ImiBhalo eNgcwele
Mosiya 14


Isahluko 14

U-Isaya ukhuluma njengomesiya—Ukwehliswa isithunzi kanye nokuhlupheka kukaMesiya kuyashiwo—Wenza umphefumulo Wakhe ube ngumnikelo wesono futhi uncengela izoni—Qhathanisa no-Isaya 53. Cishe ngonyaka we 148 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu.

1 Yebo, ngisho u-Isaya akashongo yini ukuthi: Ngubani okholwe wumbiko wethu, futhi ingalo yeNkosi yambulelwe bani na?

2 Ngokuba uyokhula phambi kwakhe njengesitshalo esintekenteke, futhi nanjengempande ephuma emhlabathini owomileyo; akanasimo noma nakubukeka; futhi ngesikhathi sesimbona akukho buhle esiyobe sibufuna ukuze simthande.

3 Udelelwe futhi wenqatshwa ngabantu; umuntu wokudabuka, futhi owaziyo ngosizi; futhi sibucashisile ubuso bethu kuye; wadelelwa, futhi asimazisanga.

4 Ngempela auzithwalile bizinsizi zethu, futhi wakutshatha nokudabuka kwethu; kodwa thina nempela sithe ujezisiwe, ushaywe nguNkulunkulu, futhi uhlushiwe.

5 Kodwa walinyazwa ngenxa ayeziphambeko zethu, futhi wahuzulwa ngenxa yobubi bethu; isijeziso esiletha ukuthula kithi sasiphezu kwakhe; futhi ngemivimbo yakhe bsiphilisiwe.

6 Sonke, asinjengezimvu, sidukile; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe; futhi iNkosi yehlisele kuye ububi bethu sonke.

7 Wacindezelwa, futhi wahlushwa, kodwa aakawuvulanga umlomo wakhe; ulethwa bnjengemvana ekuhlatshweni, nanjengemvu phambi kwabagundi bayo iyisimungulu kanjalo akawuvulanga umlomo wakhe.

8 Wakhishwa etilongweni kanye nasekwahlulelweni; futhi ngubani oyomemezela isizukulwane sakhe na? Ngokuba wabulawa waphuma ezweni labaphilayo; ngenxa yeziphambeko zabantu bami washaywa.

9 Futhi walibeka ithuna lakhe kanye nababi, futhi kanye anesicebi ekufeni kwakhe; nakuba yena engenzanga bbubi, noma kungekho nankohliso emlonyeni wakhe.

10 Nokho kwayijabulisa iNkosi ukumhuzula; yamfaka osizini; uma ungenza umphefumulo wakhe umnikelo wesono yena uyoyibona ainzalo yakhe, uyozelula izinsuku zakhe, futhi intando yeNkosi iyophumelela esandleni sakhe.

11 Uyokubona ubuhlungu bomphefumulo wakhe, futhi uyokwaneliseka; ngolwazi lwakhe inceku yami elungileyo iyobathola bengenacala abaningi; ngokuba auyobuthwala ububi babo.

12 Ngakho-ke ngizomabela inxenye kanye nabakhulu, futhi uyohlukanisa impango nabanamandla; ngokuba uwuthululile umphefumulo wakhe ekufeni; futhi wabalwa kanye nezoni; futhi wazithwala izono zabaningi, futhi awazincengela izoni.