulu, nginezinye izinto engifuna ukuzibuza kuye: ngokuba inkazimulo yakhe ibiphezu kwami, ngalokho-ke ngingahlukanisa phakathi kwakhe nawe. Suka lapha, Sathane.

19 Manje, ngesikhathi uMose esesho lamazwi, uSathane wakhala ngezwi elikhulu, futhi waklabalasa emhlabeni, futhi wayala, ethi: Ngingo aZelwe Yedwa, ngikhonze.

20 Futhi kwenzeka ukuthi uMose waqala ukwesaba kakhulu; futhi ngesikhathi eseqala ukwesaba, wabona ububi besi ahogo. Nokho, bebiza uNkulunkulu, wafumana amandla, futhi wayala, ethi: Suka kimi, Sathane, ngokuba yiloNkulunkulu yedwa engizomkhonza, okunguNkulunkulu wenkazimulo.

21 Manje auSathane waqala ukuqhaqhazela, nomhlaba wazamazama; noMose wathola amandla, futhi wabiza uNkulunkulu, ethi: Egameni loZelwe Yedwa, suka lapha, Sathane.

22 Futhi kwenzeka ukuthi uSathane wakhala ngezwi elikhulu, ngokukhala, nokulila, noku agedla kwamazinyo; futhi wasuka lapho, ngisho naphambi kukaMose, kangangoba akabange esambona.

23 Manje uMose wafakaza ngalokhu; kodwa ngenxa yobubi akwaziwa phakathi kwabantwana babantu.

24 Futhi kwenzeka ukuthi ngesikhathi uSathane esesukile phambi kukaMose, ukuthi uMose waphakamisela amehlo akhe ezulwini, egcwaliswe ngo aMoya oNgcwele, ofakaza ngoBaba neNdodana;

25 Futhi ebiza igama likaNkulunkulu, waphinde wabona inkazimulo yakhe, ngokuba yayisiphezu kwakhe; futhi wezwa izwi, lithi: Ubusisiwe, Mose, ngokuba mina, uMninimandla Onke, ngikukhethile, futhi uyokwenziwa ube namandla kuna amanzi amaningi; ngokuba ayowuhlonipha bumyalelo wakho kube sengathi ungu cNkulunkulu.

26 Futhi bheka, nginawe, ngisho kuze kube sekuphelene kwezinsuku zakho; ngokuba uyo akhulula abantu bami kubo bubugqili, ngisho cu-Israyeli dokhethiweyo wami.

27 Futhi kwenzeka, ngesikhathi izwi lisakhuluma, uMose waphonsa amehlo akhe futhi awabona umhlaba, yebo, ngisho wonke, futhi kwakungekho nokuncane kwawo angakubonanga, ewubona ngoMoya kaNkulunkulu.

28 Futhi wabona abantu abahlala kuwo, futhi kwakungekho muntu angambonanga; futhi wayebabona ngoMoya kaNkulunkulu; futhi inani labo lali likhulu, ngisho bengabaleki njengesihlabathi phezu kosebe lolwandle.

29 Futhi wabona izindawo eziningi; futhi indawo ngayinye yayibizwa angezwe, futhi kwakukhona abantu ebusweni bezwe ngalinye.

30 Futhi kwenzeka ukuthi uMose wabiza uNkulunkulu, ethi: Ngitshele, ngiyakucela, kungani lezi zinto zinjena, futhi wazenza ngani na?

31 Futhi bheka, inkazimulo yeNkosi yayiphezu kukaMose, kangangoba uMose wama phambi kukaNkulunkulu, futhi wakhuluma naye aubuso nobuso. Futhi iNkosi uNkulunkulu yathi kuMose: Ukuze ngifeze binhloso yami ngenze lezi zinto. Nakhu ukuhlakanipha futhi kuhleli kimi.

32 Futhi angezwi lamandla ami, ngizidalile, okuyiNdodana yami eZelwe Yodwa, egcwele bumusa ne cqiniso.

33 Futhi aimihlaba engabaleki ngiyi bdalile; futhi nayo ngiyidalele inhloso yami; futhi ngeNdodana ngiyidalile, okungo cZelwe Yedwa wami.

34 Futhi aumuntu wokuqala kubantu bonke ngambiza ngo-bAdamu, okungukuthi cabaningi.

35 Kodwa yindaba yalomhlaba kuphela, nabantu bawo, engikunika yona. Ngokuba bheka, miningi imihlaba eseyadlula ngezwi lamandla ami. Futhi miningi esamile namanje, futhi ayibaleki kumuntu; kodwa zonke izinto zibaliwe kimi, ngokuba zingezami futhi angiyazazi.

36 Futhi kwenzeka ukuthi uMose wakhuluma neNkosi, wathi: Yiba nomusa encekwini yakho, O Nkulunkulu, futhi ungitshele ngokuphathelene nalomhlaba, nabantu bawo, futhi nangamazulu, futhi emva kwalokho inceku yakho izogculiseka.

37 Futhi iNkosi uNkulunkulu yakhuluma kuMose, yathi: aAmazulu, maningi, futhi ngeke abaleka kumuntu; kodwa ayabaleka kimi, ngokuba angawami.

38 Futhi njengoba umhlaba omunye uyodlula, namazulu awo kanjalo-ke nomunye uyoza; futhi akukho asiphetho emisebenzini yami, nasemazwini ami.

39 Ngokuba bheka, lokhu kungu amsebenzi wami ne bnkazimulo yami—ukufeza cukungafi no dkuphila okuphakade komuntu.

40 Manje, Mose, ndodana yami, ngizokhuluma kuwe ngokuphathelene nalomhlaba ome phezu kwawo; futhi uzozi abhala izinto engizozikhuluma.

41 Futhi ngosuku lapho abantwana babantu beyolibuka izwi lami njengeze futhi abasuse amaningi encwadini oyoyibhala, bheka, ngiyokhetha omunye bofana nawe; futhi cayophinda abekhona phakathi kwabantwana babantu—phakathi kwabo bonke abayokholwa.

42 (Lawamazwi aakhulunywa kuMose entabeni, igama layo elingeke laziwe phakathi kwabantwana babantu. Manje asekhulunywa kuwe. Ungawatshengisi muntu ngaphandle kwalabo abakholwayo. Ngisho kanjalo. Amen.)