Scripture Stories
UJakobe noSheremi


“UJakobe noSheremi,” IziNdaba zeNcwadi kaMormoni (2023)

Jakobe 7

UJakobe noSheremi

Ubufakazi bomprofethi ngoJesu Kristu

Isithombe
UJesu efundisa abantwana

UJakobe wayengumprofethi owabona uJesu Kristu. Wayefuna abantu ukuba bakholelwe kuJesu. UJakobe wafundisa abantu ukuba bakholelwe kuKristu. Wasebenza kanzima ukufundisa abantu ngoJesu.

2 Nefi 11:2–3; Jakobe 1:1–8, 17–19

Isithombe
uSheremi ekhuluma nabantu

Ngolunye usuku, indoda eyayibizwa ngoSheremi yaqala ukufundisa abantu. Kepha uSheremi wafundisa abantu ukuthi uJesu akekho. USheremi wayephiwe ekukhulumeni, futhi amaNefi amaningi awakholwa amazwi akhe. Ngenxa yakhe, abantu abaningi bayeka ukukholelwa kuJesu. USheremi wayefuna noJakobe ayeke ukukholelwa kuJesu.

Jakobe 7:1–5

Isithombe
USheremi ekhuluma futhi ekhomba uJakobe

USheremi wathi akekho ongaba nolwazi lokuthi kungenzakalani kusasa. Wathi lokhu kusho ukuthi akekho ongaba nolwazi lokhuthi uJesu ukhona, ngoba uJesu wayengakafiki emhlabeni. Kepha uJakobe wathi imibhalo engcwele nabaprofethi bafundisa ngoJesu. UNkulunkulu wamubonisa uJakobe ukuthi uJesu wayezofika emhlabeni.

Jakobe 7:6–12

Isithombe
uSheremi ekhuluma futhi esineka

USheremi wayengafuni ukukholwa nokho. Wayefuna uJakobe amkhombise uphawu ukuthi uJesu ukhona.

Jakobe 7:13

Isithombe
UJakobe ephakamisa isandla

UJakobe wathi uSheremi wayazi ukuthi uJesu wayezoza futhi wayengaludingi uphawu. Kepha uJakobe wathi uNkulunkulu wayezokwenza uSheremi aquleke ukubonisa ukuthi uNkulunkulu unamandla nokuthi uJesu ukhona.

Jakobe 7:14

Isithombe
USheremi wawa ngamadolo eduze.nabantu

Ngesidumo, uSheremi wagula wasewela phansi. Emva kwezinsuku eziningi, wayazi ukuba wayezofa. Watshela abantu ukuba wayekhohliswe uSathane. Wathi waqambela uNkulunkulu amanga. Wayazi sonke lesikhathi ukuthi uJesu wayekhona. USheremi wafa. Abantu bafunda imibhalo engcwele futhi bakholelwa kuJesu.

Jakobe 7:15–23