ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 21


Isahluko 21

Abantu baLimihi bayashaywa futhi bayehlulwa ngamaLamani—Abantu baLimihi bahlangana no-Amoni futhi bayaphenduka—Batshela u-Amoni ngezingcwephe ezingamashumi amabili nane zamaJarede. Cishe ngonyaka we 122 kuya kowe 121 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Futhi kwenzeka ukuthi uLimihi kanye nabantu bakhe babuyela edolobheni lakwaNefi, futhi baqala ukuhlala ezweni ngokuthula futhi.

2 Futhi kwenzeka ukuthi emva kwezinsuku eziningi amaLamani aqala futhi ukuthi aphehlelwe entukuthelweni ngokumelene namaNefi, futhi aqala ukuza emingceleni yezwe elizungezile.

3 Manje ayengeke alokothe ababulale, ngenxa yesifungo inkosi yawo eyayisenze kuLimihi; kodwa ayebashaya aezihlathini zabo, futhi asebenzise igunya phezu kwabo; futhi aqala ukubeka bimithwalo esindayo emihlane yabo, futhi bebaqhuba njengembongolo engezwa—

4 Yebo, konke lokhu kwenziwa ukuze izwi leNkosi ligcwaliseke.

5 Manje izinkathazo zamaNefi zazizinkulu, futhi kwakungekho ndlela yokuthi bangazikhulula ezandleni zawo, ngokuba amaLamani ayebazungeze macala onke.

6 Futhi kwenzeka ukuthi abantu baqala ukuvungama enkosini ngenxa yezinkathazo zabo; futhi baqala ukuthi babe nesifiso sokuthi bahambe bayolwa nawo. Futhi nempela bayikhathaza kakhulu inkosi ngezikhalo zabo; ngakho-ke yabavumela ukuthi benze njengokwezifiso zabo.

7 Futhi baphinda babuthana ndawonye, futhi bahloma izikhali zabo, futhi bahamba bayolwa namaLamani ukuze bawabalekise bawakhiphe ezweni labo.

8 Futhi kwenzeka ukuthi amaLamani nempela abashaya, futhi ababalekisa abaphindisela emuva, futhi abulala abaningi babo.

9 Manje kwaba khona aukukhala okukhulu kanye nesililo phakathi kwabantu baLimihi, umfelokazi ekhalela umyeni wakhe, indodana nendodakazi bekhalela uyise, nabafowabo bekhalela abanewabo.

10 Manje kwasekukhona abafelokazi abaningi kakhulu ezweni, futhi nempela bakhala kakhulu usuku nosuku, ngokuba ukwesaba okukhulu amaLamani kwakuphezu kwabo.

11 Futhi kwenzeka ukuthi ukukhala kwabo okungapheliyo nempela kwabaphehla ababesasele babantu baLimihi ukuthi bathukuthele ngokumelene namaLamani; futhi bahamba futhi bayolwa, kodwa babalekiswa baphindiselwa emuva futhi, belahlekelwe kakhulu.

12 Yebo, bahamba futhi ngisho nangokwesithathu, futhi balahlekelwa njengasekuqaleni; futhi labo ababengabulawanga baphinda babuyela edolobheni lakwaNefi.

13 Futhi nempela bazithoba ngisho nasothulini, baziletha kulo ijoka lobugqili, bazinikela ukuthi bashaywe, nokuthi babalekiswe baye emuva naphambili, futhi bahlushwe, njengokuthanda kwezitha zabo.

14 Futhi nempela abazehlisa ngisho nasekujuleni kokuzithoba; futhi bakhala kakhulu kuNkulunkulu; yebo, ngisho nangobude bosuku lonke bakhala kuNkulunkulu wabo ukuthi abakhulule baphume ezinkathazweni zabo.

15 Manje iNkosi ayephuza ukuzwa ukukhala kwabo ngenxa yobubi babo; nokho iNkosi nempela yakuzwa ukukhala kwabo, futhi yaqala ukuthambisa izinhliziyo zamaLamani kangangokuthi aqala ukuyenza ibe lula imithwalo yabo; nokho iNkosi ayibonanga kufanele ukuthi ibakhulule ebugqilini.

16 Futhi kwenzeka ukuthi baqala ukuphumelela kancane kancane ezweni, futhi baqala ukukhulisa okusanhlamvu kwaba kuningi, kanye nemihlambi yezimvu, kanye nemihlambi yezinkomo, kangangokuthi abahlushwanga yindlala.

17 Manje kwakukhona isibalo esikhulu sabafazi, esingaphezulu kunaleso samadoda; ngakho-ke inkosi uLimihi yayala ukuthi wonke amadoda amawaphe ukuze bkondliwe abafelokazi kanye nabantwana babo, ukuze nabo bangabhujiswa yindlala; futhi lokhu akwenza ngenxa yesibalo esikhulu sabo esasibulewe.

18 Manje abantu baLimihi bazigcina bendawonye beyiqoqwana kanjengokuba kwakungahle kwenzeke, futhi bavikela okusanhlamvu kwabo kanye nemihlambi yabo;

19 Futhi nenkosi uqobo lwayo ayizethembanga uma ingaphandle kwezindonga zedolobha, ngaphandle kokuthi ithathe abalindi bayo nayo, ngokwesaba ukuthi ngandlela thize ingawela ezandleni zamaLamani.

