Scripture Stories
U-Alima, u-Amuleki, noZeziromu


“U-Alima, u-Amuleki, noZeziromu,” Izindaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

U-Alima 4–12

U-Alima, u-Amuleki, noZeziromu

Ukukhetha ukukholelwa kuNkulunkulu nokumlalela

Isithombe
U-Alima ehlaselwa ngabantu

U-Alima wabona ukuthi maningi amalungu eBandla ayengayilaleli imiyalelo kaNkulunkulu. Ngakho-ke u-Alima wahamba idolobha nedolobha efundisa izwi likaNkulunkulu. Baningi abantu abaguquka. U-Alima wasefika edolobheni elalibizwa ngokuthi i-Amoniha. Abantu balaphaya abamulalelanga. Bamufela ngamathe futhi bamxosha edolobheni.

U-Alima 4:11–20; 5–7; 8:1–13

Isithombe
ingelosi ikhuluma no-Alima

U-Alima wayedangele ngenkathi eshiya idolobha. Wayekhathazekile ngabantu. Kwase kufika ingelosi kuye. Ingelosi yathi u-Alima angajabula ngoba wamlalela uNkulunkulu. Ingelosi yatshela u-Alima ukuba abuyele edolobheni ayoxwayisa abantu. Uma bengaguquki, babezokubhujiswa. U-Alima wabuyela emuva ngokushesha.

U-Alima 8:14–18

Isithombe
U-Alima ekhuluma no-Amuleki

Lapho u-Alima efika edolobheni, wayefa indlala. Wayekade ezile ukudla izinsuku eziningi. U-Alima wacela indoda eyayibizwa ngo-Amuleki ukudla.

U-Alima 8:19, 26

Isithombe
U-Amuleki emema u-Alima ngaphakathi

U-Amuleki watshela u-Alima ngombono awubona. Kulombono, ingelosi yatshela u-Amuleki ukuthi u-Alima wayengumphrofethi kaNkulunkulu. U-Amuleki wayefuna ukusiza u-Alima.

U-Alima 8:20

Isithombe
U-Alima ebingelela umndeni ka-Amuleki

U-Amuleki wayisa u-Alima emzini wakhe futhi wamupha ukudla ukuba adle. U-Alima wahlala emzini ka-Amuleki izinsuku eziningi. UNkulunkulu wabusisa u-Amuleki nomndeni wakhe. Emva kwesikhathi, uNkulunkulu watshela u-Alima no-Amuleki ukuthi batshele abantu ukuba baphenduke. U-Alima no-Amuleki balalela. UNkulunkulu wabapha amandla Akhe ukubasiza ukuba bafundise.

U-Alima 8:21–32; 9–13

Isithombe
UZeziromu enikela ngemali

Omunye wabantu owabezwa befundisa wayebizwa ngoZeziromu. Wayekhaliphile futhi efuna ukukhohlisa u-Alima no-Amuleki. UZeziromu watshela u-Amuleki ukuthi wayezomnika imali eningi uma ethi uNkulunkulu akekho. Wayefuna ukuba u-Amuleki aqambe amanga khona abantu bengeke bakholwe yilokhu okwakufundiswa u-Amuleki no-Alima.

U-Alima 10:29–32; 11:21–25; 12:4–6

Isithombe
U-Alima no-Amuleki bekhuluma noZeziromu

Kepha u-Amuleki wayengeke aqambe amanga ngoNkulunkulu. Washo ukuthi uNkulunkulu ukhona. U-Amuleki no-Alima babeyazi imicabango kaZeziromu. UZeziromu wamangala futhi wabuza imibuzo emningi. Bafundisa uZeziromu ukuthi uNkulunkulu unohlelo ngabantu bonke. UZeziromu wakukholwa lokhu okwakufundiswa ngu-Alima no-Amuleki mayelana noNkulunkulu noJesu Kristu.

U-Alima 11:23–46; 12:1–18, 24–34; 14:6–7; 15:6–7

Isithombe
UZeziromu ehamba no-Alima no-Amuleki

UZeziromu wayedabuka kakhulu ngenxa yezinto ezimbi ayezenza. Wagula. U-Alima no-Amuleki bamuvakashela. U-Alima wathi uZeziromu wayengaphiliswa ngenxa yokholo lukaZeziromu kuJesu. U-Alima wacela uNkulunkulu ukuba amuphilise. UZeziromu wagxuma wama ngezinyawo. Wayelashiwe! Wabhabhadiswa futhi wafundisa abantu impilo yakhe konke.

U-Alima 15:1–12; 31:6, 32