20 Futhi yenza ukuthi abantu bayo baqaphe izwe lonke elizungezile, ukuze ngandlela thize babambe labo baphristi ababalekela ehlane, ababentshontshe aamadodakazi amaLamani, futhi ababedale ukuthi kube khona imbubhiso enkulu kangaka phezu kwabo.

21 Ngokuba babenesifiso sokuthi bababambe ukuze babajezise; ngokuba babeze ezweni likaNefi ngobusuku, futhi bathwala okusanhlamvu kwabo kanye nokuningi kwezinto zabo eziyigugu; ngakho-ke bahlala babalinda.

22 Futhi kwenzeka ukuthi akubange kusaba khona ukuphazamisana phakathi kwamaLamani kanye nabantu baLimihi, kwaze kwaba ngisho nangesikhathi u-aAmoni kanye nabafowabo befika ezweni.

23 Futhi inkosi kade ingaphandle kwamasango edolobha kanye nabalindi bayo, yathola u-Amoni kanye nabafowabo; futhi icabanga ukuthi babengabaphristi baNowa ngakho-ke yenza ukuthi babanjwe, baboshwe, baphonswe aetilongweni. Futhi ukuba babengabaphristi baNowa yayizokwenza ukuthi babulawe.

24 Kodwa ngesikhathi ithola ukuthi babengebona, nokuthi babengabafowabo, futhi babephuma ezweni lakwaZarahemla, yagcwala injabulo enkulu kakhulu.

25 Manje inkosi uLimihi yayithumele, ngaphambi kokufika kuka-Amoni, aidlanzana lamadoda bukuyofuna izwe lakwaZarahemla; kodwa awakwazanga ukulithola, futhi alahleka ehlane.

26 Nokho, athola izwe elalikade linabantu; yebo, izwe elalimbozwe angamathambo omileyo; yebo, izwe elalikade linabantu futhi elalibhujisiwe; futhi bona, becabanga ukuthi kwakuyilo izwe lakwaZarahemla babuyela ezweni lakwaNefi, befike emingceleni yezwe kungezinsuku eziningi phambi kokuthi kufike u-Amoni.

27 Futhi beza nombhalo, ngisho umbhalo walabo bantu amathambo abo ababewatholile; futhi wawuqoshwe ezingcwepheni zensimbi.

28 Manje uLimihi waphinda wagcwala injabulo ekwazini ngomlomo ka-Amoni ukuthi inkosi uMosiya awayenesiphiwo esivela kuNkulunkulu, ngaso ayengakwazi ukuhumusha imiqopho enjena; yebo, futhi u-Amoni ngokunjalo naye nempela wathokoza.

29 Nokho u-Amoni kanye nabafowabo bagcwala ukudabuka ngenxa yokuthi abaningi kakhulu babafowabo babebulewe.

30 Futhi ngokunjalo nokuthi inkosi uNowa kanye nabaphristi bakhe babenze abantu ukuthi benze izono kanye nobubi obuningi kangaka ngokumelene noNkulunkulu; futhi phezu kwalokho bakhala angokufa kuka-Abinadi; futhi ngokunjalo bnangokuhamba kuka-Alima kanye nalabo bantu abahamba naye, ababesungule ibandla likaNkulunkulu ngokuqina kanye nangamandla kaNkulunkulu, kanye nokholo emazwini ayekhulunywe ngu-Abinadi.

31 Yebo, nempela bakhala ngokuhamba kwabo, ngokuba babengazi lapho babebalekele khona. Manje ngabe bahlanganyela nabo ngokuthokoza, ngokuba nabo base bengene esivumelwaneni noNkulunkulu ukuthi bamsebenzele futhi bagcine imiyalelo yakhe.

32 Manje kusukela ngokufika kuka-Amoni, inkosi uLimihi nayo ngokunjalo yangena esivumelwaneni noNkulunkulu, futhi ngokunjalo nabaningi babantu bayo; ukuthi bamsebenzele futhi bagcine imiyalelo yakhe.

33 Futhi kwenzeka ukuthi inkosi uLimihi kanye nabaningi babantu bakhe babenesifiso sokubhabhadiswa; kodwa kwakungekho namunye kulelizwe aowayenegunya elivela kuNkulunkulu. Futhi u-Amoni wenqaba ukukwenza lokhu, ngokuba wayezibona njengenceku engafanelekile.

34 Ngakho-ke abazange ngaleso sikhathi bazihlanganise babe yibandla, belinde uMoya weNkosi. Manje babenesifiso sokuthi babe ngisho nanjengo-Alima kanye nabafowabo, ababebalekele ehlane.

35 Babenesifiso sokuthi babhabhadiswe kube yisibonakaliso kanye nobufakazi bokuthi babezimisele ukusebenzela uNkulunkulu ngazo zonke izinhliziyo zabo; nokho baselula isikhathi; futhi indaba yokubhabhadiswa kwabo aizonikwa emva kwalokhu.

36 Manje yonke imizamo ka-Amoni nabantu bakhe, nenkosi uLimihi kanye nabantu bayo, kwakungukuthi bazikhulule baphume ezandleni zamaLamani kanye nasebugqilini.